zulu.2769.go explo
Banelinye ithalente
UKenny Shivambu nekhwaya.
BONA ZULU – January 2008
Go Explo
indaba nesithombe nguNEVILLE MAAKANA/NEWSFIRST
Ikhwaya yase-Limpopo ehlanyisa izihlwele yenza ezibukwayo
BACULA njengezingelosi kanti sebezakhele igama embonini yezomculo. I-Gospel Explosion, edume ngeleGo Explo inamalungu angu-24 nebhendi yabantu abayisithupha. Le khwaya sesike sayibona kwiTV, yake yacula phambi kukaMongameli uThabo Mbeki yashiyelana inkundla neNdlovukazi yoMculo woKholo uRebecca Malope.
“Ikhwaya yethu idume ngokunyakazisa izihlwele,” kusho uKenny Shivambu, uthisha ofundisa umculo owasungula le khwaya ngo-2005.
“Ngathola ukuthi akukho okwakwenziwa ukuze kuvunjululwe, kuthuthukiswe ithalente elisemculweni eLimpopo. Ngabona kungcono ukuthi ngisungule uhlelo lomculo,” kuchaza yena.
Embonweni wakhe uKenny wasekwa ngumasipala waseMopani neMunghana Lonene FM.
Umnyango wezobuCiko namaSiko wawuthanda umbono wabo wanikela ngo-R1 million kulolu hlelo.
Ngo-2006, kwahlolwa ababezocula kulesi sifunda kwatheleka intsha engaphezulu kuka-400 izozama inhlanhla.
“Emva kokuchitha amahora amaningi silalele abaculi, sakhetha abangu-30,” kusho uKenny. Ezinyangeni ezingu-12 ezalandela kwaba nama-workshop okuqeqesha abaculi. Babefundiswa ngokucijwa kwamaphimbo, ukunyakaza esteji, ukusebenzisa izinsimbi zokucula, ukuziphatha nokunye.
“Sasebenza kanzima nangokuzinikela kulolongwa abaculi,” kusho uKenny, owawina umklomelo esabhidisa ikhwaya yaseRitavi Primary School, eNkowankowa Township ngaseTzaneen.
Izinsizwa ezingu-12 nezintokazi ezingu-18 ezicula kwiGo Explo zihola nyanga zonke zihlangane masonto onke zizilolonge.
I-albhamu yabo yokuqala bazoyikhipha ngo-April bahlukaniselane imali ezotholakala.
“Lolu hlelo luguqule impilo yethu. Ikusasa lethu liqhakazile ngenxa yalo,” kusho uThalitha Ndlovu ongumculi. [z]
NewsFirst
