zulu.2805.security
Izimpawu ezingalungile
Okwenziwa yizigebengu uma zifuna ukugqekeza ikhaya lakho
UMA ubona uphawu oluthi "For Sale" ngaphandle kwekhaya lakho - qaphela. Kungenzeka ukuthi amasela awugade ngeso lokhozi umuzi wakho. UNonhlanhla unomuzi kanti amaqola aseke amenza isilo sengubo. Uhlala nomyeni wakhe nabantwana babo ababili eningizimu yeGoli.
"Ngolunye usuku ngiphuma emsebenzini ngabona uphawu oluthi 'For Sale' onqenqemeni lomgwaqo ngaphandle komuzi wethu," kusho yena.
"Ngamangala ngoba umuzi wethu sasingawudayisi, ngathatha lolo phawu ngalulahla."
Ngosuku olulandelayo wabona olunye lubekwe lapho bekubekwe khona olokuqala. Lolo kwakungolwenye inkampani ehlukile kweyayibhalwe kolokuqala kanti uNonhlanhla wafikelwa ngumcabango wokuthi mhlawumbe kukhona iphutha elenzekile. Walulahla.
Ngosuku olulandelayo kwabekwa olwesithathu uphawu kungolwenye inkampani. Nalo walulahla.
Emva kwesikhashana, wafika ekhaya wathola ukuthi kugqekeziwe. Kwantshontshwa izimpahla zabo zemali eshisiwe.
"Kwasikhanyela ukuthi la mabhodi ayelokhu ebekwa ngaphandle komuzi ayesho ukuthi izigebengu zingangena kalula ekhaya lethu," kusho uNonhlanhla.
Odayisa izindlu esaxhumana naye wathi inkampani yakhe ivame ukulahlelwa amabhodi okukhangisa. "Manje sesiyazi ukuthi aphelelaphi," kuqhuba yena.
Khumbula ukuthi abasebhizinisini lokudayisa izindlu akufanele babeke amabhodi athi "For Sale" eduze komuzi womuntu bengazange bathole imvume yokwenza lokho kumnikazi walowo muzi.
Uma umuzi wakho udayiswa, ungavumeli muntu ukuba angene ekhaya ngaphandle kokuxhumana nabadayisa izindlu!
Amakhaya amaningi asene-intercom emasangweni kanti uFayzel Kader oyimenenja enkampanini yonogada egada imizi uthi izigebengu ziyathanda ukwenza umsebenzi wazo endaweni ehlala abantu kanti ziyayisebenzisa ne-intercom ukuwubheka kahle lowo muzi.
"Zicindezela i-buzzer kaningana ukuze zithole ozoziphendula. Uma kungekho muntu ophendulayo, lowo muzi uyagqekezwa."
Wabuye wathi iposi elishiywa ebhokisini leposi libuye libe wuphawu izigebengu ezilugadayo.
Elinye iqhinga ezilisebenzisayo elokubeka amabhodlela angenalutho onqenqemeni lomgwaqo kubuye kubekwe neli-green eliwuphawu lokuthi umnini muzi uhambe ngo-8 ekuseni waya emsebenzini. [z]
BONA ZULU - May 2007
indaba nguFORCE KHASHANE
isithombe nguPAPI MORAKE
Bheka into ebekiwe ngaphandle kwekhaya lakho...lokho kungaba luphawu lokuthi kukhona abakubukayo
Amanye amaqhinga asetshenziswa amasela uma efuna ukubona lawo makhaya angagqekezeka kalula...
