zulu.280.liopelo
Ngilukhuni? Mina?
AKUNJALO!
OSAZIWAYO
Mubi, muhle ubuye ngezinkani - emva kweminyaka emibili engabonakali ngenxa yophrojusa ababengenandaba naye ngenxa yabantu ababethi ungumuntu olukhuni nokungelula ukusebenzisana naye
IMINYAKA emibili ayichitha engekho phambi kwamakhamera akubanga ngokuthanda, kusho uLiopelo Mphahle ehleka. Uthi ophrojusa babengamnakile ngoba wayengumuntu ozimele nokuyinto eyabenza bamthatha njengomuntu oyinkinga.
"Kwakuyinto engeyinhle," kusho lo mdlali wemidlalo yeshashalazi owazakhela ugazi kubantu bakuleli kwiBackstage noMuvhango. "Angizange ngithole izindawo eziphambili ngaleso sikhathi. Ngicabanga ukuthi kwakukhona ababekhuluma ngami kabi bethi ngingumuntu olukhuni ukusebenzisana nabanye nokuyinto eyumbhedo."
Kukhona owakholwa ukuthi akunjalo njengoba le ntokazi eneminyaka engu-25 isibuye ngezinkani kumaTV ethu kwiSABC 2 emdlalweni uMoferefere, lapho idlala indawo ephambili ngokubambisana noPatrick Shai.
ULiopelo uphinde ethule i-Afro Cafe noStone Seate weBongo Maffin nokuluhlelo olubahambisa emakilabhini nasemakhonsathini ebusuku phakathi nesonto.
"Akusibo bonke ophrojusa abacabanga ukuthi ngingumuntu olukhuni," kusho yena.
KwiMoferefere udlala indawo kaLesego okungunkosikazi ocebile, umyeni wakhe oyinkinsela futhi omdala kunaye onepulazi edolobheni laseFree State.
Basuka lapho kwadingeka ukuba uLesego njalo avuke ekuseni ngo-6 ukuze enze imisebenzi eminingi ekubeni enesizungu sempilo yasebusuku yaseGoli engubukhazikhazi.
"Ngidlala indawo yomuntu ongakwazi nakancane ukuphila impilo ephezulu. Ngiyazi iningi labantu liyakuthanda lokho, kodwa uma ngingekho phambi kwamakhamera, ngehlukile kuLesego," kusho uLiopelo.
Ukuxoxisana naye endaweni ebhizi njengeRosebank café, kwenza kubukeke sengathi ungumuntu owazalelwa ukuphila ntofontofo. Ngaphandle wayepake imoto yakhe entsha iZ4 engumphumela wokuphothula iziqephu ezingu-26 zeMoferefere. Ngemumva esitulweni ayehleli kusona kwakulenga isikhwama sakhe se-leather esimbala osasiliva esifana nobucwebe bakhe.
"Ngasebenza kanzima ukubuyela kwiTV. Kufanele uzethembe uma ungaphansi kwesimo esilula esingakufaka ezilingweni zokuxegelwa yisimilo ngakwezocansi."
"Ngiyabuthanda ubumnandi. Ubani owesimame ongabuthandi? Kodwa ngeke ngize ngizidayise ukuze ngiphile kahle. Ngisebenza nabesimame abakwenzayo lokho."
"Engazitshela kona wukuthi isithunzi sami nokuhlonipheka kubaluleke kakhulu."
ULiopelo uthandana nosomabhizinisi ahlangana naye ngonyaka odlule ngosizo lwabangani. Uthi le nsizwa esikhulile kunayo yiyo emnika izeluleko zakwezamabhizinisi.
Umsebenzi wakhe ohlelweni i-Afro Cafe umenza angasitholi isikhathi sokuphumula kanti uphinde axoxisane nabaculi abaphambili bakuleli naphesheya - njengo-Maxwell no-Oleta Adams kwiMacufe 2008 eBloemfontein ngo-October odlule.
Le ntokazi uma ithola isikhathi izihlalela nabomndeni wayo nabangani kanjalo nozakwabo esebenza nabo. Ichitha futhi isikhathi esiningi ivakasha.
Ngesikhathi kuzwakala amahlebezi okuthi akasenamali usefuna ukubuyela emidlalweni yeshashalazi, empeleni wayeseRio ebukela iBrazilian Grand Prix ne-agent yakhe uLisa Modisane futhi ezithengela.
"Ngiyathanda ukubukela iFormula One. Engikufisayo wukuya eMonte Carlo ngiyobuka iMonaco Grand Prix," kusho yena ehleka.
Njengamanje uhamba ngonyanyavu lwemoto enombala osasiliva. Usanda kubanjwa ehamba ngayo ngejubane eleqile ngesikhathi evakashele umndeni wakhe e-Eastern Cape, ngenhlanhla waphunyuka ethikithini.
"Ngisakujwayela ukushayela imoto enamandla njengeZ4. Ngesikhathi iphoyisa lomgwaqo lingibizela eceleni, ngavele ngazibonela ukuthi bengihamba ngesivinini esikhulu - ngavele ngenza uLesego angakwenza naye kuMoferefere - ngavele ngakhala.[z
Indaba: Doug Gordon
Isithunzi- sami nokuhlo-nipheka kubalu-leke kakhulu
