zulu.2832.divas
UMCULOWOKHOLO
Izintokazi ezine ezinephupho elilodwa
Lezi zintokazi ezine ezalandela amaphupho azo, azizange zidikibale kusukela phansi zisazabalazela ukuba zilale zidlile - kuya ekutholeni udumo nempilo engcono ngenxa yamakhono azo okucula kanjalo nokusebenza kanzima nokuThembela kuNKULUNKULU... Indaba ngu-André Fiore no-Anne Schauffer, izithombe nguSally Chance
SINETHULELA izintokazi ezine ezihlanganiswe wuthando lomculo. Lezi zintokazi zinephupho elilodwa: lokuba yizihlabani zabaculi besimame...
Emva kokuzizwa zicula - akulula neze ukukholwa wukuthi zisanda kuhlangana njengoba leli qembu iThe Divas lihlanganiswe ngo-February 2006. ULindokuhle noGugu babesebenza kwaCheckers kanti uSibongile noZodwa babengaqashiwe.
"Saba nama-auditions eBayede Shaka ngoFebruary 2006," kusho imenenja yabo uXolani Majozi naye ongomunye wabaphethe Ekhaya Multi Arts Centre KwaMashu.
"Kwaqala kwafika owokuqala owasimangaza ngezwi elimnandi. Emva kwalokho kwafika omunye. Sajabula sabona ukuthi amazwi abo azozwana kahle kakhulu lapho becula ndawonye."
"Babengazani. Emva kwalokho kwafika omunye nokwaba yinto eyasijabulisa kakhulu. Emva kwalokho futhi kwafika owesine nathi savele sazibonela ukuthi ibambe ngakho! Lazaleka kanjalo-ke leli qembu labesimame lomculo woKholo. Akuzange kube khona ukungabaza ukuthi leli qembu lizozibonakalisa emhlabeni jikelele."
Ekudlaleni kwalo kwiBayede Shaka, nasemdlalweni ka-Edmund Mhlongo Inkosi Albert Luthuli ePlayhouse eThekwini naseSibaya Casino kanjalo nasezikoleni nasemasontweni nasemahholo emiphakathi ezindaweni eziseKZN naseGoli, leli qembu lakwazi ukwethula iCD yalo emphakathini.
Ushintsho kulezi zintokazi lusheshe ngokumangalisayo - ngenxa yokusebenza kanzima - emva kweminyaka eminingi zizimisele ngokufeza amaphupho azo.
Iseluleko sabo: ningalokothi niphele amandla kwenikwenzayo. Bambelelani emaphusheni ezifiso zenu nenze nesiqiniseko sokuthi enikwenzayo kuzonenza niphumelele.[z]
BONA ZULU July 2008
Kwesobunxele emumva, ulandela ukuhamba kwewashi: ULindokuhle Khuzwayo, Zodwa Miya, Sibongile Dludla noGugu Ndlovu.
SIBONGILE DLUDLA
USibongile wayengaqashiwe ecula emasontweni nasezikoleni iminyaka eminingi ngaphambi kokuba aphumelele emculweni. Unezingane ezimbili uZama (14) noSimphiwe(9).
Iphupho lakhe: Wukukhuthaza abantu ukuba basebenzisane noNKULUNKULU.
Iseluleko sakhe: Bambelelani emfundweni.
GUGU NDLOVU
Wasebenza esuphamakethe iminyaka eyisithupha - waqala engu-packer wagcina esese-bakery. Babazana noLindokuhle bevame ukucula ndawonye. Wayazi ukuthi ukuzinikela emculweni kungamenza isihlabani. "Ngangilokhu ngizitshela ukuthi ngeke ngigcine ngisebenza lapho ngangisebenza khona - ngangisebenza ngenzela ukuba ngithole ukudla," kusho yena.
Iphupho lakhe: Ukuba aziculele ngayedwana
Iseluleko sakhe: Thembelani kuNKULUNKULU ningayeki futhi ukuba nizethembe.
LINDOKUHLE KHUZWAYO
Wasebenza esuphamakethe yakwaCheckers eshaya isisefo iminyaka emithathu ngaphambi kokuba azakhele igama emculweni. Wayekuthanda ukucula ezimisele ngokuba ngelinye ilanga abe yisihlabani somculo. Indodakazi yakhe eneminyaka engu-12 uSamkelisiwe nayo inezwi elimnandi.
Iphupho lakhe: Ukushumayela iVangeli kubantu abasha nokubasiza bazi ngezinto esizenzelwa wuNKULUNKULU.
Iseluleko sakhe: Lalelani abazali benu nithathe izeluleko zabo.
ZODWA MIYA
Wayengasebenzi kodwa manje usethenga noma kuphi lapho ethanda khona. "Ngizibona ngingumuntu owehlukile, kanjalo nendodakazi yami," kusho yena ehleka. "Iyawuthanda umsebenzi wami kanti nayo icula kahle futhi."
Iphupho lakhe: Wukuba yisihlabani somculo!
Iseluleko sakhe: Khulekani kuNKULUNKULU ningaphezi!
BONA ZULU July 2008 43
