zulu.2831.zone
Umdlalo wothando
SINODOKOTELA kanye nentokazi yase-spaza shop ekhwahla abesilisa – bayathandana kwiZone 14 i-soapie yebhola edlala kuSABC 1 ngoMsombuluko kusihlwa. Ngalo mdlalo uTshepo Ngwane uthole ithuba lokubuyisa isithunzi sakhe njengoba elingisa indawo yothandana nentokazi enguTerry Pheto.
“Mhlawumbe abantu sebezokhohlwa wukuthi ngake ngaqabulana nomuntu wesilisa kwiYizo Yizo!” kusho yena.
Lowo mdlalo wawukhuluma ngentsha yaselokishini eyafunda kanzima yagcina isifinyelele enyuvesi kanti ababewugxeka usaqala bagcina bewutholile umyalezo kuwona. Manje ophrojusa bawo bafuna ukukhombisa abantu okwenzeka kwiPeople’s Game – ekhuluma ngempilo ewubukhazikhazi, abadlali abayizihlabani, abesimame abafuna imali kanye nabadayisela abadlali abancane izimoto ngenhloso yokuhlomula kule mboni yebhola enezimali ezishisiwe.
“Siyazi ukuthi baningi abalandeli bebhola ababuka iZone 14,” kusho umbhali osezakhele igama uTeboho Mahlatsi. “Ngayo sasifuna ukuvela nokuzobaheha ngaphezu kweYizo Yizo. Abalingisi bethu sabaqeqesha neqembu le-Orlando Pirates ukuze imizimba yabo ibukeke kahle.”
Ukulingisa kukaThiza indawo yenkonkoni kwiYizo Yizo kwashaqisa ababukeli. Emva kwalezo ziqephu ezenziwa ngo-2002, uTshepo sambona kwiBackstage ku-e-tv, kwiJozi Streets, nakwiSnitch kuSABC 3 – kodwa abantu abakhohlwa ukuthi wake waqabula owesilisa.
“Abantu bathi ngiyazwela njengoThiza kanti kuyangifanela ukuba yinkonkoni,” kusho yena. “Ngithanda bazi ukuthi ngihlala eJabulani, nginentombi kanti ngiphila ngokulingisa. Ngifuna ukuzakhela igama kwi-camera ukuze ngingawusweli umsebenzi.
“Kwathi uma kuvela ithuba lokulingisa indawo yowesilisa odlala ngabesimame kwiZone 14 ngalamukela ngezandla ezifudumele. U-Terry ungomunye wabalingisa indawo esemqoka kulo mdlalo – ziningi iziqephu zothando esibonakala kuzona kanti ngineqiniso lokuthi akekho umuntu oyophinde abe nokungabaza ukuthi ngithanda abantu babuphi ubulili!”
Ukulingisa indawo kaMdu, indodana encane yomndeni wakwaSibaya odla izambane likapondo kwiZone 14 kwenza ukuba angabasweli abantu azoya nabo ocansini.
“UMdu ungudokotela,” kusho uTshepo. “Kodwa unomona ngabadlali bebhola nokumenza agcine esegxile kwabesimame.
Wagcina egotshwe ukuhlangana noPinky Khumba oneminyaka engu 19.
“Ngiyathanda ukulingisa indawo kaPinky,” kusho uTerry. “Ukusiza e-spaza shop sikamama wakhe akumkhathazi ngoba unamaphupho. Muhle kanti baningi abesilisa athandana nabo kodwa akakhohliwe ukuthi wukuya enyuvesi nokuxhumana nabantu abanegama emphakathini okuyomkhipha osizini.
“Abadlali bebhola bayamazi. Akaboni bezomsiza kulokhu akufunayo kodwa ukubuyela kukaMdu ekhaya esengudokotela kwamenza wambona umuntu asezobambelela kuyena uPinky. Umndeni wakwaSibaya uneqembu lebhola.
KwiZone 14 kulingisa izintokazi ezinhle ezinethalente kodwa elikaTerry ligqame kakhulu. Le ntokazi eyazalwa yakhulela elokishini lase-Evaton eSoweto, isizakhele igama kuma-movie.
Ifilimu yakhe yokuqala ethi Tsotsi, iqokwe kwamele i-Africa kuma-Oscar awards eHollywood ngoFebruary. Ubuye adlale indima esemqoka kwi-movie yaseHollywood okulingisa kuyona uBonnie Mbuli ethi Hotstuff.
“Ngithola izingcingo ziphuma kuma-agents aseMelika ekhala ngomsebenzi engiwenza kwiTsotsi kanti manje ngizovela ekhaveni kaBONA. Angikukholwa okwenzeka empilweni yami,” kusho uTerry ehleka.
“Nami njengoPinky ngangihlala ngidlinza ngokuthi impilo yami ingaba ngcono kakhulu uma ngiphila ntofontofo,” kuqhuba yena. “Ezinyangeni ezingu-18 ezedlule ngangingazi nokuthi ngizoyithathaphi imali yokugibela. Manje ngibeka imali yokuthenga imoto.”
U-Terry oneminyaka engu-23 manje ukhule ehlala nomama wakhe. Ukuqeqesheka kwi-drama wakuthola eminyakeni emibili edlule neqembu laseSoweto elingisa emidlalweni yomphakathi abuye aye ema-high school uma kunemikhankaso yokuqwashisa ngeHIV.
“Akudingekanga ukuba ngenze ucwaningo ukuze ngilingise indawo kaPinky,” kusho yena. “Intsha esema-high school yayike ikhulume nami ngezocansi ibuze ukuthi ingabathatha kanjani abesilisa. U-Pinky wazi kahle ngaleyo ngcindezi intsha ebhekene nayo kanti uyazi ukuthi kumele aziphathe kanjani.”
UTshepo uyazi ukuthi impilo ingashintsha kalula kanjani ebholeni nakuma-soapie.
“NjengoMdu Sibaya, ngigqoka amasudi kanokusho,” kusho yena ehleka. “Kodwa uTshepo Ngwane ugqoka ama-jean agunde ikhanda njalo ngoMsombuluko.
“Ngingumlandeli wamaKhosi kanti ngifuna ukuthenga imoto ngemali engizoyithola ngokulingisa. KwiZone 14 ngiyengela uTerry Pheto ocansini – kanti lokho kufana nokuwina iPSL wonke amasizini.”
BONA ZULU – January 2006
Kuthole konke kwiZone 14
nguDOUG GORDON izithombe nguPETER BAASCH
izinwele neziphaqulo FAITH SEUOE izindlela
zokuhlela: MARINA WALSH
ukudidiyela: PATRICIA McCRACKEN
Zitike ngokubukela izimanga ezenzeka kwiPeople’s Game uzibonele nokuthi izihlabani ezinjengoTerry Pheto noTshepo Ngwane zenzani uma zingasekho enkundleni yebhola
BONA ZULU – January 2006
U-Terry uzenzela akuthandayo ngoTshepo kwiZone 14... (U-Terry: i-top namacici: Ruby InThe Dust; ibhulukwe: Foschini; UTshepo: iT-shirt: YDE; i-jean: eyakhe)
Indlela okuphrojuswe ngayo iZone 14
“Sizame ngawo wonke amandla ukuyenza ibe yinto yangempela le-soapie,” kusho uTeboho Mahlatsi. “Iwuhlelo lomphakathi zinhlangothi zombili ze-camera.”
n Izithombe zayo zathathelwa elokishini lase-Orlando eSoweto, lapho ophrojusa babeqashe khona i-stadium esiwubhuqu namakhaya kanjalo namabhizinisi aseduze naso ukuze kwenziwe le filimu.
n Ababhali beZone 14 baxhumana nePirates, Chiefs, SAFA nePSL ukuze lolu chunge lwenziwe lubukeke luyinto yangempela kusukela emagumbini okushintshela kuwona abadlali kuye e-boardroom.
n Baxoxisana namakhosikazi abadlali nezintombi zabo, ama-agents nabaphathi babo ukuze bathole konke okwenzeka ebholeni elikhokhelayo. [z]
