zulu.284.letters March
Ewine
Abantu abangamavila
Isexwayiso...
ABANTU abangamavila bahlale bekhalaza. Abanye sekuphele iminyaka elishumi bengakwazi ngisho nokufundisa izingane zabo ngezinto ezakha umuntu.
Esikhundleni salokho bagxeka uhulumeni ngoba befuna imali ezoza kalula - ekubeni amadodana abo akhuthuza aqole abantu uma beya emsebenzini ekuseni.
Obaba bona abafuni ukubuyisa izibhamu zabo ezingekho emthethweni nakuba uhulumeni esebanike ushwele. Leli yilona lifa labo abaledlulisela emadodaneni abo - hhayi ukubekezelelana, ukuzwana, ukuhloniphana nokusebenza kanzima ngokuzinikela - kodwa izibhamu.
Amadodakazi abo wona ayakhulelwa ukuze athole imali yomxhaso kahulumeni agcina ngokuba athenge ngayo utshwala nezingubo zokugqoka.
Kungcono uma imali yabakhokha intela isetshenziselwa ukwenza izinto ezingcono njengemfundo nokwakha izibhedlela. Asibe nemifundaze eminingi kulabo bafundi abethembisayo.
Nakhu engithanda ukukusho kwabanye: ningakhononda nganoma yini enithanda ukukhononda ngayo, kodwa uma ningenzi lutho ezokwenza izimpilo zenu zibe ngcono, ngeke kusize ngalutho ukukhononda, niyolokhu nisalela emumva.
Victor Mabena, Joubert Park
uR100
Kubi!
Kubuhlungu ukubona abantu abaphila ne-HIV/AIDS bebandlululwa emiphakathini yethu. Abantu bababiza ngamaganyana babahlebe ngoba bephethwe yilesi sifo.
Kufanele sibanakekele abantu abaphila nalesi sifo, sibaphathe njengabo bonke abantu sibanike uthando. Nabo abathandi ukuba babe esimweni abakuso.
Umngani kufanele kuhlale kungumngani ngisho ngabe uHIV positive.
Ubani ozobanakekela uma sibalahla"
Khumbulani Sibango, Queenstown
Izincwadi
Kubi!
Ngithanda ukuzwakalisa ukukhathazeka kwami ngamantombazane alahla izingane zawo. Amanye akhipha izisu ezindaweni ezingagunyaziwe ngokusemthethweni ukwenza lokhu. Njalo sihlale sifunda ngalezi zindaba ezibuhlungu.
Abanye benza le mikhuba ngoba bethi bafuna ukuziqhubekela nempilo yabo emnandi bahlukane nomthwalo wokukhulisa umntwana.
Kungenzeka ukuthi basuke bebulala abaholi bakusasa abangashintsha ikusasa lezwe lethu. Asiwuyeke lo mkhuba omubi.
Mcebisi Dyantyi, Palmietfontein
BONA ZULU - March 2006
Ukubekezela!
Ngithanda ukutshela abafundi bakaBONA ukuthi ukubekezela kukwenza uphumelele ezintweni eziningi.
Umama wami owangikhulisa nodadewethu omncane wedlula emhlabeni ngisenza u-matric kwadingeka ukuba sinakekelwe umalume.
Umalume ushadile unezingane, ngakhoke impilo yayingeke isafana nesikhathi kusekhona umama.
Kwakunezikhathi lapho ngangize ngicabange ukuphuma esikoleni, kodwa ngabekezela ngaze ngawuphasa u-matric ngathola umsebenzi ngonyaka odlule.
Njengamanje izinto sezingconywana kanti futhi senginakekela udadewethu ukuze naye aqede esikoleni.
Ukube ngalahlekelwa yithemba ngaphuma esikoleni ngabe angikwazi ukukwenza konke lokhu. Ngithanda ukuba ngibe yisibonelo kwabanye abantu abazithola besesimweni esifana nesami.
XC, Soweto
Masizihloniphe!
Umuntu ongumAfrica uyabahlonipha abanye, abanakekele ahloniphe namasiko akhe futhi azigqaje ngokuba wumAfrica.
Izwe lase-Africa yizwe lamaqhawe alwela inkululeko. Ngiyaziqhenya ngokuba ngumAfrica.
NM, Limpopo
Imfundo!
Namuhla amathuba emisebenzi ngawabantu abafundile, ngakhoke kufanele sibhukulele ukuba sizithuthukise ngokwemfundo.
Ngisho ngabe uyasebenza, qhubeka ufunde, ukuze wenyuse amathuba akho okuba ukhushulelwe esikhundleni esingcono.
Imfundo ayikhulelwa.
BV Mphetho, Cape Town
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
Kuhle!
BONA ZULU - March 2006
Masibe nesibopho!
Ngithanda ukwazi ukuthi kungani abafana bakhulelise amantombazane bese beyawashiya. Kufanele bayimele imiphumela yemisebenzi yabo ngokuba bondle izingane zabo.
RR, Thaba Nchu
Singafihli iqiniso!
Endaweni engihlala kuyo, kunabantu abaningi abalifihlayo iqiniso lokuthi baHIV positive.
Abanye bakhuluma amanga bathi baphethwe ezinye izifo. Abantu abaHIV kufanele bazi ukuthi ukutshela abanye ngokugula kwabo kungabenza bathole usizo abaludingayo.
MC, Ntambanani
Izigebengu!
Kungani abantu abasha balahle amathalente abo" Iningi labo kubukeka lingene ebugebengwini lihlale libalekela amaphoyisa.
Uma lingasebenzisa lelo jubane lalo elibalekela ngalo amaphoyisa kwezemidlalo, kuningi elingakufunda.
David Mahlatsi, Fouriesburg
Abajola nobaba!
Ngineminyaka engu-21, kanti ngikhathazeke kakhulu ngamantombazane amancane athandana nobaba abadala. Ake ucabange-nje indoda eneminyaka engu-49 ithandana nengane eneminyaka engu-14. Yini-nje leyo"
Ukuthandana nobaba abadala wukuzichithela isikhathi.
Ngiyakuthokozela ukufunda uBONA, ikakhulu Izinkanyezi, Majimbos, Abadukelene, Sis Sarah, Khomba iBhola nezindaba zabaholi bethu bangomuso.
Ngiyathanda ukukhuthaza abanye abantu abasha ukuba bathenge uBONA ukuze nabo ubakhanyisele.
Margaret M, Mokopane
# Ngabe nithanda ukufunda ngani" Kusukela ezihlabanini zezithombe, ezemidlalo, abaculi baphesheya nabakuleli - sibhaleleni nisitshele.
Izincwadi
izilwane zingcono kunabantu
lAbantu bahlale begxeka uhulumeni uma kuziwa ngasohlangothini lokwesweleka kwemisebenzi. Uhulumeni wethu wenza konke okusemandleni ukuxazulula le nkinga. Abantu nabo kufanele futhi babhukule ngokwabo kube khona abakwenzayo ukuze bakwazi ukuziphilisa.
Doctor Msibi, Mpumalanga
lSiyoyeka nini ukuhlale silinde uhulumeni ukuba asisize kukho konke okuthinta izimpilo zethu" Kufanele siqale kube khona esikwenzayo. UNkulunkulu wasinika imiqondo yokuba siyisebenzise...
Vanity Phakathi, Verulam
lMasiMbonge uNkulunkulu ngakho konke Asenzela kona. Masiyeke ukulokhu sikhala. MasiMbonge ngayo yonke iminyaka Asiphe yona ukuba siyiphile lapha emhlabeni.
Zonke izinto ezimbi ezenzekayo lapha emhlabeni zenzeka ngoba asifuni ukulalela uNkulunkulu.
Namuhla ake uzinike isikhathi uBonge uNkulunkulu ngezinto onazo.
ZN, Salt Rock [z]
Yekani ukuhlale nikhononda!
OSHICILELWENI luka-BONA ka-August 2005, kwakukhona udaba olwangithinta kakhulu emoyeni. Lwalumayelana nentombazane eyasindiswa amabhubesi emadodeni ayeyihlasela.
Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi izilwane zingcono kakhulu kunabantu. Zinezinhliziyo ezinhle kunezabantu.
Ngenyanga ka-August sasifihla unkosikazi kamfowethu owadutshulwa kwantshontshwa nemoto yakhe.
Kungani labo bantu abenza lokhu bengathathanga imoto bamshiye ephila" Bambulalelani"
Thandi Kubheka, Kanyamazane
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
