zulu.2870.coverstory
U-KB uzibambele mathupha
BAMBIZA ngo “KB” kanti njengoba eneminyaka engu-28 nengane yomfana kanye nenkontileka entsha yokudlala, uKeabetswe Motsilanyane ocula iR&B uselungele ukuthola akufunayo. “Side isikhathi ngingenisela abanye abantu imali. Manje sekusemahlombe ami ukuzakhela imali,” kusho yena.
Isibindi sakhe sibonakala ngisho noma edlala emdlalweni omusha we-etv othi Rhythm City lapho edlala khona indawo kaLucilla.
“Ngiyamthanda uLucilla,” kusho kuvuma yena ngesikhathi sixoxisana naye. Wayemi ngomumo elindele ukuchazela abakwaBONA ngezinhlelo zomsebenzi wakhe.
“U-Lucilla ukhohlakele uthanda ukushayela abantu imithetho kanti awekho amaqhinga angawasebenzisi ukuze kukhale isicathulo sakhe ebhizinisini lokurekhoda eGoli.
“U-Lucilla akaculi kwiRhythm City – uthanda indoda endala eyisicebi enenkampani yokurekhoda.
“Uyazi ukuthi embonini yezomculo uba nesithunzi uma use-boardroom kanti ufuna ukulawula abanye abaculi.”
Umsebenzi wakhe
Lesi sihlabani esasidlala kwiBackstage sabona kusetshenziswa umsebenzi waso njengethuluzi lokungenisela ophrojusa imali.
“Kodwa u-2007 uzoba ngunyaka wami,” kusho yena.
Lokho akusho ukuthi ngonyaka odlule isimo sasisibi kakhulu. Ngo-2006 kwazalwa indodana yakhe uPhala.
“NgangikwiMtunzini.com. ngingasekho kwiBackstage kanti yize noma mina nomyeni wami uTerry sasifuna ukuba nomndeni, ngangingakakucabangi ukukhulelwa,” kusho yena.
“Izingubo engangizigqoka esteji zaqala ukungimpintsha kwadingeka ukuba ngihlehlise uhambo lokuya eNigeria ngoba ngangingakwazi ukuhamba ngebhanoyi.
“Ngangingazi ukuthi ukuba ngumama kungaba nomthelela emsebenzini wami,” kuqhuba yena.
“Ngiyakuthanda ukuba noPhala kanti kudingeka ukuba ngisebenze kakhudlwana ukuze ngikhave isikhathi engisichitha ekhaya. Iningi labaculi lihlala linethezeke libheke ophrojusa ukuba kube yibona ababavulela amathuba. Ngeke ngikwenze lokho.
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukuze amaphupho ami afezeke!”
Izinwele zakhe
Lesi sigaba esisha sempilo kaKB saqala emva kwamasonto amabili indodana yakhe izelwe.
Wadlala indawo ka “KB” owayecula kwi-Aladdin.
“Isisindo somzimba wami sehla ngesikhathi ngizilolonga,” kusho yena. “Ukuzilolongela ukucula esteji kuyindlela enhle yokuzivocavoca.”
Wayehlele ukuba sochungeni olusha lweMtunzini.com. aqophe i-albhamu entsha, agunde nezinwele zakhe ukuze ahambisane nomkhankaso wakhe wesiqedaphunga seCharlie.
Konke lokho kwaphela ngesikhathi evivinyelwa ukudlala indawo kaLucilla.
“U-KB useshintshe kakhulu!” kusho yena.
Ushintsho olukhulu kakhulu luzoba semculweni wakhe.
“Ngangibalwa kubaculi abathathu ababengosaziwayo – kwakunguLebo, uTK noKB. Sasingabangani manje abasekho. Sasifuna ukukhuphula izinga lomculo waseSouth Africa. Manje lokho sekusemahlombe ami.”
Uyakhula
I-albhamu yakhe entsha eyesiLathini kanti kuyona ucula noGbenga waseNigeria odlala ama-percussion.
“Umculo wethu uyadlondlobala ngoba sesibonakala kiMTV sibonwe yizihlabani ezisivakashelayo – nami ngifuna ukuba umculo wami ube sezingeni eliphezulu.”
U-Eve, i-rapper yaseMelika nemenenja yakhe bayawuthanda umculo kaKB kanti bayamkhuthaza ukuba athuthukise i-albhamu yakhe entsha eHollywood.
“Ngingathanda ukuba ngiqale ngibonakale kwiTV lapha ekhaya – ngikhiphe lonke ikhono lami ekuculeni nasekudanseni nokuyizinto engizifunde eminyakeni eyisishiyagalombili edlule.
“Sengimi ngomumo.” [z]
BONA ZULU – August 2007
Manje yithuba lami
lokwakha imali!
Uneminyaka engu-28, usayine inkontileka entsha yeTV kanti uKeabetswe Motsilanyane uselungele ukuba yisihlabani sangempela…
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukuze kufezeke amaphupho ami,” kusho uKB.
Isiketi esi-green ne-wrap: Mosewamosa;
i-top esagolide: YDE; izicathulo: Europa Art
indaba nguDOUG GORDON
isithombe nguPHILIP SCHEDLER
i-styling: nguMARINA WALSH
i-make-up: nguBONGI MLOTSHWA
umdidiyeli: nguJOZIA LOREK
Isithombe esisekhaveni: i-top: YDE; umgexo: Attitude
BONA ZULU – August 2007
