zulu.2866.gogo
Ogogo abafakazela ukuthi iminyaka yomuntu ayisho lutho uma ususenkundleni yebhola...
SIKWETHULELA uSophie Masinge oneminyaka engu-74. Uhlala eMafarana ngaseTzaneen eLimpopo nendodana yakhe, umakoti nabazukulu abahlanu. Ulikhonze kakhulu ibhola empilweni yakhe.
Kodwa ngalokho asiqondile ukuthi kukhona iqembu elithile lebhola angumlandeli walo.
Nakuba esekhule kangaka ugogo, udlala ibhola. Ungumpetha kangangoba abantu bambiza ngo "Jomo Sono."
Ugogo uMasinge uphakathi kogogo abangu-30 abaqala ukudlala ibhola kusukela ngo-2005 kule ndawo.
Bahlangana kanye ngesonto bazilolonge enkundleni ewubhuqu.
Ngesikhathi abakwaBONA befika bezobonana nalezi zintombi ezindala, bathola umqeqeshi weqembu uSam Rikhotso ematasa eqeqesha ogogo.
Wayebahlukanise baba amaqembu amabili azoqhudelana.
Kwakusekuseni kodwa kwakukhona ababezobukela laba badlali. Kwababebukela kwakukhona nabazukulu bogogo.
Babehleka ngesikhathi ogogo bekhahlela babuye bageje ibhola.
Babedlala ngezinyawo kanti kokunye babebuye bawe. Kodwa yinye into eyasikhanyela - bayakuthanda ukudlala ibhola. Umdlalo wabo waphela nge-draw ka-2-2.
"Ngesikhathi sikhipha isimemezelo sokuthi sifuna ukusungula iqembu lebhola labesimame asebekhulile, abanye abantu babethi siyadlala," kusho uRikhotso emva kokuzilolonga kweqembu.
Umkhankaso we "Bhola labantu abadala" eLimpopo ngumkhankaso owasungulwa wumnyango wezempilo nokuthuthukiswa komphakathi njengengxenye yawo ye "Move For Your Health".
Ubagcina bephilile
Lo mkhankaso ukhuthaza abantu abadala, ikakhulu abesimame ukuba badlale ibhola njengendlela yokuzivocavoca. Ngawo kuhloswe ukubagcina bephilile.
Ngokocwaningo, ibhola, njengeminye imidlalo ebandakanya ukugijima nokugxuma, likahle ekuqiniseni amathambo nemisipha.
Akumangalisi ukuzwa ukuthi ogogo baseMafarana abavame ukuya emtholampilo okule ndawo beyohlolwa batholakala bephila kahle.
U-Elisa Mhlarhi uneminyaka engu-60 kanti yena bambiza ngo "Jabu Pule Mahlangu". Naye ugijima njengalo mdlali we-Orlando Pirates abizwa ngaye.
"Ngesikhathi umyeni wami nezingane beqala ukuzwa igama engibizwa ngalo, baphela yinsini," kusho yena.
Ugogo uMhlarhi wayehlushwa yi-high blood pressure. Kodwa manje akasawaphuzi amaphilisi ayo emva kokuba abahlengikazi bathola ukuthi iBP yakhe isikahle.
"Sengingumqemane. Ungathi ngineminyaka engu-20," kusho yena.
Uthi uhlale enomdlandla kanti ukukhuthalele nokwenza imisebenzi yasekhaya enjengokupheka, ukuwasha nokukha amanzi atheze nezinkuni.
Akasajuluki
Ugogo uMunene Mushwana oneminyaka engu-76 uyena omdala kunabo bonke eqenjini. Akasayisebenzisi induku yokudondolozela.
"Angikholwa. Sengiyakwazi ukuhamba ngezinyawo ngiyohola impesheni ngibuyele ekhaya ngaphandle kokujuluka," kusho le ntombi endala.
Iningi labantu abadala eMafarana alisebenzi. Imindeni eminingi iphila ngemali yempesheni.
U-Agnes Mushwana unenhlanhla. Lo mama onezingane ezine wathola umsebenzi wokupakisha izithelo emva kokuba leyo nkampani eyamqasha imhlole yathola ukuthi uphila kahle.
"Ukudlala ibhola kuyishintshile impilo yami. Esikhathini esedlule ngangingaqashwa ngenxa yokuba buthaka empilweni. Ngiyathokoza ngoba manje sengizokwazi ukondla umndeni wami," kusho yena.
U-Peter Mushwana oyikhansela lendawo uthi umphakathi uyabeseka kakhulu ogogo abadlala ibhola.
"Siyaziqhenya ngabo. Baliphakamisile igama lendawo yethu," kusho yena.
Ngesikhathi kubhalwa lolu daba, ogogo babematasa belungiselela uhambo oluya eThohoyandou, indawo eqhele ngamakhilomitha angu-200. Bathola isimemo selinye iqembu labesimame abadala abafuna ukudlala nabo.
Abanye ogogo bazobe beqala ukuthatha uhambo baye kwenye indawo.
"Sizobashaya," kusho uSamaria Mahlo oneminyaka engu-44.[z]
NewsFirst
Badlala bezimelele ngodondolo!
BONA ZULU - July 2007
indaba nezithombe nguNEVILLE MAAKANA/NEWS FIRST
NGENHLA KWESOBUNXELE: Ogogo bedlala.
Ngabe bayithemba leBafana Bafana"
Ogogo bazilolonga kanye ngesonto.
BONA ZULU - July 2007
