ZULU.2833.yourmanfashion
Okunemigqa kuhle
IFESHINI YABESILISA
Yiba muhle ube sesitayeleni ugqoke ishethi elinemigqa elifanele wena nephakethe lakho
I SHETHI elinemigqa liyindlela enhle yokugqama ngaphandle kokuswenka kakhulu. Nazi izinto ezingatheni okumele uzikhumbule uma ukhetha ishethi elinemigqa.
Khetha imigqa ebheke phansi:
Ishethi elinemigqa ebheke phansi likahle ngoba lenza ubukeke umude umncane ngomzimba.
Isefeshinini: Uma ungumuntu othanda ukugqoka kahle, imigqa engagqamile kakhulu ikulungele. Ishethi elinemigqa engosayizi abehlukahlukene nalo lisefeshinini. Uma ungenamahloni ungakhetha imigqa emikhulu egqamile.
Xuba ngokucophelela: Yebo, ishethi elinemigqa ungaligqoka nesudi enemigqa. Qinisekisa ukuthi usayizi wemigqa yesudi awulingana noweshethi.
Ngeke kulunge uma ugqoka isudi enemigqa egqamile, ishethi nothayi!
Uma ulandele le mithetho, ishethi lakho uzoligqoka ngokuzethemba.
Umgqokisi: Thato-ya-Ona Lerefolo
Izithombe: Peter Whitfield
Ishethi elinemigqa elinoku-blue noku-brown nemikhono emide (R499), Soviet.
Ishethi eli-green elinemigqa nemikhono emide (R390), Truworths.
Ishethi eli-brown elinemigqa nemikhono emide (R790), Carducci.
Ishethi eli-blue elinemigqa nemikhono emide (R499), Truworths.
