ZULU.2808.yourceleb_township
UZuluboy oyisihlabani somculo we-hip-hop usithathe wasisa endaweni yangakubo lapho konke kwaqala khona
ILOKISHI LAMI, ISIHLABANI SAMI
UNGUBANI NGEMPELA UZuluboy
Wazalwa waqanjwa elikaMxolisi Majozi kodwa manje abalandeli bakhe emculweni bamazi ngelikaZuluboy. Abomndeni nabangani elokishini laseNtuzuma eKZN bambiza ngoMgi besusela kwelithi Mgingqeni.
O-anti bakhe uMaureen noZandile Majozi bamkhumbula njengomntwana owayesondelene kakhulu nomama wakhe.
"Sasibaningi sihlala endlini kangangoba kwakudingeka kwenziwe isu lokulala ebusuku ukuze wonke umuntu anethezeke. UMgi wayeqinisekisa ukuthi ulala eduze kukamama wakhe. Waqala ukulala yedwa esefunda ibanga lesiHlanu. Lokhu akuvamile kubantwana babafana nokuchaza uthando ayemthanda ngalo umama wakhe," kusho uMaureen.
Ongumngani nomakhelwane uThula Ndongo yena ukhumbula umfana owayezifela ngomculo nowayehlale ephazamisa abangani bakhe ekudlaleni ngenhloso yokubalalelisa iculo aliqambile.
Manje njengoba esengumculi we-hip-hop odumile, akumangazi nakancane. "Kuyangithokozisa ukumbona efeza amaphupho akhe," kusho uThula.
UBAMBELELE EMASIKWENI AKHE
Ukukhulela kwakhe eNtuzuma kumama wakhe uNonhlanhla Majozi, ugogo wakhe, o-anti nomalume kuchaza ngokusobala ukuthi inhlonipho wayifunda ekhaya.
U-anti wakhe uZandile yena uthe: "UMgi wazalelwa lapha. Kusukela ngosuku lokuqala ezelwe wakhuliswa ngenqubo yamasiko esiZulu. Nalapho eseya esikoleni esixube izinhlanga, senza isiqiniseko sokuthi uyasifunda isiZulu, samkhumbuza ukuthi ungubani."
Namanje sisezwa izindaba zokuthi lo mculi ozinze eGoli uyakwazi ukulwa ngezinduku, ukushaya indlamu nokuhlaba isilwane.
THINA SOBABILI
Ngo-1997 uZuluboy nomama wakhe baphuma emzini kagogo ukuyoziphilela ngokwabo.
Ubuhlungu obebufihlakele buyabonakala lapho sithatha izithombe zaleli khaya ake ahlala kulo nesithandwa senhliziyo yakhe esingunina owedlula emhlabeni ngo-2005. Ukuncokola kwaphela nya ethule ejulile umbona ukuthi uyacabanga.
"Umama wami wayesebenzela inkampani yomshwalensi ngaphambi kokuba adilizwe," kusho kukhumbula yena. "Emva kwalokho wazivulela ibhizinisi lakhe elingahambanga kahle. Kodwa ngenxa yokuthi wayekwazi ukusiphandela, asibanga nankinga yokulala singadlile futhi sasihlalisene kahle nomakhelwane," kusho yena ngokumamatheka okukhombisa ukwaneliseka.
UKUHLALA EMJONDOLO
"I-Sydenham nakuba beyibiza ngendawo yasemajalidini kodwa ifana nemijondolo," kusho yena singena emafulethini ake ahlala kuwo.
Abantu bakule ndawo babebhekene nezinselelo njengasemalokishini: "Kwakunabantu ababeziphilisa ngokudayisa izidakamizwa, kukhona namaqembu ezigelekeqe njengoba ubona nemibhalo ezindongeni."
Kwakuthi uma kade behambile baya kuma-nightclub nabangani, ngakusasa baxoxe ngezintombi abaziqabulile. Babetshelwa ngisho nangabadayisi bezidakamizwa ngokubaluleka kokuziphatha nokuqhubeka nesikole.
UZuluboy wayengumngani neningi labantu endaweni esakhula - sakubona lokho bemphakamisela izandla bembingelela.[z]
Indaba: Ntokozo Maseko
Izithombe: Solomon Mashakeni
Uthi ubuwazi?
Ngo-2004 abesizwe sakwaNgobese bathola imigede lapho abadala bakubo babehlala khona eminyakeni engaphezu kwengu-200 edlule eThaba Ntuzuma. Kumanje kunezinhlelo zokuguqula le migede ibe yindawo yokuheha abavakashi.
INtuzuma - yilokishi elakhiwa nguMkhandlu wedolobha leTheku ngeminyaka yo- 1970 - nokulenza kube ngelisanda kwakhiwa.
Yilokishi elithuthukayo okumanje linezikole ezingama-senior secondary ezingu-8, ama-primary angu-12, i-technical college eyodwa nesikhungo sothisha. Kukhona nesiteshi samaphoyisa, igaraji, umtholampilo, amahholo amabili omphakathi, isiteshi sezokucisha umlilo, umtapo wezincwadi, inkantolo, isikhungo samabhasi nezindawo eziningi zokuzithokozisa njenge-swimming pool, izinkundla zebhola neyethenisi.
1. UZuluboy ebonana nomakhelwane wakhe waseNtuzuma uThula Ndongo.
2. Ukhumbula ezibuhlungu zokushiywa ngumama wakhe emhlabeni.
3. Ifulethi ake walibiza ngekhaya.
4. Bajabulela ukumbona - o-anti bakhe uMaureen noZandile baseNtuzuma.
5. Nomakuphi lapho ehamba khona kule ndawo akhulela kuyona, abantu bayamazi.
Sources: www.madeinntuzuma.co.za; www.amafa.co.za
