zulu.2768.mansion
NGENHLA NANGEZANSI: Indlela elihlotshiswe ngayo leli khaya iyakhombisa ukuthi ungakwazi ukuhlanganisa okwase-Africa nokwaseNtshonalanga, ikhaya lakho libukeke kahle libe sesitayeleni.
BONA ZULU – August 2007
NGENHLA: Izibuko ziyayonga indawo endlini uma zisetshenziswe kahle.
indaba nguTESS VENTER
izithombe nguVANESSA GROBLER/LOWVELD LIVING
Ikhaya labo litho- komele
Sisekhaya noBONA
Ikhaya likaJabu noPhumi Magagula lihlotshiswe kahle linamagumbi ahlelwe kahle…
WAYEPHAKATHI nendawo ekhishini lakhe usomabhizinisi onguJabu Magagula ngesikhathi ethi: “Ungathi yiseKruger Park!” Imbangela yalokho wukuthi amafasitela abhekene nezihlahla ezinde ezikhanyiswa yilanga, kanti izicabha zokhuni ziphumela kwi-balcony ongahlala kuyona uziphuzele ikhofi lakho.
Kuleli khaya, ikhishi ne-dining room kusesitezi sesibili.
Akujwayelekileke lokho kodwa yikona okuzwana noJabu noPhumi Magagula namadodana abo amabili asemancane.
“Uma ucelwa ukuba uye esitezi sesibili, uba yingxenye yomndeni wethu,” kusho uJabu.
Babambisene nabanye abashadikazi ebhizinisini le-Gifting Institute, elisiza izinkampani ukuze zithuthukise amakhono abantu abazisebenzelayo.
UJabu ongomunye wezingane ezingu-16 wazalelwa KwaMhlushwa, eningizimu yaseMalelane eMpumalanga kanti imfundo isemqoka kakhulu kuyena.
Wahlangana noPhumi oliqhamukisa eNelspruit ngesikhathi befunda enyuvesi.
Babekhonze umdlalo we-table tennis kanti uJabu uthi yikhono lakhe kulo mdlalo elaheha uPhumi.
UPhumi waphawula kanjena ngekhaya labo elihle: “Sathanda ingadi nokuthula kwalo leli khaya.”
Benza izinguquko kuleli khaya, kanti manje uma ungena kulona, ungenela kuma-living rooms amabili kanye negumbi lokufunda. Ngenhla kukhona amagumbi okulala, ikhishi, i-dining room ne-living room.
UJabu noPhumi bathanda izinto ezifanayo kanti kwaba lula ukuba babonisane ngendlela ababezolihlobisa ngayo ikhaya labo.
“Side isikhathi sazana ekubeni sasinemibono efanayo ngesasizokwenza ekhaya lethu,” kusho uJabu.
Izindonga zipendwe ngombala oluthuthu, izicabha zabo eze-timber kanti futhi kukhona nama-balcony.
Emagumbini aphansi kufakwe ama-tiles anombala ozothile kwandlalwa okhaphethi bohlobo lwasePersia.
Esitezi sesibili kufakwe
i-timber phansi.
I-ceiling yabo bayilungisa kahle bafaka ama-bulkheads ekhishini nasendaweni okungenelwa kuyona. Amanye amagumbi ahlotshiswe ngezimbali kwi-ceiling.
NjengoJabu, uPhumi naye ikhishi ulithatha njengendawo ethandeka kakhulu ekhaya.
“Ngiyakuthanda ukupheka. Abangani nomndeni bachitha isikhathi sabo esiningi ekhishini,” kusho yena.
Wasizwa amaphephabhuku okuhlobisa, izinhlelo zeTV nokuvakashela kwakhe kaningana eGoli ukuze afake ifenisha nokokuhlobisa.
UJabu uthi imvelo ezungeze ikhaya labo iyalithokomalisa:
“Uma uvula izicabha uyakuzwa ukuthula okudalwa yizinto ezisizungezile.”
“Ngiyakuthanda ukuba kule ndawo nomndeni wami. Imele ukusebenza kwethu ngokuzikhandla kanti kuyona sibuye sithole nokuphumula emva kwalokho kuzikhandla kwethu.” [z]
African Eye News Service/Lowveld Living
KWESOKUDLA: UJabu uyena owenza izinhlelo zokuhlobisa ikhaya labo, kanti uPhumi nguye owenza umsebenzi wokukhetha imibala ababezolihlobisa ngayo ngaphakathi.
KWESOKUDLA: UJabu noPhumi babuye babe namabhizinisi ambalwa, kubandakanya elikamasingcwabisane nelesitolo sezingubo.
u
BONA ZULU – August 2007
t
Esitezi sesibili kufakwe i-timber phansi
NGEZANSI: Ikhishi labo lizothile, ngelesimanje – lisesitezi sesibili nokuyinto eyenza ukuba ikhaya labo lehluke kakhulu.
BONA ZULU – August 2007
NGENHLA: Uma ulele kulo mbhede ungaphupha amaphupho amahle…
UJabu noPhumi bathanda izinto ezifanayo kanti babonisana kalula ngokuhlotshiswa kwekhaya labo.
Hlobisa i-bathroom yakho ngemibala ezothile uzakhele indawo ozophumula kuyona.
I-dining room isesitezi sesibili njengekhishi!
Izimbali eziluhlaza nokukhanya kwenza le ndawo ibe kahle uma ufuna ukuziphumulela.
BONA ZULU – August 2007
