ZULU.2817.formula
yomntwana wakho
Ukukhetha i-formula yomntwana kungaba nzima ekuqaleni, kodwa asikho isizathu sokuba ukhathazeke. Nantu ulwazi olungakusiza lukwenzele lokho kube lula
UBISI lwebele lunazo zonke izakhamzimba ezidingwa yingane yakho ukuze ikhule. Ngezizathu ezihlukene, abanye bakhetha ukusebenzisa i-formula nebhodlela.
"Ungakuvumeli ukuba okutshelwa abanye kukwenze uzibone unecala," kusho omunye womama abasebenzayo esakhuluma naye. "Enza okuzozwana nawe nengane yakho - uma ibhodlela likusebenzela, nalokho kulungile.
Uma ukhetha i-formula kufanele uqiniseke ukuthi iyahlangabezana nezidingo zokudla kwengane yakho nokuthi nawe ungayimela nanokuthi yenzeka kalula - ngokuchaza kweWebsite ethi babymania.co.za
Umuntu ofanele ongambuza nge-formula ngudokotela wengane yakho (paediatrician) noma abahlengikazi emtholampilo.
1 Ingane yami ingaqala nini ukudla i-formula?
Abanye omama bancelisa ingane ibhodlela kusukela izelwe. Abanye bayincelisa ibele kusukela izelwe ngesikhathi besekwi-maternity leave bese kuthi lapho bebuyela emsebenzini bayincelise ibhodlela.
2 Ngabe ama-formula ezingane anani?
Amaphrotheni, amafutha, ama-carbohydrates, amavithamini nezinye izithako ukuze ingane yakho ihlale iphilile. Ama-formula amaningi enziwa ngobisi lwenkomo.
3 Ubona kanjani uma ingane ingezwani ne-formula?
Izimpawu ze-formula engafanele enganeni yakho - ukuhanjiswa yisisu, ukungakhuluphali noma ikhuluphale ngokweqile.
Ukwenza isibonelo, kunama-formula ezingane ezinkulu, eziyizwelayo indlala nokungenzeka angazilungeli izingane ezikahle ngosayizi womzimba.
"Kubalulekile ukuhlale uwashintsha ama-formula ngokukhula kwengane," kusho uDkt Solomon Lefakane wabeLesedi Private Hospital eGoli nonguchwepheshe ekunakekelweni kwezingane.
(Ingane yakho kungenzeka futhi ikhombise izimpawu esesizishilo uma ingezwani nobisi - bheka umbuzo 7.)
4 Ngabe zichazani izinombolo "1" no-"2" eziselebulini ye-formula?
I-formula yenzelwe izidingo zezingane zeminyaka ehlukene: u-"1" usetshenziswa kusukela ekuzalweni kuya ezinyangeni eziyisithupha; u-"2" usetshenziswa kusukela ezinyangeni eziyisithupha.
5 Ngazi kanjani uma ingane yami ithola i-formula encane noma eningi?
Izimpawu zokuthola encane:
ukwenyuka kwesisindo somzimba okuhamba kancane kunokujwayelekile;
ukungachami njalo;
ukuxega kwesikhumba sishwabane;
ukukhala njalo;
Izimpawu zokuthola eningi:
ukuthimisela noma ukuphalaza emva kokudla;
izimpawu zesisu esibuhlungu (okubonakala ngokubhongqana idonsa izinyawo);
ukukhuluphala kakhulu.
6 Kufanele ingane yami ngiyinike ubisi lwenkomo uma isineminyaka engakanani?
"Ngithanda ukweluleka omama ukuba basebenzise ubisi lwenkomo emva kokuba ingane isinonyaka. Nakuba kunjalo omama akufanele bajahe ubisi lwenkomo. Esikhundleni salokho bangaqala ngemikhiqizo yasemadeleni baqale nge-yogurt," kusho uDkt Solomon.
Ubisi lwenkomo alunayo i-iron eningi. Uma usheshe uyinika kungenzeka ibe nezimpawu zokukhombisa ukwesweleka kwe-iron egazini nokungakhubaza ukukhula kwengane.
7 Uma ingane yami ingazwani nobisi lwenkomo?
Ingane engezwani nobisi lwenkomo, ngeke izwane ne-formula ngoba ama-formula amaningi enziwa ngobisi lwenkomo.
Qinisekisa kudokotela wakho ukuthi ingane yakho ayizwani yini nobisi lwenkomo.
Udokotela uzokwazi ukukugunyazela i-soya formula efanele ingane yakho.[z]
INGANE YAKHO
odinga ukukwazi nge-formula
Into ebalule-kile wukuthi wena nengane yakho niphile kahle
