zulu.2869.hair
Izitayela
EZILULA
AKUKUHLE ukubonakala emaphathini wenze isitayela esisodwa njalo ekhanda! Okulula ongakwenza wukukhetha isitayela esisodwa esizokwenza kube lula ukwenza izitayela ezihlukahlukene kusona.
Lokho kuba lula kakhulu uma izinwele zakho zihlangene, zinempilo, ziluliwe - ungenza okwenziwe ngumkhangisi wethu ukhethe ama-extensions e-human hair ngalawa maholidi.
1. Qala phakathi nendawo
Ezinweleni ezixhunywe ama-extensions e-human hair, esitayeleni osenzayo kumele uvule indlela phakathi nendawo. Ungayeka ama-extensions akho ungenzi sitayela kuwona noma usebenzise i-mousse wenze isitayela osithandayo. Sebenzisa imikhiqizo ehlukahlukene ukuze ubukeke ngezindlela ezihlukene - i-mousse ungayifaka kakhulu ukuze ingene kahle ezinweleni noma uyifake iswakamise izinwele ukuze zithambe.
Okunye ongakwenza wukusebenzisa i-flat-iron isitayela sakho sifane nesikaNaomi Campbell noma wenze ama-curls amakhulu amahle ezinweleni ngokusetha izinwele ezimanzi noma ama-extensions ngama-roller uziyeke zome.
2. I-Fringe ikahle
Uma usunesikhathi wenze isitayela esihlukanise izinwele phakathi nendawo, shintsha wenze i-fringe. Cela okucwala izinwele angayigundi ibe mfishane kakhulu. Akayigunde ibe ngenhla kwezinkophe.
3. Phakamisa izinwele
Uba muhle kakhulu uma wenze isitayela esizophakamisa izinwele! Qiniseka ukuthi i-fringe yakho iluliwe uphakamise izinwele ezisele zibheke emuva. Zisonte zibe yi-french roll, uzibophe bese uyazicwebezelisa. Uma ufuna zibukeke zibushelelezi, qiniseka ukuthi i-holding spray ingena nakulezo ezicolisekile.
4. I-pony
Uma kushisa - noma ufuna ukuveza umqala wakho - yenza ama-pony ahlukene. Uma uya ephathini okumele nigqoke niconse kuyona, yenza i-pony uyeke izinwele zilenge eceleni.
Indaba: Faith Seuoe
Izithombe: Ivan Naude
Izinwele/i-make-up: Khosi Mthembu
Umkhangisi: Nancy, G3
Hlakanipha kulawa maholidi wenze isitayela esisodwa ozosishintsha usilungise kalula
IZINWELE
4 izeluleko zokugcina ama-braids akho emahle kuleli hlobo
Uma ungomunye walabo bantu abathanda ukwenza ama-braids ezinweleni ehlobo, sebenzisa lezi zeluleko zikaCarson wakwaSoftSheen ukuze izinwele zakho zihlanzeke, zingaphuki zibukeke zinempilo...
Ungawabophi uwaqinise: ukuwaqinisa kungalimaza izinwele zakho kuzihlehlise ngaphambili.
Nakekela izinwele zakho: swakamisa ama-braids nezinwele zakho zemvelo nsuku zonke nge-braid spray eswakamisa ivuselele izinwele ukuze zikhule kahle. Yihlikihle ekhanda izinsuku ezimbalwa ukuze wondle isikhumba.
Hlala ubukeka kahle: vakashela umcwali wezinwele emva kwamasonto angu-3 ukuze ulungise ama-braids akho.
Qikelela uma usukhipha ama-extensions: swakamisa izinwele ngesiswakamisi esinowoyela.
- Patricia McCracken
