zulu.2863.health
IQINISO:
Ezempilo
Sabalalisa intokozo - hhayi amafutha!
Ngaleyo ndlela uzokwazi ukulwisana nezinga lamafutha emzimbeni ngokusho konguchwepheshe wezokudla uPriya Lalla ngaphambi kosuku iWorld Health Day ngoSeptember 24.
"Khuthaza izingane zakho ukuba ziyibuke kancane iTV kodwa zidlale kakhulu," kusho yena. "Nawe zijoyine ukuze kube khona ukuthokoza okukhulu. Kufanele lowo mdlalo owodwa eniwenzayo uthathe cishe imizuzu engu-30-45 ngosuku noma nibe nemithathu emifishane ezothatha imizuzu elishumi umunye."
Lokhu kuzokusiza ekutheni ulwe nokukhuluphala - kanjalo namafutha emikhiqizo yezilwane efana nenyama nokuyiyo enyusa izinga lamafutha adala ukuphathwa yisifo senhliziyo.
Yeka ukuphuza
Ngabe ufuna ingane ezohlakanipha" Amathuba angcono kakhulu uma ungaphuzi ngesikhathi ukhulelwe.
Cishe bangu-1 million abantu abadala bakuleli nezingane okukholakala ukuthi bakhubazwa yiFoetal Alcohol Syndrome (FAS).
Ubuchopho bombungu yibo obuzwela kakhulu otshwaleni ngaso sonke isikhathi sokukhulelwa.
Ezinye izingxenye zomzimba zikhubazeka ngezikhathi ezehlukene. Ezinyangeni ezintathu zokuqala zokukhulelwa, utshwala bungashintsha indlela ama-cells akhula ngayo nendlela azihlela ngayo ngesikhathi ephindaphindeka - nokwenza kube khona ukukhubazeka ebusweni, enhliziyweni, emqondweni nasezandleni nasemilenzeni.
Kusukela emasontweni angu-12 kuya kwangu-24, ukuphuza utshwala kungadala ukuphuphunyelwa yisisu. Kusukela emasontweni angu-24 kuya phezulu, utshwala bungakhubaza ukukhula kombungu.
BONA ZULU - September 2006
Umkhuhlane onamandla ungasabalala ngesivinini esingu-160km/h.
GREAT STOCK!
Hlala uphilile noPatricia McCracken
Ungayenqeni imikhiqizo yasemadeleni uma unenkinga yokungakhulelwa - phuza ubisi oluningi udle ushizi omningi nokuyinto engaze ikwenze uthole ngisho amawele. Emva kokuqaphela ukwenyuka ngamaphesenti angu-75 kwezinga lokutholwa kwamawele eMelika eminyakeni engu-25 eyedlule nokuyinto abacwaningi abathola ukuthi lokhu kudla kunika amandla iphrotheni ekhuthaza ekukhululeni amaqanda esibelethweni.[z]
Ukudla okungakwenza umama
IQINISO:
GREAT STOCK!
Bambelela emasikweni
Khohlwa amadamu ezingane - kusho abacwaningi abahlola ucwaningo lwezifundo ezingu-20 bathola ukuthi amadamu enza izingane zingalithandi ibele ngoba ehlisa izinga lokulangazelela ukuncela.
Uma ufuna ukuthulisa ingane yakho ikhala, yithathe uyibambele eduze. Izingane ezinganakwa, zingakhala amaphesenti angaphezu kuka-50 kunalezo ezithathwayo zithuliswe. Lena yimiphumela yocwaningo olwathatha amasonto angu-12. Ukube babuza ogogo babeyoyithola ngokushesha impendulo.
Iningi labesimame liya ezinsukwini zalo cishe izikhathi ezingaphezu
kwezingu-400 empilweni.
