Zulu.1243.lettersep
Incwadi ewine kule nyanga izowina iMotorola W230 music-phone ebiza-R700!
YIBA MotoSharp-Sharp ngeMotorola entsha eyi-W230 music-phone okwazi ukuba uzikhethele umculo ngayo. Ungarekhoda kusukela kwi-FM radio yakho eyakhelwe khona noma ulalele kwi-1GB MP3 player enezingoma ezifika ku-300.
Yini sidinga ukuzinikela kakhulu
Abantu baseSouth Africa abanakho ukuzinikela kwabakwenzayo. Okokuqala sinabantu abaningi abashiya isikole phakathi okungabakhathazi nakancane ukuthi bathole imfundo.
Kodwa nabantu abadala abasona isibonelo esihle. Ukuze ubone ukungazinikeli kwabo, bheka ukwenyuka kwamazinga okudivosa. Emva kwalokho balahla noma bahlukumeze izingane.
Ukube sizinikele ekuphileni impilo enhle, ukuze kusimame izwe lethu - amaphoyisa ngabe awakuvumeli ukugwazelwa, osopolitiki ngeke bahambisana nenkohlakalo bese sonke sivuselela ubuntu. Ngaleyo ndlela izwe laseSouth Africa liyoba yizwe elingcono.
BB, Ogies
Ziqhenye ngolimi lwakho
Ziqhenye uzigqaje ngolimi lwakho.
Ziqhenye futhi ngoyikho, ngebala lakho. Alukho ulimi olungcono noma lwabantu abangcono kunabanye. Zonke izilimi ziyalingana.
Uma wesaba ukukhuluma ulimi lwakho, unamahloni ngalo, uzakhela ijele ngokwakho.
Venus Maluleke, Soshanguve
Singabunqoba ubuphofu
Ukuzalwa uhlupheka ungenalutho, akusho ukuthi sekufanele ukuthi ufe uhlupheka. Ngikhuluma nabo bonke abantu baseSouth Africa abazithola bekulesi simo. Unomqondo, unezandla - ngakhoke ungazenzela noma yini. Kufanele ube nezinhloso - njengokuqeda esikoleni kube khona ophumelela kukhona.
Siyabulela Mpikwa, Polar Park
Wina ngoBONA
Ngithanda ukubonga abasebenzi bakwaBONA ngayo yonke imincintiswano, imititilizo nama-blockpuzzles.
Ngingenela konke, yingakho ngibhala ukukhuthaza abanye abafundi ukuba nabo benze lokho ngoba ngeke bawine uma bengayingeneli.
Ngiyazi ukuthi ngikhuluma ngani. Ngiyingenela njalo - futhi ngihlale ngiwina.
Ngiyabonga BONA.
NK, Pretoria
Hloniphani abadala
Abantu abaningi bakuleli ababahloniphi abantu abadala. Laba bantu bangabazali bethu kanti badinga thina ukuba sibanakekele. Asibakhombiseni uthando sibalalele ngoba banobuhlakani obumangalisayo abangasicobelela kona.
Mamabolo Mabotsha, Pretoria
Kwenzekani?
Sasiyisibonelo esihle emhlabeni, kodwa manje uhulumeni wethu usufana nesekisi loqobo. Kufanele senze okuthile ngalokhu ukuze sibuyise lowo ‘mlingo kaMadiba’.
Eddy Ngomise, Homestead
Hlengani izikole zethu
Isikole yindawo yokufundela hhayi yokulwa kodwa izingane zethu aziphephile. Ngithanda ukucela ungqongqoshe wezemfundo ukuba kube khona akwenzayo ngodlame nokwesatshiswa ezikoleni zethu.
Kungasijabulisa ukubona izingane zethu zihlome ngezincwadi namapeni kunemimmese nezibhamu.
Rantlo Mlangeni, Sebokeng
Tadishani
Ngiyasebenza ngiyafunda nokuyinto engangithokozisa uma bonke abantu beyenza. Siyohloma ngolwazi uma sibambelela emfundweni.
Koena Kubjana, e-mail
Akuvumelekile
Okwenzeka ezindaweni zethu ezisemaphandleni akuvumelekile neze. Uma iSouth Africa ifuna ukubulala ubandlululo, kufanele ibulale izimpande zalo ngokuba kuhlwayelwe amaphoyisa amaningi ezindaweni zasemaphandleni.
Kulapho izigebengu zethu zakhuliswa khona, zakwazi ngisho nokubaleka ngoba ziyazi ukuthi akekho onakile khona.
MN, Greytown
Masingazibeki engcupheni
Izingane akumele ziye ocansini ngaphandle kwamakhondomu. Kungcono zingayi kwanhlobo. Akuvumelekile neze ukuba abantu babe nophathini abehlukene abaya nabo ocansini.
Ukwedlula lokhu, sizibeka engcupheni yokuphathwa yi-AIDS.
MM, Ladybrand
Amazwe amabili, inkinga efanayo
Ungacabangi ukuthi uwedwa South Africa. Singomakhelwane kanti nathi sihlushwa wubugebengu. Uma ufunda amaphepha noma uvula iTV uzwa kukhalwa ngobugebengu eNamibia - kusukela odlameni olubhekiswe kwabesimame nezingane kuya ekubulaweni kwabantu bekhuthuzwa.
Siyolwa nini nalokhu sixoshe nezigebengu?
Alert Bampton, Walvisbay[z]
IziNcwadi
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
• fax: 031-912-2720 • e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Yisikhathi sokuba sithi “Sekwanele!”
Amazwi obuhlakani omuntu ona-14…
AWUKHATHELE wukuzwa abantu bekhalaza? Ayi, mina ngikhathele. Sekuyisikhathi sokuthi sithi ‘sekwanele’.
Yini eyenza abantu bahlebe ngabanye? Lena ngenye indlela yokukhalaza uma uyicabanga - ukukhuluma ngabanye abantu ubadicilela phansi.
Yini oyizuzayo ngokwenza lezi zinto? Abantu baye bacabange ukuthi behlisa isithunzi sakho ngokuhleba ngawe kodwa lokho kukhombisa ubuphukuphuku babo.
Ungakhathazwa wukuthi abantu bathini ngawe ngoba lokho kuzokwenza ungaqhubeki nempilo.
Okubalulekile, wukwakha ikusasa lakho.
Ntombifuthi Nkosi, Vosloorus
►
Uvo Lwakho
Q Ngabe iBafana izobe isiwulindele u-2010?
CHA. “Abadlali bethu abanakho ukuzinikela - into ephambili yimali. Batotoswa kwakhulu! banezinsiza eziphambili ezwenikazi lonke kodwa imiphumela ayibonwa!”
Monica Mahlangu, onguthisha
CHA. “Bayehluleka ukwakha iqembu esingalethemba. I-SAFA kufanele izinuke yona amakhwapha. Konke lokhu kuyiphutha layo ngokungazihleli izinto ngesikhathi.”
Lesego Mongale, wesikhungo sezingcingo
YEBO. “Indlela abadlala ngayo manje ingcono kunasezinyangeni ezedlule. Ngicabanga ukuthi bazoqhubeka badlale kangcono kufike iWorld Cup sebeyilindele.”
Irene Moeng, ongaqashiwe
YEBO. “Ibhola labo selingcono kakhulu. Ngicabanga ukuthi bazobe sebewulungele u-2010. Masimnike ithuba uSantana. Sengathi uyayazi into ayenzayo.”
Mandlenkosi Khumalo, ozisebenzayo
YEBO. “Sisekhona isikhathi sokuzilungiselela. Badinga ukudlala njengeqembu - nokuyinto engabonwa njengamanje Umqeqeshi ongowakuleli angabenzela lukhulu.”
Stanford Mokokota, ongunogada
NO. “I-SAFA ayenzi kahle. Ayithole umqeqeshi wakuleli - umuntu ozinikele ezweni lakhe. Ngicabanga ukuthi abadlali abazinikele ngokwanele ekudlaleleni iqembu lesizwe.”
Sizwe Nkosi, switch engineer
CHA. “Indlela abehlulwa ngayo ichaza ngokusobala ukuthi bayobe bengakakulindeli. Thina sidinga abadlali abazinikele abakwazi ukubambisana eqenjini.”
Vele Kwinda, ongumfundi
YEBO. “Bazobe sebekulungele. Umqeqeshi wabo uyethembisa impela futhi uzinikele. Asimnike ithuba, mhlawumbe bangasimangaza sonke.”
Peter Sibanda, unogada [z]
◄
UKUCWASWA KWABEZIZWE
– okushiwo abafundi bethu…
■ Kuyalulaza ukuthola ukuthi abantu bakuleli bahlasela abafowethu bakwamanye amazwe akwelase-Africa. Abanye bathi abantu abayizifiki kuleli bathatha imisebenzi yabo. Ayikho into enjalo. Laba bantu bazenzela ngokwabo imisebenzi thina sisasonge izandla silindele ukusizwa wuhulumeni.
Mtshali Sandile, Durban
■ Kufanele kwakhiwe imithetho emisha ukulawula ukuthutheleka kwabantu bakwamanye amazwe kuleli njengoba izwe lethu iSouth Africa isibukeka njengomazibuthe wazo zonke izigebengu zase-Africa. Uma kukhulunywa eyabokufika, yinkulu inkohlakalo ethinta iziphathimandla.
Okubuhlungu wukuthi kugxekwa abantu abangenacala ngezenzo zabanye. Okwenzeka ngoMay yinto embi kakhulu - kwakumele sinqandwe lesi simo singakabhebhetheki.
Adam Mazibuko, Emalahleni
■ I-Africa ngeyethu sonke ma-Africa. Ukuhlaselwa kwabokufika kuleli, sekone igama elihle lezwe lethu.
Kufanele sibe namahloni ngezenzo zethu. manje njengoba sesizibona sesikhululekile, sesicabanga ukuthi singcono kunabo bonke abantu.
Ngesikhathi sisenezinkinga, abantu bakithi babebhace emazweni angomakhelwane, kodwa thina sesiyabalahla - size siyabahlasela imbala ngemizamo yokubalimaza. Asiyekeni lento embi.
JM, Jouberton
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU
(DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745;
Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli OMkhulu: Chris Burgess
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe; Neliswa Mzimba
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Barbara Zulu
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
IZINtatheli: Steven Makhanya;
Pule wa Sekano
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000
Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700
Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-8600
Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076
E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith Ucingo: 011-248-3500
Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700
Fax: 011-474-5479
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Busisiwe Motlhasedi
Tel: 011-449-1033
E-mail: busisiwem@caxton.co.za
UKUTHUNYELWA
KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
