zulu.2772.yourstyle_celeb_2
ISIHLABANI
IZITOLO: Accessorize: 021-447-7718 Ackermans: Ezweni lonkana Mr Price: Ezweni lonkana Ruby In The Dust: 011-325-5111 Truworths: Ezweni lonkana Woolworths: Ezweni lonkana
BASIKHOMBISA INDLELA
Usomahlaya obuye abe ngumdlali uMo’Nique uziphilisa ngokwenza amahlaya, kodwa akugqokayo akusilo ihlaya
KWA-BONA isitayela sakhe sizosibiza ngeChubby Chic! Izinwele zikaMo’Nique zihlale zikanywe kahle, i-make-up yakhe ibukeka kahle kanti ugqoka izingubo ezifanela umzimba wakhe owondlekile.
U-Mo’Nique uqhamuke nesitayela sakhe sezingubo zokugqoka. Ezingubeni zakhe kukhona izitayela ezintathu zama-jean afanele abesimame abayizidudla abame kahle.
Le ntokazi ehlekisayo esike yadlala emdlalweni wayo wamahlaya othi The Parkers, ihlala ibukeka kahle ngisho noma igqoke ingubo ecwebezelayo noma i-jean engahlotshisiwe.
Kodwa into enhle kakhulu ngayo wukuzethemba nokuyinto ehlale iyisho kwezinye izintokazi ukuthi ukuzethemba ngeke ukuthenge.
Lapha usikhombisa ukuthi ungabukeka kahle ngisho noma umzimba wakho wondlekile.
■ Indlela yokugqokela ubusika wukugqoka okwelekanisiwe – ungagqoka okuhambisana nesimo sezulu.
■ Gqoka ama-layer amathathu – eyokuqala kumele kube okwangaphansi okufudumalayo, eyesibili kube yi-sweater noma i-top, eyesithathu kube yijakhethi noma ibhantshi.
■ Gqoka indwangu ebukeka kahle, enjenge-velvet, i-cashmere ne-cordurouy.
■ Yengeza umbala ofana nomnyama owenza kungabonakali ukuthi uyisidudla kodwa ungahlobi ngokunombala ogqamile. (Lokhu kusiza ngokususa amehlo ezindaweni ongazithandi emzimbeni wakho.)
■ Imibala egqamile ebusika, ikwenza ukhange. O-cherry red ungalokothi uwukhohlwe.
■ Sebenzisa i-make-up yasebusika ne-eyeliner engagqamile emehlweni, ezinkopheni ufake okugqamile ne-eyeshadow e-dark.
■ Ungesabi ukuveza i-cleavage noma ugqoke ama-pantyhose amahle.
Ulwazi olwengeziwe: www.essortment.com
1. I-pashmina enithiwe enama-tassels (R220), Woolworths.
2. I-t-shirt ende emnyama (R89), Ackermans.
3. I-jean e-dark blue (R140), Mr Price.
4. Isikhwama se-satin esimnyama (R250),
Accessorize.
5. Izicathulo (R340), Inwear at Truworths.
6. Ibhengela elisasiliva (R199), Ruby In The Dust
Indaba:Thato-ya-Ona Lerefolo Izithombe: Peter Whitfield
SAKHO
Thokomala ngokupholile
Bukeka
