zulu.2852.lettersapr
Bhala...
EWINE R100
Masilwe nokuhlukumeza!
Maningi amangcwaba ezingane ezabulawa abahlukumezi. Izwe lethu alenzanga mizamo yokusiza zona kanye nezinkulungwane zabantu abadlwengulwayo, abanganakiwe abahlukunyezwa wubugebengu.
Le nkinga ikhona nakwamanye amazwe kodwa eSouth Africa imandla kakhulu.
Masiba-mbisane ukuze izwe lethu liphephe ezinganeni zethu.
Isaac Jacobs, Beacon Valley
Olunye uhlobo lokuhlu-kumeza
Abesimame baseSA mabapha-phame! Sekukhona olunye uhlobo lokuhlukumeza olunyonyobela imiphakathi yethu.
Siyazi ukuthi akufanele sivumele abesilisa basiphathise okwezibi kodwa okunye okubi kakhulu yilokhu engikubiza “ngokuhlukumezana kwabesimame bebodwa”.
Kukhona omama abadala abaneminyaka eko-50 abazwana nokukhuluma kabi ngabesimame abashadile abasebancane!
Abakwenzayo ngikufanisa nokwenziwa abesilisa abahlukumeza abesimame. Singalindela kanjani ukuhlonishwa abesilisa uma thina singahloniphani?
NN, Butterworth
Zimiseleni
Intsha yaseSA mayizimisele uma isekilasini igxile ezifundweni. Ngaleyo ndlela ikusasa layo lizoqhakaza. Mayiyeke izidakamizwa nobugebengu!
AS, Mhluzi
Ikusasa eliqhakazile
Njengabantu baseSA, esikucabangayo nesikwenzayo kwakha ikusasa lezwe. Sinawo amandla okuba lusizo ezweni sibambe iqhaza ekuxazululeni izinkinga zaseSA.
Impilo yethu mayilawulwe yizenzo zethu ezinhle sisebenze kanzima ukuze izwe lethu libe sesimweni esihle.
C. Sepeko, Jouberton
Siphatheni kahle
Iningi labesilisa baseSA licabanga ukuthi umsebenzi wabesimame wukupheka banakekele amakhaya. Mabaphume kulowo mqondo ngoba akusenjalo abesimame sebeshintshe kakhulu!
MM, Bapong
Masinikele ngezitho zomzimba
Uma sizwa ngokwedlula emhlabeni komuntu esimaziyo, siphatheka kabi sizwelane nomndeni walowo muntu ongasekho sizame ukuwududuza.
Zwakalisa uvo lwakho: l bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
l i-fax: 031-912-2720 l i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Kuqala ekhaya…
Iseluleko esiqondiswe kubazali
KUNESISHO solimi lwesi-Ashanti esithi: “Ukonakala kwesizwe kuqala emakhaya.”
Uma sekukhulunyiwe kwenziwa nemizamo yokulwa nodlame lwansuku zonke kanye nobugebengu obushaqisayo obenzeka eSouth Africa, kufanele sihlale sibheke lesi sisho.
Ngumndeni okufanele uzame ukwakha izimilo, abazali babe yisibonelo esihle ngaso sonke isikhathi.
Emndenini izingane kumele zifunde ngokuxhumana, ngokuba nozwelo, ngothando nangenhlonipho.
Yilezi zinto okufanele sizame ukuzifundisa izingane zethu, sithi sizifundisa nathi sibe yizibonelo ezinhle kuzona ngokwenza okufanayo.
Esikoleni, i-syllabus kufanele ibe nohlu lwezinto ezimqoka ezikumthetho-sisekelo wethu kubuye kufundiswe izingane ngocansi nangokuphathwa kwemali.
Izingane zethu asizifundise ukuthi akukho okwedlula ukuba zifunde ukuziphatha kahle!
Brian Mahlangu, Tshwane
IZINCWADIZENU
BONA ZULU – April 2008
u
t
BONA ZULU – April 2008
Ukwedlula komuntu oyedwa emhlabeni kunganika abaningi ithemba nempilo uma kunikelwa ngezitho zalowo muntu osesishiyile zisize abazidingayo.
Izinkulungwane zabantu baseSA zilindele izitho kanti abaningi bafa bengakalutholi usizo.
Ngokunikela ngezitho zomzimba ungaphephisa impilo yabanye, ukwedlula kwakho emhlabeni kuthathwe njengesigameko esisindise abanye ekufeni.
Aaron Tlou, Tweefontein
Ngiyabonga
Ngawina iwashi kweminye yemincintiswano yenu kanti ngithanda ukubonga kakhulu kuBONA. Uyiphephabhuku elihle kakhulu!
Obed Mathebe, Cullinan
Singalwa nobugebengu
Ngaphatheka kabi ngesikhathi kuntshontshwa i-cellphone yami. Ngangiyithathe nge-contract ungakapheli nonyaka nginayo. Okubuhlungu kakhulu wukuthi luningi ulwazi olwangilahlekela ngokuhamba kwayo.
Inombolo yayo ngangiyifaka kumaCV ezicelo zomsebenzi kanti ukulahleka kwayo kube nomthelela omubi empilweni yami. Mangaki nje amathuba okuthola umsebenzi angilahlekele?
Kukhona abathenga ama-cellphone emaseleni. Ngalokho bakhuthaza amasela ukuba aqhubeke nokweba.
Masilwe nobugebengu sibikele amaphoyisa ngezinswelaboya.
Portia Nthakhe, Jouberton
Izidakamizwa zimbi
Ibhizinisi lokudayiswa kwezidakamizwa eSA liyadlondlobala. Kodwa ukuba yisigqila sezidakamizwa kungandisa izinkinga zakho – ukusebenzisa izidakamizwa ngeke kwenze ukuba ube nempilo engcono!
Masingaphumi endleleni – sibasize nabanenkinga.
Siyabulela Mpikwa, Fort Jackson
Ngabe yiphutha?
Uma sikhuthaza abantu ukuba baziphathe kahle kuthiwa sihlushwa wukuthi “sesibadala”, “sisadla ngoludala.” Kodwa ngabe kuyiphutha ukukhuthaza izingane ukuba ziKholwe? Ngabe kuyiphutha ukuzikhuthaza ukuba zizithibe ocansini zilinde zize zishade kunokuthi sizinike amakhondomu?
Tlatsane Mositsa, Roosenekal
Umlayezo oqondene nomama
Masibe yizibonelo ezinhle emadodakazini ethu! Akukuhle “ukufundisa” indodakazi yakho ukuba “ibambe” indoda eyisigwili ukuze inisize ekhaya. Khulisani amadodakazi enu kahle niwaluleke ngendlela efanele.
ML Ratlabjana [z]
IZINCWADIZENU
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU
(DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745; Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Neliswa Mzimba
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Barbara Zulu
Business Development Manager
Christine Marot Tel: 031-910-5723
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
IZINKINGA
EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-8600 Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076
E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith
Ucingo: 011-248-3500 Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700 Fax: 011-474-5479
UKUTHUNYELWA
KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli:
BONA Submissions,
Box 32083, Mobeni, 4060
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
