Zulu.2813.yourceleb_10ques
IMIBUZO
KaNomathemba "Thembsie" Matu
1. Yini okwadingeka ukuba uyenze mhla uqala ukuhlolelwa isikhangiso sakwaCell C"
Angisoze ngalukhohlwa lolo suku. Ngafika late ngaphoqeka ukuba ngilinde kuze kube yisikhathi sesidlo sasemini. Bathi angimemeze ngithi "Cell C Talk For Free On The Weekend" ngitshele abantu ngilunguze ngewindi!
2. Ngabe abantu bake bacele ukuba ukhulume ngendlela okhuluma ngayo ezikhangisweni zakwaCell C"
Yebo! Bafuna ngimemeze nasemingcwabeni.
Kuhle ukwaziwa abantu kodwa kumele bakhumbule ukuthi izinsuku azifani. Kuyenzeka kokunye ngingabi nomdlandla wokwenza lokho abakufunayo!
3. Ngabe uyawuthumela u-please-call-me noma u "bhaze" abantu"
Ngizwana nokushaya ucingo kodwa uma kunesidingo ngi "bhaze".
4. Ubani ongamthumelela u- please-call-me ngokukhululeka unolwazi lokuthi uzokushayela ucingo uma ewuthola"
Ngiyawuthumela kumyeni wami, kwi-agent yami nasendodaneni yami. Yibona engisuke nginethemba lokuthi bazongishayela.
5. Ubani okhuluma naye kakhulu ocingweni"
Yi-agent yami.
6. Iyiphi i-phone oyiphathayo"
Nginamabili, iNokia N70 enginesikhathi ngiyisebenzisa neLG Bombshell engisanda kuba nayo.
7. Ngabe umthetho wakho ukhuluma kakhulu"
Yebo kodwa hhayi njalo. Ngikhuluma kakhulu uma nginabantu engibaziyo.
8. Yini ekucasula kakhulu kwabanye abantu"
Abantu abenza sengathi konke kuhamba kahle kodwa kube kungenjalo. Angizwani nabantu abazenzisayo abahleka ngoba befuna ukujabulisa abanye. Yiba yinto oyiyona!
9. Yiluphi uhlelo lweTV ongathanda ukuba kulona eSA"
Ngingathanda ukuba nohlelo lwami lomculo woKholo.
10. Ngabe iyiphi i-movie esisazokubona kuyona ngo-2009"
KwiNomzamo Three nakwi-movie ethi Finding Lenny. [z]
Umdidiyeli nguNtokozo Maseko
SIXOXA NESIHLABANI
Umdlali weRhythm City nokuyintokazi yeCell C uxoxa ngesikhangiso seTV esimnike udumo nokunye okuthinta impilo yakhe
