zulu.2770.yourfamily_trivia
UTHI UBUWAZI?
EFinland uMarch ubizwa ngokuthi Maaliskuu, okusho ukuthi “Earthy Month” (inyanga yomhlaba), ngoba lena yinyanga lapho iqhwa liqala ukuncibilika kubonakale umhlaba ngaphansi.
MARCH
UMarch yinyanga yesithathu onyakeni engenye yeziyisikhombisa ezinezinsuku ezingu-31.
Igama u“March” liphuma olimini lwesiRoma nokuyilapho kwakuyinyanga yokuqala yonyaka futhi yaqanjwa ngoMars isithixo sempi sabantu baseRoma.
KULE NYANGA EMLANDWENI
1960
March 21: Kwenzeka isibhicongo sokubulawa kwabantu eSharpeville amaphoyisa evulela ngenhlamvu kubantu cishe abangu-5 000 ababezinikele ekutheni baboshwe kunokuba baphathe amapasi. Kwafa abangu-69 kubandakanya abesimame abayisishiyagalombili nezingane ezilishumi.
1970
March 25: Indiza iConcorde yathatha uhambo lwayo lokuqala. Ijubane layo lingu-1 127 km/h.
1971
March 8: Umshayi-sibhakela uJoe Frazier wehlula uMuhammad Ali eMadison Square Garden.
1980
March 7: Kwethulwa okokuqala iTV yemibala ePortugal.
March 21: Ngesiqephu sokugcina somdlalo iDallas, uJR Ewing wadutshulwa ngumuntu ongaziwa nokwaholela ekutheni wonke umuntu abuze ukuthi: “Ubani Owabulala uJR?”
1987
March 23: Kwaqalwa ukukhonjiswa kwesiqephu sokuqala seThe Bold And The Beautiful eMelika.
1990
March 26: Kwamenyezelwa ukuthi kusukela ngoJanuary 1991, kuzophela ukwehlukaniswa kwabamhlophe nabamnyama ezikoleni zikahulumeni.
1998
March 19: UMakhaya Ntini waba ngowokuqala omnyama ukumela iSA emidlalweni yezinsuku ezinhlanu yekhilikithi.
2004
March 21: UPhapha uJohn Paul II waba nguPhapha wokuqala ukuvakashela kwa-Israel.
2006
March 5: Umdlalo iTsotsi wawina umklomelo we-Oscar 2005 ngokuba yiBest Foreign Language Film kuma-78th Academy Awards.
OKWEZINGANE EZIHLAKANIPHILE
Ngabe umhlaba uyindilinga?
Umbuzo ongakhombisi ubuhlakani, akunjalo? Kodwa uma ungaphendula uthi “Yebo” uzobe ungashayanga khona. Ngani na - ngoba umhlaba uyazungeza (usinike imini nobusuku). Imimoya evuna lokhu ikhomba ukuthi awusiyo imbulunga njengebhola. Uyisicaba phezulu naphansi bese uqumba phakathi nendawo - ubukeka njengethanga elikhulu.
UNGALO-
KOTHI UKUZAME EKHAYA LOKHU!
I“Fish snorting” wumdlalo lapho abawudlalayo beshutheka inhlanzi encane emlonyeni ize iphume ngamakhala. NgokweGuinness World Records, umqeqeshi kweze-yoga uGP Vijayakumar waqala ukuziqeqesha kulokhu ngo-peas wase edlulela enhlanzini encane.
NgoJuly 2005 wephula irekhodi lomhlaba ngokufaka izinhlanzi ezingu-8 ngomzuzu owodwa. Uphethe futhi irekhodi lokushutheka izinhlanzi eziningi ngehora elilodwa - 509!
AmaMulti-Game
Hlola ulwazi lwakho lwesiNgisi. Isithombe sizokunika umkhondo wokuthi yini igama laleyo nto.
ENGLISH AFRIKAANS SESOTHO ISIXHOSA ISIZULU
Amadwala angantanta?
Yebo kunohlobo lwedwala elikhumuzelayo elakheka ngesikhathi sentaba-mlilo. Leli dwala ligcwele amabhamuza e-gas kanti selike labonakala lintanta emanzini.
I-Maths, amanzi nezikhonzi zokholo (saints)
Ezinye izinsuku eziyisipesheli
kule nyanga:
World Maths Day
Lolu suku lumiselwe imikha-
nkaso efundisa ngokukhuthaza amakhono e-maths ngendlela ethokozisayo. Umahhala kubafundi nasezikoleni. Vakashela www.worldmathsday.com ngeminye imininingwane.
Saint Patrick’s Day
Wumbala oluhlaza ogqa-
mayo ngalolu suku - okubungazwa ngalo uSaint
Patrick wase-Ireland owayeyisigqila. Waphila phakathi kuka-385 no-461AD. Waletha inkolo yobuKhrestu e-Ireland.
World Day For Water
Lolu suku lwasungulwa ngabe-UN ngo-1993. Lusetshenziselwa ukuphakamisa izinto ezithinta amanzi - njengokungatholakali kwamanzi ahlanzekile kwezinye izindawo emhlabeni.
