zulu.2874.legaldec
INKINGA: Ngenza umsebenzi wokuqondisa izigwegwe kwabanye abasebenzi. Abaqashi bami baye bafune ukuba ngithathe izinyathelo ezinqala ngiqinise isandla. Ngabe lo msebenzi kufanele ngiwenze kanjani- Ngizosithokozela iseluleko senu.
ISELULEKO SOFEZELA:
Izinto zokuqala okufanele uzikhumbule ezihambisana nesibopho segunya lomsebenzi wakho yilezi:
Qiniseka ukuthi umsebenzi wakho uwenza ngokwethembeka ukuze nomqashi wakho agculiseke;
Ngaso sonke isikhathi kufanele uhlale ungumvikeli wabo bonke abasebenzi enkampanini.
Lezi ngezinye zezinto ezingenza umsebenzi wakho ube nzima.
Manje ake sibheke ukungaziphathi kahle emsebenzini. Kulokhu inkampani kubili engakhetha kukhona - ukuba izame ukuxazulula inkinga noma iqhubeke nokuqondisa izigwegwe nokungaba nomphumela wokuxoshwa komsebenzi.
Imibuzo ebaluleke kakhulu okufanele uzibuze yona ngaphambi kokuthatha isinqumo, yilena:
t Ngabe udaba lubhekisiswe kabanzi nokuthi kukhona yini okubhalwe phansi kwabo bonke ofakazi ngokungaziphathi ngendlela evumelekile-
t Ngabe izitatimende ezibhaliwe zaqale zafundwa zaqhathaniswa ukuze kutholakale ubumsulwa beqiniso-
t Ngabe umsebenzi obekwe icala wasenza isitatimende lapho echaza ngokungaziphathi kwakhe kahle- Ngabe ifayeli yakhe yabhekwa ngenhloso yokucubungula amarekhodi akhe-
t Ngabe inhloso yomqashi wukuba aqhubeke nokubeka umsebenzi icala noma kudingeka ukuba kutholakale izindlela zokusombulula inkinga-
t Ngabe umqashi uke wazama ukukuphoqelela ukuba uthathe isinqumo-
t Ngabe umqashi uvumela ingcindezi yokucasuka ukuba kube yiyo emqhubela ekutheni athathe isinqumo-
Ungathathi isinqumo noma isinyathelo kuze kube le mibuzo uyicabangisisa kahle. Inkampani izokumelwa wummmeli noma umuntu oyi-labour consultant. Mshayele ucingo - uzokuthokozela ukuzwa umbono wakho.
Ngokuzayo siyodingida eyokubonisana nenze isivumelwano esithile kunokuqhubeka nokulalelwa kwecala.[z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU - December 2007
uthini umthetho
Ukubhekana nokuqondiswa kwezigwegwe emsebenzini (1)
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
