zulu.1231.health_2
Ezempilo
Siza!
Yini okumele Uyenze"
Usendaweni okwenzeke kuyo ingozi yesithuthuthu. Ngabe kufanele umkhiphe i-helmet olimele"
"Ukugwema okunye ukulimala emqaleni, ungayisusi i-helmet ngaphandle kokuba kunesidingo - mhlawumbe uma olimele ephalaza, elimele kakhulu ekhanda noma isigqoko simenza aphefumule kanzima," ngokweluleka kukaLinda Buys, ongumbhali weFirst Aid For The South African Home, Office And Outdoors (Struik, R99,95).
"Kungcono olimele azikhumule yena i-helmet, kodwa uma engeke, omunye umuntu kufanele asekele umqala wolimele, omunye amkhumule kahle i-helmet."
BONA ZULU - August 2006
DANSELA UKUBA NGUMQEMANE
IQINISO:
Ukuxhawulana kusabalalisa amagciwane kasikhombisa kunokuthimula.
Uyakukholwa noma cha...
Shintsha indlela ozamukela ngayo izinto, ushintshe izinga lakho-le-stress - ngokusho kochwepheshe, uku-ayina kuyikhambi elihle le-stress ngoba ukuhamba kwe-ayina uyehlisa uyenyusa kwenza umqondo wakho ufune ukucabanga...
Isipho esihle!
"Asingabheki ukuthi kube wumhlaba ozosenzela umehluko - umehluko awube kithina," lena yinkulumo ye-Organ Donor Foundation abayisebenzelayo abayikhiphe ngoba bebona uhlu lwabagulela ukufa abadinga ukufakelwa izitho zomzimba.
Izitho zomzimba zintuleka kangangoba bayingxenye yokuthathu kuphela ababa nenhlanhla yokufakelwa zona.
Likhulu kakhulu nezinga lokuntuleka kwesikhumba ne-tissue yamathambo.
Cabanga ukuthi ungaphatheka kanjani uma uzwa ukuthi isihlobo sakho esingasekho siphilise omunye umuntu - wenze umehluko ngokufaka igama lakho kwabafuna ukunikela ngezitho zomzimba.
'
IQINISO
USAYIKHUMBULA
indlela uFlorence Masebe noZwai Bala abasehlisa ngayo isisindo somzimba kwiStrictly
Come Dancing yeSABC"
Kumele sithole isifundo kwabakwenza ngokukaDokotela uHoward Lewine weHarvard Medical School othole ukuthi umdanso oneminyakazo esheshayo wehlisa ama-kilojoules angu-1 600 ngehora!
Hlala uphilile noPatricia McCracken
Shayela ku-0800-22-66-11 ngeminye imininingwane.
Isisindo sekhanda lomuntu singu-3,6 kilograms.
izithombe abeGREAT STOCK!
Yenza ukuncelisa kube ngcono
Omama abaningi bahlushwa yinkinga yokungabi nobisi olwanele lokuncelisa izingane zabo ngokukaPriya Lalla onguchwepheshe wezokudla okunomsoco kwaSA Sugar Association - ngaleyo ndlela bagcina bezinika ezinye izinhlobo zokudla neziphuzo zisanda kuzalwa.
Okusempeleni ubisi alukhiqizeki kahle emabeleni kamama uma ingane inganceli kakhulu.
Ngisho nokusebenzisa inkohliso kungaba nalo mthelela.
Kodwa ubisi lwakho luyanda uma ukhuthaza ingane ukuba incele.
Khumbula ukuthi abeWorld Health Organisation nabe-United Nations Children's Fund bayavumelana ngokuthi izingane kumele zinceliswe ubisi lwebele kuphela zize zibe nezinyanga eziyisithupha ukuze ziphile kahle.
UKUPHUZA IKHOFI
Uma abesilisa bephuza ikhofi emizuzwini engu-30 ngaphambi kokudla, kutholakala ukuthi badla cishe ukudla okungaphansi kwe-quarter ngokusho kwabacwaningi baseCanada. Ngeshwa abatholanga kunjalo kwabesimame.[z]
BONA - August 2005
