zulu.2802.health
EzeMpilo
Zivocavoce
Ngabe usaxakekile ngokuya ejimini- Ngisho nabantu abaneminyaka eko-60 neko-70 bangazenyusa izinyama zabo ngamaphesenti angu-11 namandla abo ngamaphesenti angu-170 emva kwamasonto angu-12 okuzivocavoca ngokwesisindo.
Uma kubasebenzela, wena-ke...
BONA ZULU - May 2007
Nika ingane yakho ezinyangeni eziyisithupha, ubisi lwebele, ngaleyo ndlela uzobe uyinika isiqiniseko sempilo enhle yaphakade.
Lokhu kungenxa yokuthi amathuba okuba iphathwe umkhuhlane noma kube khona izinto ezingeke zizwane nayo, noma ukuhanjiswa yisisu - mancane kakhulu, ngokusho kuka-Priya Lalla onguchwepheshe wezokudla kwabeSA Sugar Association.
Ukugonywa kusebenza kahle kakhulu ezinganeni ezancela ibele kanti kuphinde kuzivikele ekubeni benkinga entsha ye-Type 2 diabetes.
Ukuze uthole imiphumela emihle, udinga ukupha ingane yakho ubisi lwebele kuphela - ungafaki amanzi, itiye, i-cereal noma yikuphi okunye ukudla ngoba lokho kuzogulisa ingane yakho noma ikhombise ukungondleki.
Kungani kubalulekile ukuwina
Ukuqhudelana kungagqilaza - kodwa abantu abawinayo baphila isikhathi eside, ngokusho kwabacwaningi. Lokhu bakususele kwabawina ama-Oscar kanjalo nabawina iNobel Peace prize bathola ukuthi impilo yabo yengezeka ngeminyaka emibili.
IQINISO:
Ukushisa komoya okungamelwa wumuntu ogqokile ngokungu-260oC
Inike isiqiniseko samahhala sempilo!
Hlala uphilile
Izingane ziguliswa wukudungeka komoya ngokuphindwe ngaphezu kwezikhathi eziyisithupha kunabantu abadala [z]
Pholisa ubuhlungu!
Ukwelashwa okusheshayo kwama-ulcer omlomo, sekungenzeka ngosizo lwe-teabag. Lokhu kungenxa yokuthi itiye liqukethe i-tannin, eyenza inyama ifinyele kwehle nobuhlungu.
noPatricia McCracken
Amaqanda awadli kakhulu ephaketheni
Amaqanda yiwona kudla okunempilo okungabizi kakhulu okutholakala kuwo amaphrotheni, ngokusho kukaMadeleine de Villiers onguchwepheshe wezokudla kwabeSA Egg Industry.
Amaphrotheni amaqanda ngawekhwalithi ephezulu kangangoba akleliswa ku-100 uma uwaqhathanisa nawobisi angu-93 nawenhlanzi nenyama yenkomo angu-75.
Ukuze usizakale ekuhleleni izidlo, uMadeleine ukweluleka ngokuthi iqanda elilodwa likunika amaphrotheni afanayo kuno-30 grams wenyama ephekiwe, inhlanzi noma inkukhu.
IQINISO:
BONA - August 2005
