zulu.2789.sculptor
Usebenzisa ukhuni
Uzibekela indawo yakhe yedwa emasikweni ethu...
U-JOHN MABASA unezimpawu zomculi we-hip-hop. Ulukile ekhanda, ufaka amacici, umgexo wegolide nezingubo ezivulekile. Uma emamatheka kuvela amazinyo egolide. "Ngiyafa nge-hip hop," kusho yena.
Kodwa kukhona okunye azifela ngako...
Usebenzisa ukhuni abaze imifanekiso emihle emikhulu...
Ngonyaka odlule wathola isimemo sokuba imifanekiso yakhe ibe sohlwini lweyayizongenela umncintiswano wezobuciko eSA ngenxa yobuhle bayo.
"Kodwa imifanekiso ababefuna ngingenele ngayo yayingakapheli ngaleyo ndlela ngangakwazi ukuwungenela," kusho uMabasa. Lo mbazi uliqhamukisa endaweni ebizwa ngeThomu ngaphandle kwaseGiyani eLimpopo kanti uthi uqale ukuthanda ezobuciko engakazi lutho ngazo.
"Ngangidweba izithombe ezinhle ngisafunda uGrade 3," kusho yena.
Kuthe lapho esese-high school wathola ithuba lokungenela umncintiswano wokwenza i-logo yesikole. Wawina u-R10 000.
Kwamkhanyela ngaleso sikhathi ukuthi angaziphilisa ngezobuciko.
"Leyo mali ngayisebenzisa ekwenzeni izifundo ze-graphics design emva kokuba sengiqede u-matric," kuchaza yena.
Akakwazanga ukukhokha zonke izindleko zesikole ngaleyo ndlela kwadingeka ukuba abuyele ekhaya. Lokho akumqedanga amandla. Wacela ukuba enzele izikole namabhizinisi ngakubo ama-logo kanti abaningi bamnika ithuba.
UMabasa, oneminyaka engu-24 manje uziqhenya kakhulu ngomsebenzi wakhe omuhle.
Uzinikela ngenhliziyo yakhe yonke emsebenzini wakhe uma esewenza.
Ukubaza wakuqala ngo-2001 enza izinyoka nokunye. Kumbalwa ayekwenza ngaleso sikhathi ngoba wayengenawo amathuluzi akahle kanti uqale ngo-2004 ukwenza nezinye izinto.
"Ngangingenawo amathuluzi okwenza imifanekiso emihle ngayeka," kusho yena.
Kuthe lapho esebuyela emsebenzini wakhe wabaza imifanekiso emikhulu kanti manje usewenza ngokugcwele lo msebenzi. Wabaza i-logo ye-ANC ayiqeda ingakapheli inyanga emva kwalokho wenza i-logo kahulumeni waseSouth Africa.
Eseyiqedile, wenza akubiza ngomfanekiso wakhe awukhonzile awuqamba ngeBasambilu, "inhliziyo emsulwa."
Lo mfanekiso ungowesimame onqunu obelethe ingane othwele imbiza ekhanda.
"Ngawuqamba ngoBasambilu ngoba umele owesimame engimfunayo ohlala ehleka enze umsebenzi wakhe ngendlela egculisayo," kusho uMabasa.
"Angikaqedi ukuwenza ngoba ngisazowenzela okokufihla umzimba."
Wake wabaza indoda ayibiza ngoNovela neqhawe lasempini.
NgoDecember ngonyaka odlule wabaza umfanekiso walowo owayengumongameli wezwe uNelson Mandela.
Ubukeka uphelele lo mfanekiso kanti ngokwakhe kusekhona izinto okumele azilungise kuwona ukuze ube muhle.
Mude kanti kokunye kudingeka ukuba asebenzise i-ladder ukuze afinyelele phezulu kuwona.
Imifanekiso yakhe iheha abaningi eGiyani Sports, Arts And Culture Centre (GSACC), lapho ebazela khona.
U-Leonorah Mdanisi weGSACC uthi abambona esebenza kuyabakhanyela ukuthi unethalente.
"Lihle ithalente lakhe kanti uzinikele nasentweni ayenzayo. Kokunye usebenza ubusuku bonke kanti lokho kufakazela ukuthi uzinikele," kusho uLeonorah.
UMabasa uthi wukusebenza okumthokozisayo.
"Ave kumnandi ukusebenza ngingaphazamiseki. Uma ngisemfuthweni kuphela izinsuku ezimbili ngingalali."
Ubaba wakhe naye ungumbazi kanti umama wakhe usebenza ngobumba.
"Abazali bami bayamangala uma bebona engikwenzayo ngoba kwehlukile kwabakujwayele."
Udadewabo omdala waphawula kanjena: "Unethalente aliphiwe nguNkulunkulu. Yilokho kuphela esingakusho ngomsebenzi wakhe ngoba asikaze siwubone."
UMabasa ufuna ukuduma umhlaba wonke ngenxa yomsebenzi wakhe.
"Ngifuna ukwaziwa nakwamanye amazwe kanti ngithemba ukuthi ngelinye ilanga kuyofika umuntu odumile acele ukuba ngimbaze," kusho yena. [z]
African Eye News Service
BONA ZULU - May 2006
KWESOBUNXELE: U-John nomfanekiso wakhe kaMadiba. Lo mbazi onethalente uqale ukubaza imifanekiso emikhulu ngo-2004.
indaba nezithombe nguTHANDEE N'WA MHANGWANA/AENS
Uzoduma emazweni ngamazwe
NGENHLA: Umbazi onethalente nomfanekiso wakhe we-logo ye-ANC.
BONA ZULU - May 2006
KWESOKUDLA: I-Basambilu imele owesimame ofunwa nguJohn.
