zulu.2850.parenting
okwabazali
Vuselela umdlandla
BONA ZULU - July 2007
UKUKHULELWA kungawugqilaza umzimba wakho ikakhulu uma kudingeka ukuba uchithe usuku lonke emsebenzini. Uma uhlala ukhathele, kuningi ongakwenza ukuze ube nomdlandla.
Ezinyangeni ezintathu ukhulelwe umzimba wakho uyagqilazeka kudingeke ukuba ube namandla okuthwala umthwalo wengane esesiswini. Lokho kungenza uhlale ukhathele. Uma sekusondele isikhathi sokubeletha, ingane isuke isikhule kakhulu kudingeke ukuthi umzimba ube namandla athe xaxa okuyithwala.
Izinguquko ezimbalwa empilweni yakho zingasiza ngokuvuselela umdlandla uthole amandla...
n Zivocavoce
Ukuhamba usheshe kungakusiza kukuvuselele. Uma ukhulelwe, ungazigqilazi ikakhulu uma kungukuthi wawungaphilile kahle ungakasithathi isisu.
Ukuhamba kunomthelela omuhle ekugijimeni kwegazi kanti umoya ofreshi wona uzokuphatha kahle. Ukuzivocavoca kwenza ube nama-hormones asiza ekulweni ne-stress.
n Lala ngokwanele
Uma ungalali kahle ebusuku, ngeke ube nomdlandla ngosuku olulandelayo. Ukulala amahora ayisishiyagalombili kuvuselela umzimba nengqondo. Shesha ukulala uma ungalali kahle ebusuku.
n Funda ukuphefumula
Yiba nesikhathi sokubheka indlela ophefumula ngayo. Uma wenza umsebenzi okuhlalisa edeskini, shaywa wumoya uphefumule udonse umoya ukuze uvuselele ingqondo yakho nomdlandla.
n Yiba nesikhathi sokuphumula
Ungazigqilazi. Gcina imiyalo kadokotela uma ekutshele ukuthi phumula. Phakamisa imilenze yakho uphumule okwesikhashana. Cela usizo lwamalungu omndeni wakho uma kunomsebenzi omningi okumele uwenze.
n Ukudla okunika umdlandla
Ukudla kudlala indima emqoka ngokukunika umdlandla. Ama-carbohydrates anika amandla. Kodwa kukhona ama-carbohydrates anika amandla ngokushesha kunamanye.
Ama-carbohydrates asekudleni okunjengoswidi nama-chips angakunika amandla ngokushesha uzizwe ukhathele.
Ukuze ube namandla, yidla izinhlobo zama-carbohydrates angasheshi ukukunika amandla anjenge-wholegrain, ama-vegetables, i-lentils nezithelo.
Yidla amaqoqo okudla amancane zikhathi zonke kunokudla usuthe kakhulu udle okokubamba umoya okunomsoco.
Phuza amanzi ngoba ukushoda kwawo emzimbeni kungakuqwashisa uzizwe ukhathele.
Ukubonana nodokotela
Ukukhathala kujwayelekile uma ukhulelwe kodwa ochwepheshe bathi bonana nodokotela uma ukhathala kakhulu emsebenzini nasekhaya. Ukukhathala kungadalwa wukushoda kwe-iron emzimbeni.
Xhumana nodokotela ngaphambi kokuthenga imithi ongazithengela yona.
Ngabe ukhulelwe, futhi uhlale ukhathele" Nakhu okungavuselela umdlandla wakho ukuze uphatheke kahle ekukhulelweni kwakho
Okomama
nobaba...
NGESIKHATHI ingane ikhula, inyakazisa umzimba ngezindlela ezihlukene.
Izingane ziqala ngokumisa ikhanda liqonde, zihlale, zigingqike. Emva kwalokho ingane iyakhasa. Lokho kuyisinyathelo esikhulu empilweni yayo ngoba kwenza izizwe ikhululekile. Ibamba yonke into ehlangana nayo. Uma isikwazi ukuma ngezinyawo isuke isizokwazi ukuthatha lelo gxathu layo lokuqala. Ungayisiza ngokuyihlalisa endaweni ephephile. Yikhuthaze ukuba icathule ize kuwena ihamba ngezinyawo.
Ochwepheshe bayawagxeka ama- baby walker ngoba bathi enza ukuba imisipha yemilenze yengane ingaqini kahle.
Izinto ezinjengama-push walkers kuya ngokuthi ziyikhwalithi kangakanani. Uma uthengela ingane yakho i-push walker, bheka ukuthi imi kahle yini nokuthi ayigijimi yini kakhulu ngoba lezo zinkinga zombili zingenza abe yingozi kakhulu enganeni.
Igxathu lokuqala
BONA ZULU - July 2007
u
t
okwabazali
Izinkinga zamadamu nokuncelwa kwezithupha
IZINGANE ziyawathanda amadamu ngoba ziyaduduzeka uma ziwancela. Izingane ezingenawo amadamu ziziduduza ngokuncela izithupha.
Kodwa kukhona izinkinga ezidalwa yilokhu.
Ngaphandle kokuthi abanye omama bangakhohlwa wukunakekela izingane zabo ngendlela efanele uma bezincelisa amadamu, kukhona nezinkinga eziphathelene nezempilo ezingadalwa wukuncelwa kwamadamu nezithupha...
Ukumila kwamazinyo. Ukuncela idamu noma isithupha kuthikameza ukumila kwamazinyo. Amazinyo ama kabi kudingeke ukuba alungiswe ngokuhamba kwesikhathi.
Izinkinga kwezempilo. Amadamu angaba nomthelela omubi empilweni yengane ngoba akulula ukuwagcina ehlanzekile. Ingane ingaliwisa kalula idamu, ilicoshe ilifake emlomeni.
Yize noma amadamu enziwe nge-rubber ewaphatha kahle amazinyo nezinsini zengane, angaba namagciwane angagcina engene emlomeni wengane.
Ukulala. Ingane ngeke ilale kahle uma lingekho idamu emlomeni.
Ongakwenzela ingane
Uma usebenzisa idamu qiniseka ukuthi ulihlanza njalo futhi awulisebenzisi njalo.
Kulula ukuyekisa ingane idamu kunokuyiyekisa isithupha.
Ngesikhathi usazama ukuyiyekisa idamu, yinike okunye okuzoyiduduza ize ihlukane nedamu ngokugcwele.
Uma ingane incela isithupha, zijwayeze ukusikhipha emlomeni wayo udlale noma ukhulume nayo ukuze ikhohlwe yisona.
Ngeke kwaba lula ukuyekisa ingane esihlakaniphile isithupha kanti ongakwenza wukuyikhombisa izingane ezingasinceli isithupha uyivumele ukuba ichithe isikhathi nazo.
Izingane zithanda ukwenza ezikubona kwenziwa abanye kanti ukuhlala nezingane ezingasinceli isithupha kungayikhuthaza kuyisize ukuze isiyeke.
Khaliphisa umqondo wengane
BONA ZULU - July 2007
UKUFUNDA akufanele kube yisicefe. Izingane zifunda ezintweni eziningi. Ngokuya epaki ingane ingafunda ngemvelo ithole ukwazi ngesayensi, amagama ne-mathematics.
Ukudlala umdlalo wokubala kufundisa ingane ngezinombolo. Uma ungazi ukuthi ungaqalaphi, qala ngalezi zincwadi ezimbili ezinemidlalo ekhaliphisa umqondo ongayidlala nengane yakho.
t Brain Games For Preschoolers (Hamlyn; R120)
Ikahle ezinganeni ezineminyaka engu-2-5. Inemidlalo engaphezulu kuka-200 engakhaliphisa ingane yakho iyisize ngokuyifundisa amagama nezinombolo. Le midlalo iyindlela enhle yokuthola ukuthi ingane iyakwazi yini ukukhumbula izinto, ukuxazulula izinkinga iyicije nakwezinye izinto.
t Pencil And Paper Games For Kids (Hamlyn; R120)
Eyezingane ezineminyaka ephakathi kuka-3 no-11, imnandi kanti inemidlalo efundisayo ingane engayidlala yodwa noma nabangani. Iyigcina imatasa ngempelasonto noma uma nithatha uhambo.
u
BONA - July 2007
t
okwabazali
Ukunakekela ingane
Thola ozoyinakekela kahle ingane ukuze uhlale ukhululekile...
1 Osiza ekhaya
Osiza ekhaya qiniseka ukuthi uyakwazi ukunakekela izingane. Uma ehlala nawe, ngeke abe nenkinga yokungafiki ngesikhathi emsebenzini kanti ngeke kumlimaze nokuphuma kwakho emva kwesikhathi emsebenzini. Kodwa akulula ukwenza umsebenzi wasekhaya ubuye unakekele nengane. Lokho kungenza ukuba ingane ingalutholi kahle uthando.
2 Abanakekela izingane
Abanakekela izingane bayaqeqeshwa kulo msebenzi. Bangahlala nawe uma unendawo. Okuhle ngabo wukuthi bazinakekela kahle izingane baqinisekise ukuthi ingane iyadlala, ikhuthazwe kwekwenzayo, ilale iphiwe nokudla.
3 Izihlobo
Uma unamalungu omndeni ake anakekela izingane zawo, kungakuhle uma ukhetha wona ukuba anakekele izingane zakho.
Izihlobo zakho ngeke zibe nenkinga yesikhathi. Uma kuzodingeka ukuba usheshe ukuya emsebenzini noma uphuze ukubuya zingakusiza ngokunakekela izingane kanti nawe ungazethemba. Kodwa kungenzeka ningaboni ngaso linye ngokukhuliswa kwezingane nokuyinto enganixabanisa.
4 Inkulisa
Izinkulisa zingahlalisa izingane kuze kufike ezinganeni ezineminyaka emine. Izingane ziba nesikhathi sokudlala, zifunde, zidle zilale enkulisa. Othisha baqeqeshelwe ukufundisa nokunakekela izingane. Ingane ingathola nabangani enkulisa ifunde ukuhlala nabantu nangakho konke okumayelana nempilo.
Kukhona izinkulisa ezingenalo igama elihle, ngakhoke qiniseka ukuthi ingane yakho uyithumela enkulisa esiyazakhela igama nokuyilapho izohlala kahle khona.[z]
BONA ZULU - July 2007
BONA - July 2007
