zulu.2810.your_letters
Sanibonani bangani
Angizalwa emndenini wabesimame abanamabele amakhulu.
Eqinisweni, umama no-anti banamabele engiwabiza ngamabele "entombi".
Ukuba namabele amancane bekungihlupha ekukhuleni kwami.
Ngangikulangazelela ukugqoka ubhodisi omkhulu ngize ngigxishe i-pantyhose emabeleni ami.
Kwathi lapho sengiqale ukusebenza, umqashi wami - owayesekhathele wukukhala kwami - wangithengela ama-breast pads e-silicone.
Ngajabula ngendlela emangalisayo.
Kodwa akugcinanga lapho - ngabeka u-R100 ngenyanga ukuze ngihlinzwe kukhuliswe amabele ami.
Emva kwalokho ngahlangana nobhuti engithandana naye ongabanga nankinga ngamabele ami engaqondi ukuthi ngiwafakelani amabele okufakelwa.
Kwangikhanyela ngaleso sikhathi ukuthi amabele ami awanankinga!
Kodwa uMshoza osekhaveni yethu wayisukumela indaba yamabele akhe.
Odabeni olukhethekile olusekhasini 18 usitshela ukuthi kungani achitha amahora amathathu ehlinzwa ukuze abe nokuzethemba nomzimba ayewulangazelela.
Bakwethu, kuningi okunye okungenza nibukeke kahle.
Ekhasini 112 sinabesilisa bokuqala esishintshe indlela abagqoka ngayo. (Ngifisa sengathi ngabe bengingakamtholi umaqondana!)
Kuze kube ngokuzayo.
UNKULUNKULU AniBusise
IZINCWADI
Sbu
Mpungose
Incwadi ewinile
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
fax: 031-912-2720 e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
AKUKHO ukungabaza ukuthi izinga lobugebengu ezweni lethu liphakeme ngendlela eyethusayo. Okungikhathaza kakhulu yindlela abazali abakhulisa ngayo izingane - okungabantu esibathatha njengabaholi bakusasa. Kwenzeka kanjani ukuthi ungumzali wamukele imali enganeni yakho engasebenzi? Uthuleleni ungasho lutho ubona ingane yakho iphethe i-cellphone ebizayo ekubeni wazi kahle ukuthi awuzange uyithengele yona (futhi wazi ukuthi ibingeke ikwazi ukuzithengela ngokwayo?).
Akusho lutho ukuthi wena awusiyo ingxenye yobugebengu. Ukungakwazi ukubona izimpawu zokuthi ingane yakho isizibandakanye nabantu abayingozi, lokho nawe kukwenza ufane nomuntu owenza icala.
Okunye futhi, mhlawumbe nguwe owaba yisibonelo esingesihle enganeni yakho ngokuthenga izinto ezebiwe.
Siphelile isikhathi sokulokhu sikhuluma sithi intsha iyikusasa lethu - makube khona esikwenzayo ukuyifaka endleleni efanele.
Uma kuyiyo le ntsha engihlale ngiyibona izulazula ezitaladini okuthiwa iyikusasa lethu, lokho kuchaza ngokusobala asinalo ikusasa.
FC Tami, Mdantsane
Awucabange ukhombisa imizwa yakho yonke ngosizo lweSamsung M620. I-Nashua Mobile iyakuxhumanisa ngezinhlobo eziningi zama-cellular ongakhetha kuzona nemikhiqizo yama-data nangosizo lomsebenzi. Ngeminye imininingwane shayela: 0861-531-531 noma uvakashele: www.nashuamobile.co.za
Siyabonga ngebhola!
Sibonga kakhulu ngesipesheli somqhudelwano we-Confederations Cup enasiqala ngenyanga ka-May. Umkami uthenga uBONA nami bese ngiwuphenya ngiwubuka. Manje kuzofanele aqaphele ungatholwa yimina kuqala. Ingosi yenu yabesilisa yinhle impela kanti futhi ngiyayithanda naleyo yezindaba zobugebengu.
Alex Stimela, Klerksdorp
Izindaba ezimnandi
Ngiyayithokozela ingosi yezindaba zobugebengu. Lezi zindaba zenza ukufunda kuthokozeleke. Isikhumbuza futhi ukuthi iSouth Africa akusiyona kuphela indawo emhlabeni enobugebengu - nokubukeka sengathi kunjalo uma ulalele izindaba kwiTV.
Empeleni ubugebengu bukhona noma yikuphi hhayi eSouth Africa kuphela.
Halala nomsebenzi omuhle BONA!
Veronica Mhlwazi, email
Kuzophela nini?
Ngiye ngizibuze ukuthi ukwenzelela nokuthengiswa kwemisebenzi kuyophela nini ezweni lethu. Kunzima ukuthola umsebenzi kulezi zinsuku uma ungazi muntu. Ngaphandle kwalokho kuze kudingeke ugwaze ngezimali ezishisiwe. Nami sengike ngabhekana naleso simo. Abantu bashiya amakhaya abo bengenalutho baphoqeke ukuthatha ama-loans ezindaweni ezibolekisa imali ezingekho emthethweni ukuze bakwazi ukugwazela imisebenzi. Bashonaphi Ubuntu?
Okubuhlungu laba bantu abagwazisayo bahola imali enkulu futhi basezikhundleni eziphezulu.
Lindeka Dubula, Northam
Sikwenzelani lokhu?
Abantu sebephenduke amanqe. Bacekela phansi yonke into bahlukumeze nabantu ababasizayo. Bantshontshela izinkampani abazisebenzelayo kulahleke imisebenzi. Kungani sidicilela phansi izimpilo zethu? Masiziphatheni kahle sisebenzele ukwakha ikusasa lethu, hhayi ukulicekela phansi!
NMM, Olifansfontein
Obhale le ncwadi ewinile kule nyanga uzozitholela iSamsung M620 yakwaNashua Mobile ebiza R1 200
Umfundi kaBONA ubuza imibuzo enzima
Abazali nobugebengu
Amaresiphi amnandi
Ngithanda ukuhalalisela uBONA ngamaresiphi amasha esiwethulelwa nguNtwenhle Mpanza. Selokhu eqalile, angikaze ngiphuthwe wushicilelo. Ngiyawazama lawa maresiphi. Aka-April ayemnandi ikakhulu awama-fish finger pockets nawamazambane agxishiwe.
Thobekile Mbonambi, email
Omama notshwala
Abafundi bethu baphawulile ngodaba lokuPhuza koMama (BONA, March 2009), nokuyilapho sasibuza ukuthi ngabe ukuphuza kwabo phambi kwezingane zabo kungaba nomthelela omubi kuzona
Akulungile abazali baphuze phambi kwezingane zabo ngoba izingane zenza ezikubona kwenziwa abazali. Uzoyifundisa kanjani ingane yakho ngemikhuba emibi uma wena ukwenza lokhu? Asibe yisibonelo esihle kuzona ukuze zilandele okuhle.
Anonymous
Ngamangala ukufunda udaba ngokuPhuza koMama. Sengathi sesilahlekelwa wukucabanga okuhle. Iqiniso wukuthi labo abasebenzisa utshwala budedengu abanalwazi lokuthi buyisifo. Ungabuvumeli utshwala bucekele impilo yakho phansi.
Naseema Dhai, Rossburgh
Ukuzishayela ingilazi yewayini nesidlo sakho akuchazi ukusebenzisa budedengu utshwala. Ukusebenzisa utshwala budedengu kuyingozi - akekho futhi othi akusiyo.
Ukudakwa phambi kwezingane zakho yinto embi kakhulu. Ngisho ngabe ungowesilisa noma ungowesimame. Kodwa ayikho into embi ukuphuza eyodwa noma amabili phambi kwabo ngisho ngabe ungumama wabo noma ungubaba wabo.
AH, Komga
Amaqiniso esawathola odabeni lwenu akhomba ngokusobala ukuthi abesimame basaqhubeka nokwahlulelwa ngokwamazinga ehlukene - nokungamazinga aholela ekuhlukunyezweni.
Kwabesilisa abacabanga kanjalo, nakhu engithanda ukukusho: yekani ukuzama ukuthola izindlela zokucindezela abesimame nokubathathisa okwezingane.
BV, Nelspruit
Abesimame sebelahlekelwe yinhlonipho. Sebephuza kakhulu, emva kwalokho balahlekelwe yisimilo. Emathaveni baya ocansini namadoda adakiwe ezindlini zangasese. Kukhona futhi abesimame abadayisela amadoda amadala amadodakazi abo ngocansi ukuze kutholakale utshwala.
Uma abesimame bengazihloniphi, kungani balindele ukuhlonishwa abesilisa?
Aaron Tlou, Tweefontein
Yiba ngowinile ngo
HALALA kulaba bafundi abahlanu abalandelayo abawine amahampa amaDVD e-UIP kwiBlock Puzzle No 89 eyayisoshicilelweni lukaBONA kaMarch 2009.
Amagama abo ngo-Emeldah Ramphisa, Groblersdal; Selloanwe R. Morata, Thaba Nchu; Elizabeth Mabena, Springs; Jo-Ann Levings, Evander, noN.E. Xongwana, Butterworth.
Impendulo: Connie Ferguson
