ZULU.283.sisarah
BONA ZULU - March 2006
Buza kuSis'Sarah
Ngisamthanda
Ngineminyaka engu-25 ngithandana nendoda eneminyaka engu-28. Emva kokuba sesithole umntwana yangishiya yathandana nomunye umuntu.
Ingichapha ngenhlamba njalo uma sibonana.
Akuvumi ngiyikhohlwe phezu kwakho konke lokho ngoba ngisayithanda.
Angifuni ukuthandana nomunye umuntu ngoba nginovalo lokuthi naye uzongiphoxa. Ngenzenjani"
Ongafuni ukwaziwa
lOkudinga manje yisikhathi sokulwa nobuhlungu obuzwayo. Le ndoda ayikuhloniphi njengomama wengane yayo kanti ayikufanele.
Kusazothatha isikhathi ukuthi ukhohlwe iyona ikakhulu njengoba ikushiye usayithanda - kodwa sesifikile isikhathi sokuba ugxile empilweni yakho neyengane.
Asikusoli ngokungafuni kwakho ukuphinda uqome ngoba phela waphoxeka.
Kuzoba ngcono ngokuhamba kwesikhathi. Kungathatha izinyanga noma iminyaka ukuthi ukhohlwe ngokuphelele kodwa okuhle wukuthi ukhona umehluko oyowuzwa mhla wahlangana nomuntu oyomthanda.
Zinike isikhathi, uzomthola ozokuthanda ngokweqiniso.
Umamezala udukile
Ngingumama oshadile oneminyaka engu-33 nabantwana abathathu. Mina nomyeni wami sahilizisana wahamba wayohlala nomama wakhe.
Wamtshela ngengxabano yethu umama wakhe wathi akahlukane nami.
Njengoba umama wakhe ayengazimisele ngokuxazulula inkinga yethu, wagcina emshiyile wabuyela ekhaya kimina. Ngamamukela saqhubeka nempilo.
Kuthe uma ezwa ukuthi inkinga yethu sesiyilungisile, wahamba ekhaya lakhe kanti asazi ukuthi wayaphi.
Ngenzenjani" Ngimshiye umyeni wami ngiphindele ekhaya, noma ngilinde isimo size sibe ngcono"
TM, Mnukwa
lLuyindida lolu daba kodwa ukhona ongaba nolwazi lokuthi umamezala wakho wayaphi. Bathini omakhelwane bakhe, abangani nezihlobo"
Nakuba umamezala wakho elishiyile ikhaya lakhe, khumbula ukuthi wena ushadile kanti kumele uhlale nomyeni wakho nikhulise abantwana benu. Asikho isidingo sokuba ushiye umyeni wakho ngenxa kamama wakhe.
Eningakwenza wukuzama ukumfuna umamezala wakho.
Omamezala abavamile ukuzwana nomakoti kanti benza konke ukuze bafukamele amadodana abo. Kungenzeka ukuthi ubona ungayifanele indodana yakhe.
Uma kuyilokho okumbalekisile, kusho ukuthi akakakhuli. Kungenzeka nokuthi ucashile lapho ekhona ngoba efuna umyeni wakho aphatheke kabi.
Noma kunjalo-ke, wena hlala nomyeni wakho.
Ngalahlekelwa
Ngashada ngo-2002 sabusiswa ngomntwana. Ngo-2003 unkosikazi nengane bemuka nomfula. Unkosikazi watholwa esefile kanti ingane ayitholakalanga.
Ngo-2004 umngani wami wangihlanganisa nenye intokazi emva kokuba ngimtshele ukuthi ngifuna unkosikazi.
Sasizwana naleyo ntokazi kanti indaba yonakala emva kokuya nayo ocansini. Lwangiphelela uthando lwayo - nokuyinto engakaze yenzeke leyo emantombazaneni engake ngathandana nawo.
Nginenkinga ngakwezothando njengoba unkosikazi engasekho. Engikufunayo umuntu engizomthanda ngendlela engangithanda ngayo unkosikazi wami. Ngisize!
ST, Cape Town
lKwaze kwabuhlungu okwakwehlela. Okwenza usizi lwakho luzwele kakhulu wukuthi ingane ayitholakalanga kanti lokho kwenza kungabi lula ukuthi ukhohlwe yilesi sigameko.
Okuzwayo ngabesimame kujwayelekile futhi akumangalisi uma ubheka usizi odlule kulo.
Ngokwakho, uyamdinga unkosikazi ozobambisana naye kodwa kuthi lapho usuthole intombi, ucabange ngonkosikazi wakho.
Abesimame ubaqhathanisa nomkakho ongasekho nokuyinto ejwayelekile leyo. Ufuna owesimame ozofana nonkosikazi wakho kanti nalokho kujwayelekile.
Kuyabonakala ukuthi wawumthanda kanti kusazothatha isikhathi ukuthi umkhohlwe.
Ngeke abuye kanti uma usukwamukelile lokho nokuthi akekho owesimame oyofana naye, uzokwazi ukuqhubeka nempilo ukhohlwe okwedlule nokuqhathanisa abesimame nomufi.
Unenhlanhla ngoba nanizwana nomufi kanti kuningi okuhle omkhumbula ngako.
Kodwa lezo zinto nanizenza nobabili ungavumi ukuba zibe yisithiyo othandweni.
Angitholanga lutho
Ngineminyaka engu-23. Mina nowayengumyeni wami sashada umshado wesintu ngo-2001.
Ekuqaleni kuka-2003 sasingasezwani sihlale sixabana. Ngathatha isinqumo sokuphindela ekhaya e-Eastern Cape ukuze ngiphumuze umqondo.
Ekubuyeleni kwami eGoli emva kwenyanga ngathola ukuthi useyishiyile indawo esasihlala kuyona wayohlala nenye intombi.
Ngathola nokuthi bashadile.
Wathatha nempahla yasendlini esasiyithenge sobabili ngoba konke kwakubiza igama lakhe.
Inyanga yaphela sengilahlekelwe yindoda engiyithandayo, ikhaya lami, isithunzi sami nokuzethemba...
Kwadingeka ukuba ngihlale nabazali bami ngibachazele ukuthi sekuphelile ngomendo wami. Ngazizwa ngilulazekile.
Kwangiphatha kabi lokho.
Ngonyaka odlule umyeni wami wafika e-Eastern Cape esezoxolisa wathi wenza iphutha ngokushada nomunye umuntu.
Wathi ufuna sibuyelane phezu kokuba ayesashadile nomkakhe osenengane yakhe. Uthi uzozama konke okusemandleni ukukhombisa ukuthi uyazisola.
Ngabe kukhona isinyathelo okumele ngisithathe ngokuhlupheka engidlule kukona"
Angisahlali ekhaya ngoba sengiyasebenza ngizama ukuthenga izinto ezangilahlekela eGoli ngenxa yomyeni wami.
Wangichithela isikhathi edlala ngami, wangenza inhlekisa njengoba abantu besangihleka namanje.
LL, Umtata
lYisifundo esinzima lesi ositholile kodwa ngokwencwadi yakho kuyezwakala ukuthi awuzimisele ngokwenza intando yale ndoda. Kuhle lokho!
Kuzodingeka ukuba uthole iseluleko sabomthetho mayelana nomshado wakho nokuthi umi kuphi.
Usemncane kanti usuqale nokuyihlela kabusha impilo yakho. Ngabe usafuna kube khona okuzokuhlanganisa nale ndoda"
Usubonile ukuthi ibikuchithela isikhathi idlala ngawe kanti angiboni ukuthi ixolisa ngoba izisola ngempela. Khohlwa iyona.
Ungabanaki abakuhlekayo ngoba nalokho kuzodlula.
Gxila empilweni yakho nasekwakheni ikusasa lakho ukuze libe yilokho ozoziqhenya ngako.
Mhlawumbe labo abakuhlekayo bazogcina sebehleka umyeni wakho ngobuwula bakhe...
Ngiyinkonkoni
Ngiyinkonkoni eneminyaka engu-30. Inkinga yami wukuthi angimtholi engingathandana naye ngoba umphakathi engihlala kuwo usabacwasa abantu abayizinkonkoni.
Bathi kuyisono ukuya ocansini kwabantu bobulili obufanayo.
Kodwa ngiyabathanda abesilisa kanti angazi ukuthi ngizomthola kanjani owesilisa ozongithanda.
Ngisize!
TSM, Site C
lKuzwakala sengathi indawo ohlala kuyona ayinabo abantu abaningi kanti abahlala kuyona bayazana.
Sengathi kulo mphakathi akekho omunye umuntu oyinkonkoni ngaphandle kwakho.
Uma lokhu engikushoyo kuyiqiniso, ongakwenza ukushintsha indawo yokuhlala.
Ngaleyo ndlela kungenzeka uhlangane nabantu abangabaxwayi abantu abaphila impilo oyiphilayo. [z]
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
BONA ZULU - March 2006
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kulengosi.
Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Ikheli lithi:
Ask Sis Sarah,
Box 32083,
Mobeni, 4060
