zulu.2778.teensep
BONA - August 2007
Ukumila koboya ezindaweni ezingajwayelekile
OSHICILELWENI olwedlule sasikhuluma ngokuthi kusho ukuthini ukuba ngumuntu omusha nokuthi intsha iyinyama ezinkampanini ezihlukahlukene ezifuna ukuba ithenge ama-cellphones, izingubo namaCD omculo.
Igama elithi "umuntu omusha" lihambisana nezinguquko eziningi ezenzeka emzimbeni kodwa okufike kudukise wukuthi kuthiwa lezo zinguquko zenzeka kwabaneminyaka ephakathi kuka-13 no-19.
Lokho akusilo iqiniso - kuyenzeka ukuba intombazane ihlose ineminyaka engu-11 kanti lokho akunankinga.
Uma sikhuluma ngezinguquko ezenzeka emzimbeni lapho usuke usuzokwazi ukuba ukhulelwe noma ukhulelise, sisuke sikhuluma ngomuntu osethombile. Umuntu angathomba eneminyaka engu-10 kokunye eneminyaka eko-20.
Kodwa konke kuqala engqo-ndweni. Ebuchosheni indlala elingana nohlamvu lukaphizi ebizwa nge-pituitary gland ithumela ama-hormones emithanjeni yegazi.
I-hormone (igama elisuselwe kwelesiGreek elichaza "ukunyakazisa") iyisithunywa esiyikhemikhali esuka kwenye i-cell iye kwenye emzimbeni.
Ama-hormone ahamba emzimbeni wonke awuxwayise; angaqala emasosheni omzimba noma kwakheke amanye ama-hormone. Uma uthomba, ama-hormone asebenza ezithweni eziyingxenye yesitho sangasese.
Kwabesilisa lezo zitho kuba yizigaxa ezisesithweni sabo sangasese, kanti kwabesimame kuba yisidleke esinamaqanda. Ama-hormone atshela lezi zitho ukuba ziqale ukuvuthwa.
Lezi zitho zikhipha ama-hormone azo abizwa ngama-androgens. Kwabesilisa kuphuma i-testosterone eyi-hormone enamandla kanti kwabesimame kuphuma i-oestrogen ne-progesterone. Nazi ezinye izinguquko ezenzeka emzimbeni. Nikhumbule ukuthi lokhu kungumhlahlandlela nje - ezinye zenzeka ngaphambi kwezinye...
AMANTOMBAZANE
1) Ukuhlosa: Ukuhlosa kuluphawu lokuqala olukhomba ukuthi intombazane iyathomba. Kumila isigaxa esiqinile ebeleni kanti kuthi lapho ingakapheli iminyaka emibili noma emithathu uhlosile, amabele akhule.
Omunye udokotela wasikhumbuza ukuthi amabele angosayizi abahlukahlukene kanti ami ngezindlela ezingafani.
2) Uboya esithweni sangasese: Buqala ukubonakala ezindebeni zesitho sangasese. Kwamanye amantombazane bubonakala engakahlosi.
3) Isitho sangasese, isibeletho, nesidleke samaqanda: Indawo engaphezulu esithweni sangasese iyashintsha ibe lugqinsi olunombala o-pink ngokuzothile. Kokunye kuphuma ukungcola okumhloshana esithweni sangasese. Isibeletho nesidleke samaqanda nako kuba kukhulu.
4) Ukuya ezinsukwini nokuvuthwa kwamaqanda: Amantombazane avame ukuqala ukuya ezinsukwini zawo eneminyaka engu-12.
Eminyakeni emibili uqalile ukuya ezinsukwini zakho awuyi njalo ngenyanga kanti awukwazi ukubona izinsuku oqala ukuya ngazo.
Ukuphuma kwamaqanda esidlekeni sawo kubalulekile kanti akwenzeki uma usaqala ukuya ezinsukwini zakho. Emva kweminyaka emibili amantombazane eqalile ukuya ezinsukwini, amaqanda aphuma esidlekeni kaningana ngonyaka.
5) Ukushintsha komzimba: Isitho sangasese siyandlaleka sikhule ngenxa ye-hormone ebizwa nge-oestrogen ukuze kuvuleke umgudu wokuzala.
Amantombazane anamafutha amaningi kunabesilisa.
6) Iphunga emzimbeni, ukushintsha kwesikhumba nezinduna: Amantombazane aba nephunga kanti namafutha ayanda emzimbeni ugcine usunezinduna ezibuye ziphele eminyakeni eko-20.
ABAFANA
1) Usayizi wesigaxa, esikwenzayo nokuvuthwa kwaso: Izigaxa zesitho sangasese ziyakhula zibe zinkulu kanti ziluphawu lokuqala oluyinkomba yokuthomba. Zikhiqiza i-testosterone eyenza ukuba kwenzeke nezinye izinguquko uma owesilisa ethomba.
2) Uboya esithweni sangasese: Emva kokukhula kwezigaxa, kubonakala uboya esithweni sangasese. Lobu boya buqala ukubonakala ngezansi esithweni sowesilisa. Bumila yonke indawo buzungeze isitho sangasese.
3) Uboya emzimbeni nasebusweni: Uboya bubuye bumile emakhwapheni nangenhla kodebe olungaphezulu kuze kumile intshebe. Uboya obumila ezingalweni, emilenzeni nasesifubeni bukhula kakhulu. Lobu boya bumila ngezindlela ezihlukahlukene ezinhlangeni ezihlukene.
4) Ukushintsha kwezwi: Izwi liyashintsha kwabesilisa nabesimame. Abesilisa baba nezwi elibhodlayo.
5) Ubude: Abesilisa abakhuli ngamandla njengamantombazane kanti yibona abagcina sebebade kakhulu. Yizinyawo nezandla ezikhula ngamandla kulandele imilenze nezingalo kugcine umzimba wonke.
Uma abesilisa sebethombile, amathambo abo ayaqina imisipha iphindaphindeke kabili kweyabesimame. Imisipha ikhula emva kokuthomba kanti kokunye ikhula nangasemva kokuba owesilisa esengene ebudodeni.
6) Iphunga emzimbeni, ukushintsha kwesikhumba nezinduna: Ukukhuphuka kwezinga lama-androgens kungashintsha ukwakheka kwe-fatty acid yomjuluko, umzimba ugcine usunephunga lomuntu omdala. Okunye okwenziwa yi-androgen wukukhipha amafutha amaningi esikhumbeni umuntu agcine esenezinduna. [z]
... nezinye izinguquko eziyindida - nakho konke ofuna ukukwazi ngokuthomba obunamahloni okubuza ngako
Intsha yelulekwa nguFat Charlie
BONA ZULU - September 2007
u
t
YINI EJWAYELEKILE"
BONA ZULU - September 2007
Ukumila koboya ezindaweni ezingajwayelekile
Kuningi okuba yinkomba yokuthi umuntu uyathomba nezinga umuntu akhula ngalo kanti neminyaka amantombazane athomba ngayo iya ngokohlanga lwawo nangokwabantu abahlukahlukene.
Okunye okuba nomthelela ekuthombeni komuntu wukudla.
Ukwenza isibonelo: ucwaningo lukhomba ukuthi ukushoda kwe-calcium emzimbeni kwenza ukuba umuntu omusha aphuze ukuthomba, angayi kahle ezinsukwini zakhe, aphathwe yisilumo, ophe kakhulu kukhathale amasosha omzimba.
Nendawo ohlala kuyona iba nomthelela ekuthombeni kwakho - izingane ezikhulela ezindaweni eziphakeme azithombi ngokushesha.
Namantombazane azivocavoca ngokweqile noma ahamba amabanga amade kuyenzeka angathombi ngokushesha.
Kuthiwa iminyaka abantu abaqala ukuthomba ngayo iyehla emhlabeni wonke. Ngeminyaka yo-1840, abantu babethomba beneminyaka ephakathi kuka-15 no-17. Manje bathomba beneminyaka engu-12.
