zulu.2819.motoring
NGONYAKA ka-1997 iDaihatsu Terios kwakuyimoto eyi-4x4 encane kunazo zonke eSouth Africa kanti futhi yayibiza R99 999 nokwakuyinani elaliphansi kakhulu.
Ngaleso sikhathi iningi labantu lalingakholelwa kule moto encane eyayinegama elingazwakali kahle. Umzimba wayo omncane nenjini yayo engu-1,3 litre yayingahambisani nesimo okufanele ngabe i-4x4 iyiso.
Izimoto zohlobo lwamaTerios zazingakhelwe ukuqhudelana namaLand Rovers namaToyota land Cruisers. Zazingakhelwe futhi ukuhamba emigwaqweni yasemaphandleni e-Eastern Cape, KZN naseLimpopo.
Zazakhelwe ukuhamba emigwaqweni yetiyela emadolobheni nasemalokishini.
Kodwa zathengisa kahle kakhulu.
Kulo nyaka iDaihatsu isikhiphe imoto yalolu hlobo esiyenziwe ngcono iTerios II.
Yimuphi umehluko- Lolu hlobo lweTerios lunomzimba omude, indawo eningi nenjini enkulu. Nakhu okuhlanu okuzokwenza uyithande le moto.
1 Inendawo eningi. Enye indawo ekhona ingakwenza ufake isihlalo sesithathu - kube ngumshayeli nabanye abagibeli abangu-6. Lokhu kusho ukuthi izihlobo zakho zonke noma ozakwenu basesontweni banganela kahle. Uma uvala izihlalo zangemumva ungathola indawo yabanye abantu nezimpahla.
Ukonga indawo, isondo eliyi-spare lihlala ngaphandle esicabheni se-boot. Lokhu kwenza imoto ibukeke kahle njengoba izimoto ezinamasondo emhlane zikhanga kakhulu.
2 Iphephile intofontofo. Wonke ama-model alezi zimoto anama-air-condition ama-air bag amabili. Amabhuleki e-ABS, amafasitela kagesi nomsakazo.
Iyazikhiya nakuba lokhu kungasebenzi nge-remote kudinga wena - ngokusebenzisa ukhiye.
3 Ilula futhi kulula ukuyigcina. Kunezingxenye zikapulasitiki eziphansi ngaphakathi kule moto. Kodwa ngaphansi ngaphandle yakhiwe kahle. Uma unezingane ezihlale zingcolisa imoto yakho, kulula ukuyigeza lezi zinto ezingupulasitiki.
Njengoba abakwaDaihatsu bemandla ekwakheni izimoto ezincane, bazenza zingabi nesisindo esikhulu. Ngenxa yalokhu, izicabha zilula.
4 Ikongela uphethiloli. Kwi-4x4 ungasebenzisa 16 amalitha ukuhamba 100km. Ungasebenzisa imali engu-R800 ukugcwalisa ithange. Kodwa iTerios ingasebenzisa amalitha angu-10 nje kuphela ebangeni elingu-100km.
5 Ihamba kamnandi. Kunjani ukuyishayela- Injini idinga ukuba uyireve kakhulu kanti ijubane layo liyakwanelisa.
IDaihatsu ihamba kahle
kakhulu futhi emigwaqweni enezikhinsi nakuba ingayifanele imigwaqo emibi.
6 I-4x4 ethengekayo.
Imoto esayihlola ibiza cishe R220 000 nokuncika
kwezinye izinto ezifakiwe.
Ihambisana nohlelo
lwe-service lweminyaka emithathu ku-75 000km. Nohlelo lokuyinakekela luyatholakala, kanye ne-warranty yeminyaka emithathu ku-100 000km.
I-Terios iyatholakala futhi nangohlobo lwesinqe esifushane - i-manual ne-automatic, edonsa ngamasondo angaphambili kuphela. Iqala ku-R190 000. [z]
Indaba nezithombe: Gavin Foster
EZEZIMOTO
Iqinile i-4x4 encane
Umzi-mba omude, indawo eningi nenjini enkulu
NjengoNaomi Campbell, iDaihatsu entsha iTerios II yinde, iyabukeka. Okwehlukile wukuthi yona ayifani nalo mkhangisi ngoba kulula akubizi ukuyinakekela kanti futhi iziphatha
kahle...
INKULU INGCONO KUNOKUCABANGA KWAKHO
Inkinga enkulu yeDaihatsu eSA wukuthi abantu abaningi bacabanga ukuthi abenzi balolu hlobo lwezimoto abantu abangaziwa.
IDaihatsu inkampani yaseJaphani osekuneminyaka ikhona kanti iphethwe ngabakwaToyota ngo-51%.
Imikhiqizo eminingi yeDaihatsu idayiswa noma kuphi nebheji lakwaToyota - iTerios ukwenza isibonelo yaziwa njengeToyota Rush eJaphani naseMalaysia.
