ZULU.2835.AfricaBeat
GUINEA
Ukukhathazeka kwentsha yaseGuinea sekwenze kwafi-nyelela odlameni nasekubhekaneni ngeziqu zamehlo nabombutho wezokuvikela. Lokhu sekudale okukhulu ukukhalaza njengoba bekugqamisa abaculi bakuleli lizwe, ngokusho kwemibiko yabeBBC.
“Uma izinto ezingekho emthethweni ziyingxenye yomthetho - kusho ukuthi ukuteleka kuzoba iyona mpilo. Ayikho indawo emhlabeni wonke enenkohlakalo ukwedlula iGuinea,” kusho uPhaduba Keita womculo we-rap eGuinea.
“Namuhla iConakry yinhloko-dolobha emnyama kunazo zonke izindawo emhlabeni njengoba ingenagesi, ingenamanzi futhi ingenazinsiza.”
“Bonke abantu bafuna uhulumeni omusha kodwa osopolitiki bathi abayi ndawo,” kusho ongumculi u-Ablaye “Skandal” M’baye. “Baphila kamnandi bona nemindeni yabo ekubeni abantu babulawa yindlala.” Umdlali we-trumpet uSekou “Le Grow” Camara wodumo lo-1960 ukholwa wukuthi abaculi banamuhla bangenza umehluko. “Ngicabanga ukuthi benza umsebenzi omuhle kanti nomlayezo wabo uyezwakala,” kusho yena.
NIGERIA
Amakhulu eziboshwa agwetshwa intambo ngamacala angaqulwanga ngendlela eyiyo negculisayo ngokusho kwenhlangano yamalungelo esintu i-Amnesty International. Abantu bavuma amacala ngokuhlukunyezwa bagwetshwe intambo kusukela kulobo bufakazi, ngokusho kombiko wabe-AI. “Amajaji ayazi ukuthi kunokuhlukunyezwa okwenziwa amaphoyisa, kodwa ayaqhubeka ukugweba abantu intambo,” kusho uChino Obiagwu wabeLedap, inhlangano yezomthetho eNigeria eyaba nesandla ekubhalweni kwalo mbiko. “Angisiye umuntu obamba inkunzi, ngingumkhandi wezicathulo. Ngathenga isithuthuthu kumuntu owayesintshontshile,” kusho omunye weziboshwa (57) olindele ukunqunywa etshela i-Al. Wafaka isicelo sokubukezwa kwecala eminyakeni engu-24 eyedlule kodwa namanje usalindile.
UMHLABA WETHU
EZASE-AFRICA
MALAWI
UMiss Malawi uPeth Msiska, useqalise umkhankaso wokuvotelwa ukuze angene ephalamende okhethweni ngoMay 2009.
Lo nobuhle oneziqu ze-accounting usephathe imicimbi yefeshini eBlantyre nasendaweni yangakubo eChileka eningizimu yezwe.
Le ntokazi (24) ithi ingawenza umsebenzi ngoba isencane kanti izimisele ngokusiza abanye,” njengoba yenzile isenguMiss Malawi.
“Ngacabanga ukujoyina ipolitiki ukuze ngenze umehluko ezimpilweni zabantu, ikakhulu kulabo abasemaphandleni,” kusho yena.
Lokho ngeke kube lula. U-70% wabantu bezwe laseMalawi abangu-14 million bahlala emaphandleni, abangu-22% bahlupheka kakhulu - ngokwemibiko yabe-UN.
UMiss Malawi ukhuthazwa ikakhulu nguSara Palin okhankasela ukuba yisekela likamongameli enhlanganweni yamaRepublican eMelika. Le ntokazi yalala isithathu kokaMiss Alaska ka-1984. “Yisikhathi sokuba abantu babone ukuthi abangonobuhle bangaba ngabaholi,” kusho uMsiska etshela abezindaba be-IPS.
BOTSWANA
Owayengumongameli uFestus Gontebanye Mogae nguye owawina i-Ibrahim Prize For Achievement In African Leadership ka-2008.
“Ukuphatha kahle kwalo mongameli kwaqinisekisa ukuthi izwe laseBotswana liyaphumelela ukubhekana nezingxaki zesifo seHIV/AIDS ezase zimise lubhojozi leli lizwe nabantu balo,” kusho owayeyisikhulu se-UN uKofi Annan ongusihlalo wekomiti lalo mklomelo.
Kulokhu sibonga uMogae, “iBotswana ikhombisile ukuthi izwe elinezinsiza lingaphumelela ukuletha intuthuko ngenxa yokuphatha okuhle kukahulumeni, ezwenikazi lapho umcebo wezokumbiwa phansi usufana nesiqalekiso.”
Lo mklomelo wonyaka omkhulu kunayo yonke emhlabeni uqukethe imali engu-US$5 million eminyakeni elishumi kanti owuwinile uthola US$200 000 ngonyaka impilo yonke. Umsunguli wawo uMo Ibrahim ngusozigidi waseSudan owaqala i-nkampani yezokuxhumana e-Africa iCeltel International. [z]
EGYPT
U-Amr Zaki uthi unethemba lokuthi i-Egypt ingaphumelela ekuhlungelweni iNdebe yoMhlaba ka-2010. Lo mgadli weWigan ngesikhathi sokubhala lolu daba, wabe engumshayi-magoli ophambili kwi-English Premier League.
“Sinethemba singaphumelela ukuyingenela iNdebe yoMhlaba ngoba sikhombisile ukuthi singashaya noma yiliphi iqembu e-Africa,” kusho uZaki.
Nakuba i-Egypt isiwine iNations Cup izikhathi ezingu-6, yangena kwiWorld Cup kabili - okokugcina kwaba iseminyakeni engu-18 edlule.
Nansi indlela enhle yokulwa nobugebengu. Oyisikhulu samaphoyisa eZambia u-Ephraim Mateyo usecele izikhulu zamaphoyisa ezweni lonkana ukuba zidubulele ukubulala ezigebengwini ezihlomile. Ekhuluma kuvulwa isiteshi samaphoyisa eNdola, uthe makube ngumsebenzi wamaphoyisa ukugudluza izigebengu eziyingozi.
Asisekho isidingo sokuba amaphoyisa elokhu egaxana nezigebengu ezihlomile izinsimbi. “Ayikho into embi ekudubuleni nibulale izigebengu, uma nje lokho sikwenza ngokulandela umthetho,” kusho yena
ZAMBIA
