zulu.2862.triviasep
BONA ZULU September 2008
IMPILO IMNANDI
U-OLIVER TAMBO
U-OLIVER Reginald Tambo wazalwa ngo-October 27, 1917, eBizana osekuyi-Eastern Cape manje.
Wayefunda eFort Hare ngesikhathi ehlangana noNelson Mandela. Ngo-1940 baxoshwa nabanye abafundi ngenxa yokubamba iqhaza esitelekeni sabafundi.
Wayefundisa isayensi ne-maths, kanti basungula i-ANC Youth League, bebambisene noMandela noWalter Sisulu.
Inhlangano yentsha yahlela ukuba kuguqulwe indlela yokulwa nohulumeni wobandlululo. Nge “Programme Of Action” kwabhikishwa kwatelekwa.
Ngo-1955 uTambo waba ngunobhala jikelele we-ANC emva kokudingiswa kukaSisulu ngaphansi kweSupression Of Communism Act. Ngo-1958 waba yisekela likamongameli we-ANC, ngo-1959 wadingiswa nguhulumeni iminyaka emihlanu.
I-ANC yamthumela phesheya. Wabuyela eSA ngo-1991 waqokwa njengosihlalo kazwelonke we-ANC ngoJuly kulowo nyaka. Washona ngo-April 24, 1993 emva kokuphathwa yi-stroke.
Isithombe ngasinye siyakutshela ukuthi yini okufanele uyibhale ezikhaleni ezingenalutho.
Konke nge MPUNZI
■ Impunzi yinyamazane enkulu e-Africa engaphansi kohlobo lwe-Oryx. Lezi zinyamazane zinezimpondo ezinde eziqondile noma ezibheke emuva.
■ Kunezinhlobo ezimbili zezimpunzi. Impunzi yasenyakatho inamadlebe amnyama acijile, eyaseningizimu inezimpondo ezinde namadlebe ayindilinga.
■ Ukuphakama kwempunzi kungu-1m kanti isisindo sayo singu-200kg.
■ Izimpondo zensikazi zigobile kodwa ezeduna zilugqinsi kanti zimila zilingane.
■ Impunzi ihlala emhlambini wezilwane ezingu-40 phakathi kwezinyamazane zohlobo lwamadube noma lwezinye izinyamazane.
■ Ngo-1969 impunzi yafakwa esiqiwini sezilwane zasendle eNew Mexico, eMelika. Njengamanje zilinganiselwa ku-3 000 izinyamazane ezikhona.
UTHI WAWAZI?
I-Puzzle Yezithombe
Impunzi okuyigama layo, lisuselwe kwelesiDutch elithi-chamois. Lesi silwane sifana nembuzi kanti sitholakala ezingxenyeni ezithile e-Europe. AmaDutch lesi silwane asibiza nge-“gems” kanti uhlobo lweduna lubizwa nge“gemsbok”. Abantu bokufika kuleli ababona uhlobo lwempunzi yethu babecabanga ukuthi babona uhlobo lwe-chamois…
I-MAMELODI Sundowns, edume ngama “Brazilians,” yasungulwa eMarabastad enyakatho ntshonalanga yePitoli ekuqaleni ko-1960 – yaba yiqembu lebhola elisemthethweni ngo-1970.
I-Sundowns yadlala kwiFederation Professional Soccer League ngo-1973. Ngalowo nyaka, yadlala kumafayineli eCoca-Cola Cup, yashaywa yiBerea United ngo-5-3.
Ngo-1978, iFederation Professional Soccer League yashintshwa yaba yiNational Professional Soccer League. Ngenxa yalokho iSundowns yadlala ku-second division.
Kwaphela iminyaka emihlanu leli qembu lizabalazela ukudlala kwiNSL. Izikhulu zazifuna ukulihlakaza leli qembu kodwa zathintwa nguBoy Mafa, owalithenga wathuthela eMamelodi.
I-Sundowns yadlala kwiNSL ngo-1985 kodwa yadonsa kanzima yaze yasizwa wukufika kukaZola Mahobe owaqoka uBen Segale njengomqeqeshi wayo.
Ngo-1988, yathengwa ngu-Abe Krok nomndeni wakwaTsichlas.
Lokho kwaletha inhlanhla ngoba iSundowns yawina izicoco ezintathu zePSL iminyaka ilandelana kusukela ngo-1998 kuya ku-2000.
Ngo- 2004, uPatrice Motsepe wathenga leli qembu lawina isicoco sokuqala eminyakeni eyisithupha ngoMay 2006 liqeqeshwa ngoMiguel Gamondi noNeil Tovey.
U-Gamondi noTovey bakhishwa nguGordon Igesund. Ngaphansi kuka-Igesund, iSundowns yavikela isicoco sayo ngempumelelo. Manje iqeqeshwa nguTrott Moloto.
Sibhale lolu daba irekhodi laleli qembu limi kanje…
■ Umdlali odlaliswe kakhulu kuqala umdlalo – Daniel Mudau, 390
■ Owashaya amagoli amaningi – Daniel Mudau, 172
■ Umdlali olidlalele kakhulu – Sizwe Motaung, 24
■ Amagoli amaningi ngesizini – Bennett Masinga, 33 (1990)
■ Iwini enkulu – 7-1, vs QwaQwa Stars (April 1988); vs Santos (August 1998); Vaal Professionals (February 1999)
■ Isibhaxu esikhulu – 1-6, vs Africa Sports (November 2000, CAF Champions League).
U-September
U-September yinyanga yesishiyagalolunye onyakeni ekhalendeni lethu. Leli gama lisuselwe kwelesiLathini elithi septem, igama elichaza “okwesikhombisa” kanti lena kwakuyinyanga yesikhombisa ekhalendeni lamaRoma.
I-SA noSeptember
1950
September 11: U-Jan Smuts washona eneminyaka engu-80, washonela epulazini lakhe eliseDoornkloof e-Irene, ngasePitoli.
September 26: I-Suid Afrikaanse Steenkool, Olie En Gaskorporasie (SASOL) yabhalisa njengenkampani.
1958
September 2: U-Hendrik Verwoerd waba ngundunankulu waseSA wesikhombisa.
1966
September 6: Kwasocongwa uVerwoerd.
September 13: U-Balthazar Johannes Vorster waba ngundunankulu waseSA wesishiyagalombili.
1976
September 13: Kuqala iCillié Commission Of Inquiry ephenya ngeziBhelu zaseSoweto.
1977
September 6: U-Steve Biko waboshwa emigoqweni yamaphoyisa emgwaqweni.
September 12: UBiko washonela esitokisini.
1978
September 29: U-PW Botha waba ngundunankulu.
1979
September 22: I-satellite yabona ukubenyezela okuyindida e-south Atlantic. Kwasolwa ukuthi kwakubenyezela ngoba kuhlolwa inunzi yaseSA neyakwa-Israel.
1987
September 17: U-Desmond Tutu nabanye abaholi bezenkolo babamba izingxoxo ne-ANC eZambia.
1993
September 23: IMelika yaqeda ukunswinywa kweSA.
AmaBrazilians
AmaMulti-Game
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe yiso esikutshelayo ukuthi ngabe yini igama laleyo nto?
BONA ZULU September 2008
