zulu.2807.cover
BONA ZULU - August 2006
"Ukuzithiba ngakwezocansi kubalulekile kuze kufike isikhathi sokushada. Lena iyonanto engisebenzelayo mina," kusho uKelly.
U
Yintombi-nto yaseSA ekhangayo"
Uthi ukuhlala kwakhe emsulwa akumenzi nakancane angayithokozeli impilo
AKUKHO uKelly Khumalo azimisele ngakho njengokuba yisihlabani somculo. "Ngizimisele ngokuvelela emculweni, hhayi ngokugqanyiswa abamaphepha ngokungekuhle."
Le ndoni yamanzi (23), abamaphepha bayihlasela kakhulu ngokubukeka kwayo esteji nangobuntombi-nto bayo nangezindaba zothando lwayo.
Ingoma ethi Qinisela sekuphele cishe unyaka idlalwa emisakazweni eminingi ngenxa yesigqi sayo nokugxeka kwayo abesilisa besithembu.
"Ngeke mina ngizifake esithenjini ngoba ngiyikho konke umyeni angakudinga," kugcizelela uKelly.
Okwamanje uKelly akakayicabangi eyokushada ngenxa yokuba matasa nomsebenzi wakhe womculo kanti ukholwa wukuthi angakwazi ukudlondlobala kuleli, adlule nabaculi abafana noBeyonce.
I-albhamu yakhe yesibili kulindeleke ukuba iphume ngo-October. Eyokuqala i-TKO yathengisa amakhophi angaphezu kuka-20 000.
NGESIKHATHI simthwebula izithombe zekhava kaBONA wayeshaye imvunulo eyenziwe ngobuhlalu esindayo kangangoba kwathi emva kwehora eyifakile yenza umqala wakhe waba buhlungu.
Wayesekujahile ukubuyela emzini wakhe kanokusho asanda kuwuthenga enyakatho yeGoli, afike ageze ngamanzi afudumele, aphuze ingilazi ye-red wine adle ushokoleti bese engena embhedeni wakhe awuthandayo alale amanye amahora angu-14.
Uthi uma esesteji cishe isisindo sakhe sehla ngama-kilos amathathu ngenxa yomdlandla wokudansa ohambisana nokucula.
Umngani wakhe omkhulu nguKhanyi Mbau woMzansi abahamba naye imicimbi ephezulu - ubezwe bezincokolela ngokuthi ngubani phakathi kwabo ozolandela ukuphuma emakhaveni amaphephabhuku aphambili.
UKelly usheshe abaphendule labo abathi uzenza 'ungcwelengcwele' ekubeni baningi abesilisa abasemithonjeni yezindaba azwana nabo ngenhloso yokuba bagqamise umsebenzi wakhe wokucula.
"Kunjalo, ngiyazikhipha nabesilisa kangangoba kukhona obese engithembisile. Kodwa okuhle wukuthi angiyi nabo ocansini. Ukuba yintombi-nto yiyona into eyingxenye enkulu emyalezweni wami entsheni yaseSA.
"Ukuzithiba ngokocansi kubalulekile kuze kufike isikhathi sokushada. Lokho mina kuyangisebenzela."
IMENENJA yakhe uSarah Shongwe yaqala ukubona lo mculi ngo-2003 emqhudelwaneni weCrux Gospel Stars.
Wayecula kahle ecula nekhwaya yase-East Rand esho ngobuhle bakhe nezwi elalikutshela ukuthi uzoba nguRebecca Malope olandelayo.
"Isihlabani asakhiwa wubuhle kuphela. Ukuba yisihlabani kudalwa yithalente nezingoma ezivuthayo.
"Engakuqaphela ekuqaleni ngoKelly wumoya wakhe nokuzethemba kwakhe ngaphambi nje kokuba acule.
"Lokho waqala ukukukhombisa eseneminyaka engu-13 esacula phambili ekhwayeni yakhe yesonto."
Ingoma ethi Qinisela kwaba yiyona singili yakhe yokuqala nokuyingoma yesintu ayibhala ekhombisa ukugxeka kwakhe isithembu. I-Yfm neMetro fm yizona ziteshi ezasheshe zayidlala.
Abesimame ikakhulu abasha yibo abakhombisa ukuyithakasela kakhulu.
UKelly waqokelwa imiklomelo yama-SAMA ka-2006, nokwaba nguye kuphela umculi wesimame ocula ngayedwana emkhakheni weSong Of The Year.
"Ukubhala izingoma kuveza obala imizwa yakho. Kuningi okuhle nokubi emphefumulweni wami okwenzekile emva kwengoma ethi Qinisela. Akuyona neze into encane ukumelana nokunakwa wumphakathi. Lokho kufanele udlule kukhona ukuze ukubone," kusho yena.
LOWO mzimba okhangayo nezingubo ezimhlalayo yizona zinto ezenziwe ngendlela yokuthi ukucula kwakhe esteji nakuma-video kube yinto ehlale ikhumbuleka nokuba angavusi imizwa yabaningi lapho evela emphakathini.
Kodwa leyo iyona into ahlangabezana nayo uma abalandeli bakhe besilisa bembuka eduze.
"Kukhona owesilisa ekhonsathini yaseVaal owangidonsa ngenkani ngesikhathi ngehla esteji wangifaka ulimi engiqabula," kusho kuphawula uKelly.
"Emva kwe-show ePietersburg, abalandeli bathi 'ngu' kimina bangidonsa izinwele badabula nezingubo zami nokwaba yinto eyangesabisa kakhulu."
Lapho ecula khona kwenye yamakilabhu aphambili nokuyilapho abafika kule ndawo behamba ngezimoto zikanokusho, uSarah Shongwe usake wabamba abesilisa ababezama ukufaka ama-cellphone abo ngaphansi kweziketi zikaKelly ezimfishane bezama ukumshaya izithombe ze-video.
"Abantu besilisa bahlale bengihlupha befuna izinombolo zami zocingo, kodwa ngivele ngibatshele ukuthi mabakhulume nemenenja yami," kusho uKelly.
USarah ukuvumile ukuthi uthola izingcingo eziningi ziphuma kwabesilisa abagajwe wuthando abanesifiso sokuthandana noKelly.
"Abaculi besitebela sami bafana nezingane zami, ngakhoke akekho noyedwa ongahlukumeza umndeni wami."[z]
ngowe- mpilo esheshayo
indaba nguDOUG GORDON izithombe nguPETER WHITFIELD iziphaqulo: NTHATO MASHISHI izitayela: MARINA WALSH umdidiyeli: PATRICIA McCRACKEN
BONA ZULU - August 2006
KWESOKUDLA: "Ama-boots aphakeme angenza ngifune ukudansa ubusuku bonke," kusho uKelly. (ingubo: Morgan, ama-boots: Europa Art, isigqoko nomgexo: EQ, Ekhaveni, ijakhethi nobuhlalu: EQ).
