zulu.2846.food safety
BONA ZULU - December 2006
UKUDLA kuhlale kumema nezimenywa ezingadingeki, okungamagciwane ukuba nawo eze emcimbini. Ukungenwa ngubuthi ngenxa yokudla okudlile, kudalwa amagciwane. Ubuthi yibo obenza uphendukelwe yisisu ugule.
Kungathatha kusukela emahoreni amabili kuya kwangu-48 ngaphambi kokuba uzwe ukuthi uyagula.
Izimpawu zalokhu zibandakanya ukucanuzela kwenhliziyo, ukuphalaza nokubanjwa amajaqamba esiswini.
Izingane, abantu abadala nalabo abanamasosha omzimba angaqinile ngokwanele bavame ukuba kube yibo abazwela kakhulu kulokhu kuhlaselwa wukugula njengoba bephelelwa
amanzi emzimbeni.
Kulabo bantu ukungenwa ubuthi ngokudla kungaba yingozi enkulu, ngakhoke kubalulekile ukuba welashwe ngokushesha.
Uma siphatha ukudla ngendlela enenhlanzeko, singakwazi ukuvikela abemindeni yethu ekugulisweni wubuthi bokudla.
Ongakwenza ukuze ukudla kungangenwa wubuthi
n Njalo geza izandla zakho ngaphambi kokuthinta ukudla. (Lena ngenye yezindlela ezingcono ekuvikeleni ukubhebhetheka kwamagciwane.)
n Qiniseka ukuthi umndeni wonke ugeza izandla emva kokubuya endlini yokugeza, emva kokuthinta izilwane ezifuyiwe, emva kokusebenza engadini nangaphambi kokudla.
n Geza izandla emva kokuthinta inyama ehlaza noma inhlanzi. (Izandla kufanele zigezwe ngensipho namanzi imizuzwana cishe engu-20.)
n Qiniseka ukuthi ugeza amakhabethe asekhishini ngamanzi ashisayo anensipho ne-bleach. Amabhodi oqobela kuwona kufanele ahlale ehlanzekile emva kokuwasebenzisa.
n Geza izitsha ngamanzi ashisayo. Khuhla osinki nemisele nge-bleach yokuhlanza izinto zasendlini. Izingubo nezindwangu, iziponji nezitsha kufanele uqiniseke ukuthi azinawo amagciwane ngokuzifaka izibulali magciwane cishe masonto onke.
n Ungakushiyi ukudla - noma yini engadonsa izimpukane, amaphela namagundane ngoba kuyingozi enkulu empilweni njengoba kuthwala amagciwane.
n Ukudla okuqandisiwe kufanele kubande kakhulu kanti futhi kufanele ubheke nosuku okufanele ukusebenzise lungakafiki.
n Kukhiphe iqhwa kusefrijini kunokuba ukukhiphele ngaphandle.
n Inkukhu iphekisise ukuze ubulale amagciwane. Ihlole nge-skewer noma ngommbese obukhali endaweni eseduze kwethanga; amajusi kufanele acwebe angabi nombala ophinki. Inyama yengulube ne-mince kufanele kuphekeke kahle ngoba uma kungenjalo, kuthwala amagciwane.
Ungalokothi...
n Ushiye ukudla emnyango isikhathi esingaphezu kwehora uma kushisa (emnyango).
Ukudla okubandayo kufanele kubande kakhulu, okushisayo kushise kakhulu. Khumbula ukuthi kuthatha isikhathi esingaphansi kwehora ukuba ukudla konakale uma ilanga lishisa kakhulu.
n Ucabange ukuthi ukuqandisa ukudla kubulala amagciwane. Uma ukudla konakele, ayikho into ongayenza ngako, kanjalo nezinongo nokhari.
n Ubeke imikhiqizo yamakhemikhali (efana nama-bleaches, izinto zokuhlanza endlini encane nokunye) endaweni eyodwa nokudla.
n Uthenge amathini okudla aboqokile noma ane-rust. Amathini abukeka equmbile angakufakela ubuthi.
n Ushiye ukudla okubolayo emotweni eshisayo.
n Usebenzise ipuleti elilodwa noma izitsha ezizodwa obuzisebenzisela inyama engaphekiwe, ungakaziwashi.
Indlela yokwelapha
Ukuphalaza noma ukuhanjiswa yisisu, yindlela yemvelo yokukhipha ukudla okonakele emzimbeni. Ezikhathini eziningi, kuthi lapho umzimba usukukhiphile ukudla okonakele, ogulayo aqale ukuba abe ngcono.
Uma uphelelwa amanzi emzimbeni, kufanele uphuze kancane kancane izinto eziluketshezi - amanzi, itiye elimnyama elingashubile kakhulu noma i-apple juice.
I-electrolyte solution ingakululamisa ngokushesha. Ungayithenga kunoma yiliphi ikhemisi noma uzenzele eyakho ngokufaka i-teaspoon kasawoti, isipuni sikashukela nelitha yamanzi abilile aphola.
Kudingeka uthole usizo lokwelashwa uma ukuhanjiswa yisisu kuthatha isikhathi esingaphezu kwamahora angu-24, noma uphalaza ngokwedlulele sekuthathe ngaphezu kwamahora angu-12.[z]
Phatha kahle ukudla
Ukudla kuba muncu ngokushesha ehlobo ngenxa yokushisa. Ngakhoke ungathathi amashansi - sebenzisa lezi ziyalo ukuze uvikele abomndeni wakho ekungenweni yizifo
nguGRACE KHUZWAYO
BONA - August 2005
