zulu.2865.towtrucks (2)
BONA - August 2005
Qaphela lawo maqola ezimoto ezidonsa ezinye!
UHLELI eduze komgwaqo uyaqhaqhazela, kodwa awulimele. Uqhele ngamamitha ambalwa kubahlengi bempilo abamatasa basiza izingane zakho ezikhalayo. Imoto yakho iboqokile eceleni kwezivimba mgwaqo. Izimoto ezinhlanu ezidonsa ezinye sezifikile lapho kwenzeke khona ingozi ngaphambi kokuba amaphoyisa nabahlengi bempilo bafike...
Umshayeli wemoto yokuqala ukutshele ukuthi akuzubiza lutho ukudonswa kwemoto yakho isiwe kuma-panel beaters iyokhandwa ngoba unesivumelwano nenkampani yakho yomshwalensi okuyiyo ezokhokha izindleko.
Ngosuku olulandelayo, kulapho sekuqala izingxaki - usuzama ukufuna imoto yakho. Ushaya ucingo ulushayela bonke abantu abasebenzisa izimoto ezidonsa ezinye abasebhukwini lezingcingo nokuthi emva kwamasonto amathathu ube nenhlanhla - noma ucabange kanjalo.
Uma ufika e-scrapyard lapho imoto yakho ishiywe khona, bakutshela ukuthi izindleko zokudonswa kwayo ngu-R1 850. Ukugcinwa kwayo okungu-R120 ngosuku kukhuphule izindleko zafinyelela ku-R4 370.
Inkampani yakho yomshwalensi ikutshele ukuthi inesivumelwano nabaningi abasebenza ukudonsa ezinye izimoto ebakhokhela R1 200 ngokuvuselela imoto ngayinye nokuyiyona mali ezimisele ngokuyikhokha.
Lowo muntu owayenobubele owezwelana nawe lapho kwenzeka khona ingozi usekhombisa ukuzifunela ibhizinisi. Ukutshela ukuthi imoto yakho izohlala kuyena uze umkhokhele imali yonke, le mali ikhuphuke ngo-R120 ngosuku.
L E ndaba ebuhlungu kangaka yenzeka njalo lapha eSouth Africa noma cishe emhlabeni wonkana. "Abantu engibazwelayo, abangenayo imali, abanezimoto ezingekho ngaphansi komshwalensi," kusho uBrian Bonandrini, ongusihlalo wabeSouth African Towing and Recovery Association (SATRA) eThekwini.
"Abangamaqola abasebenzisa izimoto ezidonsa ezinye, abasho ukuthi izindleko zizoba yimalini, kanti abantu bagcina sebelahlekelwe yizimoto zabo ngoba behluleka wukukhokha.
"Izindleko zokugcinwa kwemoto zingakhuphuka ziye zifinyelele ku-R200 ngosuku, nemoto igcine isithengiswe kwabe-scrapyard ukuze kucwiywe ama-parts."
AbeSATRA bazama konke okusemandleni ukulungisa imboni yezokudonswa kwezimoto, kodwa awukho umthetho ophoqelela izinkampani ezidonsa izimoto ukuba zijoyine le nhlangano.
Ekuqaleni kwalo nyaka, indoda yabanjwa ibulala amarobhothi eRoodepoort yathi abanye babanini bezimoto ezidonsa ezinye bamkhokhela ngalokhu ukuze kusimame ibhizinisi labo ekushayisaneni kwezimoto - nokuyinto ekhombisa ngokusobala ukuthi abanye abantu abanqeni ukwenza into ewubuwula ngoba befuna imali.
Iningi labantu abangathembekile basebenzisana namaphoyisa omgwaqo angamaqola, abaphoqelela abashayeli bezimoto ukuba basebenzise usizo lwezimoto zabangani bawo ekudonseni izimoto ukuze nawo athole okuncane.
Ezinye izinkampani zisebenzisa umthetho wokuthi uma zike zayidonsa imoto, aziyidedeli imali ingakhokhiwe ngokugcwele.
"Into ebaluleke kakhulu okufanele uyikhumbule esikhathini esifana nalesi wukuthi, akekho okufanele akutshele ukuthi imoto yakho kufanele idonswe ngubani," kusho u-Advocate Don Smart, ongumbhali weGuide To Motor Law (SA).
"Ngaphambi kokuba uvumele noma ngubani ukuba adonse imoto yakho, kufanele uthole i-quote ebhalwe ngokucacile ebeka ngokusobala ukuthi lowo msebenzi uzobiza malini, nokuthi imali yokugcina imoto izoqala nini, kube yimalini.
"Uma unomshwalensi kufanele uthole ukuthi ngobani abagunyazwe ukuba benzele leyo nkampani umsebenzi wokudonsa izimoto, lolo lwazi ulugcine.
Ungakholwa muntu othi zonke izindleko zizokhokhwa wumshwalensi wakho."
UBONANDRINI uyavuma. "Kubalulekile ukwazi kahle ukuthi imoto yakho iyiswe kuphi."
"Ukube bengiyikhasimende, bengingathi imoto yami abayidonsele ekhaya lami noma kwenye indawo ephephile ezoshiwo yimi, ngifune ne-quote ebhaliwe ngaphambi kokuba idonswe.
"Njalo ngesizini yamaholidi, ngithola izingcingo eziningi kulabo abachitha amaholidi bengitshela ukuthi bahlangabezane nengozi ngayizolo, bafuna ukwazi ukuthi imoto yabo isejalidini lami yini."
UBonandrini uthi izindleko zokudonsa imoto kuye kufike kumakhilomitha angu-20 kufanele zibe cishe ngu-R250 kuya ku-R300 eThekwini, nakuba lokhu kungaba noshintsho uma imoto ibisengozini yomgwaqo kwadingeka ukuba ilandwe endaweni ebucayi noma ilayishwe kwi-trailer.
Abe-Automobile Association Of South Africa banika amalungu abo usizo lokudonswa mahhala, ngokubambisana kuphela nalabo abadonsa izimoto abagunyaziwe ngokusemthethweni.
"Abanye abashayeli bezimoto ezidonsa ezinye bazokutshela ukuthi banekontileka nabe-AA ekubeni kungenjalo, ngakhoke kufanele ubhekisise ukuthi kunjalo yini," kusho uDon Smart.
Izinkampani zemishwalensi nabakwa-AA zinama-stickers ongawanamathisela emafasiteleni emoto, enqabela noma yibaphi abanye abenza umsebenzi wokudonsa izimoto ukuba bayidonse. Sinamathisele lapho kungelula ukuba sonakale uma kwenzeka ingozi.
Usengcupheni enkulu kakhulu yokuqolwa uma ukude nekhaya.
Ngalesi sizathu kufanele uxhumane nenkampani yakho yomshwalensi, abeSATRA, noma abakwa-AA, njengamanje ucele uhlu lwabantu abaziwayo ongasebenzisana nabo.[z]
BONA ZULU - January 2006
Emva kwengozi, ayikho into oyicabangayo, kodwa uma kuziwa ngasekudonsweni kwemoto yakho, kufanele uhlale uqaphile...
Okubi okwenzeka emigwaqweni yethu!
Yiba nesiqiniseko sokuthi unikwa inani elibhalwe phansi uma uzodonselwa imoto.
BONA ZULU - January 2006
indaba nesithombe nguGAVIN FOSTER
