ZULU.2825.yourlifeguide_heaven
USIZO LOMPHEFUMULO
Umfundisi uGeorge ukunikeza izimpendulo zokomoya ezinkingeni zakho
Ngiphila esihogweni
Ngingowesimame oshadile oyiKholwa othandana nowesilisa oshadile. Uthi uyangithanda kanti angathanda ukungenza unkosikazi wakhe wesibili. Sibonana uma sithola ithuba. Umyeni wami ngimqambela amanga uma kukhona akusolayo.
Ngicela ungisize ngoba ngiphila esihogweni kanti uJesu usezobuya akufanele Afike ngiphila kuleli hlazo.
Odidekile nokhathazekile, eSwazini.
Dear Wena Odidekile nokhathazekile:
Umzimba wakho uyithempeli likaMoya oyiNgcwele. Ukuya ocansini nomuntu ongashadile naye wubufebe (1 AbaseKorinte, 3:16).
Uma nithandana nibe nishadile, njengoba kwenza nina, nisuke niphinga nibulala ikhaya, umndeni nemishado yenu (Izaga 6:32).
Kungezwakala kahle kubukeke kukuhle kodwa kuphethe ngokuphula umoya. Njengamakholwa, asenzi noma yini esiyithandayo kodwa senza okufaneleyo!
Cela uxolo kuNKULUNKULU ucele nokuthanda umyeni wakho. UNKULUNKULU Akakudeli.
Uphelelwe wuKholo
Umyeni wami wayenguMkhrestu wayeka ukuya esontweni emva kweminyaka engu-18 ekholwa kanti manje useyaphuza.
Uthi usekhathele wukuthandaza imithandazo engaphendulwa kanti kade aqala ukuya esontweni kodwa akanalutho namanje. Uthi abangani bakhe bahamba ngezimoto zikanokusho banamabhizinisi kodwa abakwazi ngisho nokusho Ubaba Wethu Osezulwini.
Ubona sengathi usephenduke inhlekisa ngoba akukho anakho okukhomba ukuthi uzinikele kuNKULUNKULU.
Nolitha Magagula
Dear Nolitha: Ungalwi nomyeni wakho noma umkhathaze ngoba lokho kungenza isimo sibe muncu kakhulu.
Okungcono ongakwenza wukumfundela Imibhalo Engcwele (1 Peter 3:1-2).
Isikhali sakho esikhulu makube ngumkhuleko wenze okuhambisana nokholo lwakho. Umyeni wakho ukhohliswa yisitha kanti uNKULUNKULU uzomvula amehlo ngobubi bezenzo zakhe.
Ungapheli amandla uma ungasheshi ukubona umehluko. UNKULUNKULU Uthembisile ukuthi uzosindisa ikhaya lakho lonke (Izenzo 11:14). Themba lelo lizwi. Ngeke Akudele.
Ngabe ukuhlinzwa kuyisono?
Iningi lezihlabani zethu liyahlinzwa linciphise noma likhulise amabele, linciphisa izisu noma lizibulalise ngendlala ukuze libukeke kahle. Abanye baya ejimini noma baphuze amaphilisi okwehlisa isisindo somzimba. Ngabe yonke le mizamo iyisono kuNKULUNKULU?
Ofuna Ukwazi, eThekwini
Dear Wena Ofuna Ukwazi: UNKULUNKULU Akafuni sehlulele abanye (Matthew 7:7;
1 AbaseKorinte 11:31).
Kodwa Ufuna sinakekele imizimba nempilo yethu. Ayikho into embi ngokuthanda umzimba wakho kodwa lokho akufanele kuxabane nokholo lwakho kanti kufanele ufunde ukuzihlukanisa lezi zinto.
Ngikholwa wukuthi akulungile ukungawunakekeli umzimba wakho ngokuwugxisha ukudla okungafanele, ngokungazivocavoci uphumule ngokwanele.[z]
NGABE ABEFUNDISI KUFANELE BASHADE?
Umngani wami osontayo uhlushwa abaphathi bebandla namanye amalungu ebandla ngoba engakakulungeli ukushada. Unezimpalwu zokuba ngumfundisi kodwa akakwazi ukugcotshwa ngoba akashadile ngokomthetho nentombi yakhe. NgokweBhayibheli, ngabe kufanele ushade ngokusemthethweni ukuze ugcotshwe ube ngumfundisi?
Jeffrey, Newcastle
Dear Jeffrey: NgokweBhayibheli umfundisi kufanele abe nonkosikazi (1 Timothy 3:2), aphile impilo ehlelekile abe negama elihle emphakathini. Umuntu angaba umfundisi engashadile, kodwa abefundisi abanjalo bangalingeka kalula kuzwakale izinkulumo ngabo.
Ngaphandle kwalokho, abantu bayakhululeka bamethembe umfundisi wabo eshadile.
SONDLA UMPHEFUMULO
Ukuhli-nzwa akuso-na isono
Write to
Pastor George:
Heavenly Help,
Box 473014,
Parklands, 2121
