zulu.1236.lettermar2008
Bhala...
Kuholelwa izingane ezingasekho
Inkohlakalo izowubulala umnotho wezwe lethu. Uhulumeni wenza iphutha ngokuyekisa abazali ukuba balethe izingane kanye ngonyaka lapho kuholelwa khona ukuze kubonakale ukuthi zisaphila.
Kukhona abantu abaholela izingane esezashona. Lokho makuphele. Kokunye izitifiketi zokuzalwa kwezingane ziyephuza ukuphuma mhlawumbe ziphume ingane isishonile!
Umama wengane eshonile uyaqhubeka afake isicelo semali yesondlo nakuba ingane ingasekho.
Ukube kufunwa ubufakazi bokuthi leyo ngane eholelwayo isaphila yini lokhu kunganqandeka!
NMK, Mthatha
Sonke singabantu
Sihalalisela ukuthola umbuso wentando yeningi nenkululeko – kodwa iyadabukisa indlela esiphatha ngayo izifika-namthwalo ezisuke zihlose ukuzozakhela impilo engcono. Masingabacwasi abantu bakwamanye amazwe – sonke singabantu!
NP Dyasi, Seapoint
Ungayilahli imali
Qaphela: ukuvula ibhizinisi ngemali ye-UIF kungaba yingozi. Yihlolisise kahle into ofuna ukuyenza wenze nocwaningo. Kungasiza ukwenza izifundo ezimayelana nokuphathwa kwebhizinisi.
Imali yakho ingakulahlekela uma uvula ibhizinisi ungenalwazi ngokuphathwa kwalo.
HJ Nel, Saldanha
Zwakalisa uvo lwakho:
l bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
l i-fax: 031-912-2720 l i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ewine u-R100
Abesifazane mabahloniphe imizimba yabo
ABANTU besifazane kumele bahloniphe imizimba yabo baziqhenye ngayo. Njengoba nami ngingumuntu wesifazane, ngiphatheka kabi uma ngibona umuntu wesifazane egqoke ingubo eveza umzimba wakhe. Lokho kwehlisa isithunzi.
Ngiyanincenga bodadewethu: thandani nihloniphe imizimba yenu. Ningavumi ukuthunazwa yifeshini. Zazi ukuthi ungubani, uphumaphi nokuthi uqonde kuphi.
Qiniseka ukuthi ubukeka kahle uma uphumela phandle.
Mandy Mdabuli, Queenstown
Ubugebengu budlangile
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Izinga lobugebengu lidlondlobele kakhulu eSouth Africa. Abaholi bethu, abezobulungiswa, abasebenzi bakahulumeni, abazali, izangoma, nomphakathi yibona bantu okumele bahambe phambili embhidlangweni wokulwa nalesi sihlava. Kodwa kulaba bantu engibabalile kukhona nabangamashoshozela ababhebhethekisa le nkinga.
Intsha mayingazenzi izenzo zobugebengu. Izwe lethu lisinika amathuba angcono okuphucula impilo yethu kanti siyikusasa lalo.
LZ, Cape Town
izincwadi
u
t
izincwadi
Thethelela wedlulise!
Ukuxolela omunye umuntu kuyawukhulula umoya wakho. Ngake ngaxabana nomfowethu ngagcina sengimzonda.
Leyo nzondo yayingumthwalo enhliziyweni yami. Ngolunye usuku ngazibuza ukuthi ngingasho kanjani ukuthi ngiliKholwa ngithanda uNKULUNKULU kodwa ngibe ngingamthandi umfowethu?
Ngaya kumfowethu ngacela intethelelo kwasuka umthwalo omkhulu emahlombe ami.
SM Motlhabane, Bultfontein
Amazwi akhuthazayo
Masilugade ulimu lwethu. Ngolimu singabulala abantu noma sibakhuthaze.
Uma ukhuluma nengane yakho ngolimu olungaqoqekile, izokhula ibe yinkinga.
Masizame ukukhuluma kahle nabanye abantu sibakhuthaze.
Siphokazi Tobi, Plettenberg Bay
Babulawa ngaphandle kwesizathu
Masingahlali sisonge izandla sibukele umhlaba ubulawa.
Amadoda ayadlwengula abulale, kufa abantu mihla yonke ngaphandle kwesizathu.
Kubuhlungu nokuzwa ngamadoda adlwengula amadodakazi awo.
Sintu Wowo, Queenstown
Elikabani leli cala?
Encwadini esanda kuphuma kuBONA (July 2007) lapho kwakukhuzwa abesimame abangashadile ukuba bangabulali imishado yabanye abantu. Ngingowesimame ongashadile onombono owehlukile ngalolu daba.
Abesimame abashadile nabo kumele basolwe ngokuchitheka kwemishado yabo ngoba bayaqoma amadoda ahluleke wukubabekezelela.
ZA, Qumbu
Ngiyabonga
UBONA uyishintshile impilo yethu ngokusinika ulwazi. Kuleli phephabhuku sifunda ngokwenzeka emaphandleni nasemadolobheni. Ubaluleke kakhulu kithina usinika ithemba.
Mack Makalla, Seabe
Zibophezele ezenzweni zakho!
Uhulumeni ungasisiza ngokusinika amakhondomu – kodwa ngeke usiphoqe ukuba siwasebenzise. Kufanele sizibophezele. Masisebenzisane nohulumeni!
Ngeke uziphendulele ngokuthi wawungazi uma kukhulunywa ngodaba lwe-AIDS. Kodwa baningi abaphendula kanjalo uma sebekulolu bishi! Abantu esibaziyo bafa mihla namalanga kodwa sishaya sengathi asazi ngalesi sifo.
Phaphamani! Ningabi yiziwula! Zibophezele ezenzweni zakho.
Siyabulela Mpikwa, Fort Jackson [z]
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU (DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745; Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Neliswa Mzimba
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
Business Development Manager
Christine Marot Tel: 031-910-5723
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-8600 Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076 E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith
Ucingo: 011-248-3500 Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700 Fax: 011-474-5479
UKUTHUNYELWA KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Xhumanani noChristine Marot kule nombolo: 031-910-5723; e-mail: christinem@dbn.caxton.co.za
