zulu.1239.beauty_2
Izindebe
BONA ZULU October 2008
EZOBUHLE
ezinhle
UMUNTU ukhetha i-lipstick ayithandayo. Kungenzeka ubone umngani wakho efake umbala omuhle omfanelayo kodwa kuthi uma uwuzama, ungakufaneli. Izinto okumele uzibheke ukuze ukhethe i-lipstick ekahle…
Ngabe iyakufanela?
Khetha umbala ofanela ibala lesikhumba sakho. Zama lokhu: bheka umbala osetshenziswa yisihlabani esinebala elifana nelakho ezindebeni zaso. Lokhu kuzokunika umqondo wombala okufanele uwukhethe.
Ngabe iyahambisana nokugqokile?
Iningi lethu kufanele ligqoke liswenke emsebenzini, ngakhoke khetha umbala ongagqamile, ogqamile uwufake kusihlwa.
Ngabe yenza ubukeke kabi?
Okunye okufanele ukubeke emqondweni wukuthi ufaka i-make-up engakanani. Uma uthanda enombala ozothile, ungabukeka kabi uma ufaka into engazicwebezelisi izindebe. Uma uyifake kancane i-make-up emehlweni, khetha imibala egqame ngokuzothile uqhakambise ubuwena nge-lipstick yakho.
Uyikhetha kanjani i-blush?
Hlolisisa i-blush oyisebenzisayo. Umbala we-lipstick kufanele ufane nowe-
blush. Uma ufake umbala
o-copper ezidlathini zakho, sebenzisa o-copper ezindebeni.
Yimuphi umbala osesitayeleni?
Njengoba sekusehlobo, kuhle ukwazi ukuthi yimaphi ama-lipstick asesitayeleni ukuze ukhethe owathandayo…
U-Michelle Moodley wakwaClicks uthi imibala engagqamile kakhulu ikahle kuleli hlobo. “Imibala e-plum ne-violet izodlisa kakhulu kuleli hlobo kanti e-brown yona izophuma,” kusho yena.
“Imibala ecwebezelayo nayo izodlisa,” kuqhuba yena, “kanti i-gloss ecwebezelayo ungayifaka kalula phezu kwe-lipstick yakho kusihlwa ukuze uqhakazise ukubukeka kwakho.”
Uma ungazwani nokucwebezelayo, ungafaka i-gloss engathakiwe phezu kwe-lipstick yakho ukuze icwebezele.
U-Michelle utusa iL’Oreal Infallible in Merlot 710. U-Beyonce ujutshelwe ukusebenzisa imikhiqizo ye-Infallible, kanti usebenzisa iMerlot 710 lipstick ezikhangisweni zakhe.
“Lo mbala ukahle kwabesimame abanebala elinsundu,” kusho uMichelle.
I-Infallible inezinhlangothi ezimbili, olunye uhlangothi lunombala ongapheli, kanti olunye lune-coat oyifaka ngaphezulu ecwebezelisa iswakamise izindebe.
“Enye i-lipstick ekahle yiMaybelline Watershine edle ngokucwebezela kakhulu kunokuba nombala,” kuqhuba uMichelle.
U-Cleo Cele wakwaWoolworths uyavuma ukuthi imibala engagqamile kakhulu iyona ekahle ehlobo kanti uthi akufanele ukhohlwe ukucwebezelisa uqhakazise izindebe, kodwa akavumelani noMichelle ngemibala esesitayeleni.
“Yimibala e-beige neyemvelo esesitayeleni,” kusho yena.
Uncoma uchunge lwemikhiqizo yeBlack Up, etholakala kwaWoolworths kuphela.
“Lolu chunge lukahle kwabesimame abanebala elinsundu” kusho yena.
KwiBlack Up uthola uchunge olubanzi ongakhetha kulona. Ngaphandle kwama-lipstick ahamba wodwa, kukhona iPalette enamadosha amane, amathathu anemibala ye-lipstick ehlukene kanti elilodwa line-gloss.
I-Lip Care Kit, ine-scrub ne-balm. “Kusebenzise kabili ngesonto ezindebeni ezomile ezixebukayo,” kululeka uCleo. “Ungafaka i-balm ngaphansi kwe- lipstick yakho.”
Ngingakhetha muphi?
Kubukeka sengathi kuzoba lula ukusebenzisa ama-lipstick asesitayeleni kuleli hlobo. Khetha umbala owuthandayo, kungaba o-bold plum ongawufaka kakhulu, noma o-beige ofanelana nokumthuqasi okufakwa emehlweni – qiniseka ukuthi ukhetha umbala ocwebezelayo! [z]
OCHWEPHESHE BANCOMA:
■ I-L’Oreal Infallible (R140);
■ I-Maybelline Watershine (R64,95);
■ I-Black Up (itholakala kwaWoolworths kuphela ngamanani ahlukene kanti kuya ngokuthi wena ukhethani).
Izindebe ziyisitho sobuso esigqamile esihle, kanti ngokufaka umbala noma uzicwebezelise, zingaqhakazisa nengubo ebukeka ikhathele, noma ziqhakambise ubuwena… indaba nguCharis Dawson
IZELULEKO
■ Ngabe i-lipstick yakho iphuke ngaphambili? Susa isihloko sayo nge-tissue, layitha umentshisi ushise lapho iphuke khona ize incibilike kancane, hlanganisa ophisi abaphukile ngokucophelela. Beka i-lipstick efrijini isikhathi esingangengxenye yehora ususe isivalo sayo.
■ Gcoba i-foundation ezindebeni ngaphambi kokufaka i-lipstick ukuze i-lipstick yakho ihlale isikhathi eside.
■ Ukuze izindebe zibukeke zigcwele, sebenzisa i-lip liner enombala ofana nowezindebe zakho, engafani nombala we-lipstick.
■ Ngabe usukhathele i-lipstick enamathela emazinyweni? Lokho ungakunqanda ngokufaka umunwe wokukhomba emlomeni bese uyawukhipha. I-lipstick izosalela emunweni, hhayi emlomeni.
■ Ungawusebenzisi umbala o-orange no-brown ezindebeni, wenza izindebe zibukeke ziphuzi.
■ Ngabe awufuni ukushiya izinsalela ze-lipstick engilazini? Khotha izindebe ngaphambi kokuphuza ukuze ingasali engilazini.
■ Sula i-lipstick, uphinde uyigcobe, yisule okwesibili ukuze kusale izinsalela zayo ezindebeni. Ngale ndlela kuzosuka owoyela i-lipstick yakho ibukeke ngokwemvelo.
■ Ungasebenzisi ama-lipstick owahlolayo ezindebeni, lokho kuphambene nenhlanzeko. Yihlole ngokuyigcoba emunweni, umbala womunwe umesha owezindebe zakho.
■ Qiniseka ukuthi i-lip liner pencil iloliwe, engaloliwe ayihlali kahle ezindebeni.
■ Faka i-lipstick efrijini, ihlala isikhathi eside..
BONA ZULU October 2008
