zulu.2773.Mageu comp
80 BONA ZULU – January 2007
LE MIKLOMELO yenzelwe abafundi bakaBONA namalungu e-Empowerment Club. Amafomu okungenela atholakala kwiWebsite ethi www.empowermentclub.co.za noma kunoma iyiphi i-forum yeBONA Empowerment Club.
Imingenelo mayithunyelwe kuleli kheli: MAGEU NUMBER 1 SMALL BUSINESS AWARDS 2007, BOX 3858, RIVONIA, 2128.
Amagama alabo abayofinyelela kowamanqamu ayoshicilelwa nyanga zonke kuBONA akhishwe nakwiWebsite yethu. Ngale ndlela kuthuthukiswa nebhizinisi lakho.
Taste the Soul of Africa… Taste Success with Mageu Number 1
Nokuthula Mpunzana
INJOBO WOMEN’S INVESTMENT (PTY) LIMITED
UNokuthula wasungula inkampani yakhe ngo-2005. Injobo Women yavulwa ngenhloso yokukhuthaza abesimame ukuze bavule amabhizinisi basebenzise namathuba avuleka kweza-mabhizinisi KwaZulu-Natal.
Xoliswa Margaret Zinto
NONCEBA CONFECTIONERY
Inkampani kaXoliswa ibhakela isifunda sasePort Elizabeth. Yasungulwa ngo-2004 kanti manje le ntokazi inabantu ebambisene nabo ukuze kusetshenziswe amathuba avuleka kwezamabhizinisi.
Le nkampani igxile kakhulu kulokhu: ukubhaka amakhekhe emicimbi efana nokugubha izinsuku zokuzalwa, awemishado, namanye emicimbi eyisipesheli.
Amakhasimende akhe uwathola ezikoleni, emabandleni nasezinhlanganweni ezincane.
R50 000 okumele uwinwe kwi-2007 Mageu Small Business Awards
JANUARY 2006
JULY 2006
Mokete Mofokeng
CLASSIQUE WARES CC
I-Classique Wares yinkampani edayisa izipho, imifaniswano nezingubo zokuzivikela. Yasungulwa ngoFebruary 2005 kanti inamakhasimende angu-160 azimele anezinkampani zawo. Bathathu abantu abaqashwe kule nkampani esebenzela ePitoli.
Vusumzi Michael Dyira
VUSUMZI UPHOLSTERY
IVusumzi Upholstery yenza amakhava ezihlalo zezimoto, awosofa nama-door-stopper.
UVusumzi ungumthungi oqeqeshiwe kanti ibhizinisi lakhe walisungula ngo-1998. Inhloso enkulu yakhe wukuba ibhizinisi lakhe lidlondlobale nokuba afundise nabanye abantu lo msebenzi ukuze nabo bazivulele awabo amabhizinisi afanayo. Okunye okusezinhlelweni zakhe wukwakha izihlalo zokhuni azidayisele abantu baseQueenstown.
FEBRUARY 2006
AUGUST 2006
Joyce Mphela
JS MARKET
U-Joyce wasungula ibhizinisi lakhe elibizwa ngeJS Market elidayisa izithelo nama-veg eminyakeni emibili edlule. Udayisela umphakathi nezikole zendawo esebenzisa izimbongolo nezinqola ezinezambulela ukuze imikhiqizo yakhe ivikeleke elangeni.
Inhloso kaJoyce wukwakha imakethe ngakubo aqhubeke atshale adayisele umphakathi izithelo nama-veg afreshi kuvuleke amathuba emisebenzi.
Gladys Nonze
GLADDER’S GENERAL DEALER
I-Gladder’s General Dealer yasungulwa ngo-August 2005 kanti inamagatsha amabili ePort Elizabeth. Babili abantu abaqashwe kule ndawo kanti ibuye ibe nohlelo lokushaywa kwezingcingo lapho abantu bekwazi uku-oda khona igrosa ngocingo.
UGladys ubuye abe nohlelo lokudayisela abantu bakhokhe ngezinyanga ezintathu. Inhloso yakhe wukuthuthukisa ibhizinisi lakhe ukuze kuvuleke amathuba omsebenzi emphakathini.
MARCH 2006
SEPTEMBER 2006
Business Start Up Awards
Mirriam Galekhutle
SEMELLA TRADING
Ngo-2004, uMirriam engakalivuli ibhizinisi lakhe leSemella Trading, wayesiza u-anti wakhe owayenebhizinisi lokupheka, wafunda okuningi kuyena.
Ngo-1990 wathenga umshini wakhe wokuthunga waqala ukuthunga izingubo. Namuhla iSemella Trading igxile ekudayiseni izingubo nasekuphekeleni imishado nemicimbi eseqophelweni eliphezulu.
U-Mirriam uqashe abantu abane. Ibhizinisi lakhe ulikhangisa ngokutshela abanye ngalo abuye akhiphe amakhadi achaza ngalo.
Zamo Ngobese
ISIPHO SENKOSI FOOD & HIRING SERVICES
UZamo wazalwa enesifo sovendle kanti wayefunda nabantwana ababengakhubazekile ababemgcona ngenxa yokukhubazeka kwakhe.
Wayekwazi ukupheka, wafunga wagomela ukuthi langa limbe uyoziphilisa ngawo lo msebenzi.
Namuhla uZamo uqashe abantu abahlanu kanti lo msebenzi uwuqhubela ekhaya.
APRIL 2006
OCTOBER 2006
INDLELA YOKUWINA...
KHETHA obona efanelwe wukuwina iMageu Number 1 Business Start Up yonyaka ka-2006 ngoku-SMSa igama elithi BONA lilandelwe u-A, B, C, D, E, F, G, H, I, J noma K ku-34384 ukuze ube sethubeni lokuwina
u-R10 000! (I-SMS ngayinye ibiza u-R2.) [z]
Jane Kgwathisi
JANE’S SHOES AND BAGS
U-Jane ngomunye wabantu abanamakhono eWest Rand. Ibhizinisi lakhe lasungulwa ngo-2004 kanti uqashe abantu ababili. Ebhizinisini likaJane kwenziwa izicathulo, izikhwama nezigqoko kanti ubuye ahambele amazwe anjengeBotswana nendawo yaseRustenburg ayodayisa imikhiqizo yakhe. Ubuye adayise nezinkukhu.
Nhlanhla Thobakgale noThembi Sikhosana
I-SEVENTEEN EAST yibhizinisi elenza ifeshini yabesimame yemicimbi yasebusuku nezingubo zemishado. Okunye okusezinhlelweni zabasunguli balo, wukuthunga izimpahla zabesilisa.
I-Seventeen East iqashe abathungi abancishwe amathuba emphakathini ukuze nabo basizakale. Laba basiki bengqephu basanda kukhangisa ngezinye izimpahla zabo emcimbini kaBONA.
MAY 2006
NOVEMBER 2006
BONA ZULU – January 2007 81
Rebeccah Ruiters
TLHABOLOGANG FASHION DESIGNING SCHOOL
U-Rebeccah ufundisa izitshudeni zakhe i-fashion design, ukuthunga, imidwebo yezefeshini kanjalo nokwenza amaphethini. Wasungula iTlhabologang Fashion Designing School eGoli ngo-1997.
JUNE 2006
