zulu.2767.BEC feedback
Umbiko waseWitbank
U-FORCE Khashane wavula umcimbi ngeculo lesizwe kanti kwakukhona nabeProudly South African.
U-Force watshela amalungu eBONA Empowerment Club ukuthi kumele esekwe ama-spaza shop ngoba ayibhizinisi labantu. Wagcizelela iphuzu lokubaluleka kokuxhasana nokugcina umnotho emiphakathini yethu.
“Ningawabalekeli ama-spaza shop, gibela itekisi uye kuyona uthenge, simamisani imiphakathi yenu ukuze niphucuke,” kuqhuba yena.
U-Adriaan Taljaard weProudly South African wathi umkhankaso wabo ubufundisa abantu kusukela ngo-2001. Wagcizelela ukubaluleka kokuthenga izimpahla ezikhiqizwe kuleli ezinophawu lweProudly South African (PSA). Ukuthenga imikhiqizo enalolu phawu kuvula amathuba emisebenzi.
U-Adriaan wanxusa osomabhizinisi abancane njengabanini bama-spaza shop ukuba bashayele abePSA ucingo babuze ukuthi bangabenzelani.
Okudingeka kofuna ukuba yilungu lePSA: makadayise imikhiqizo eyenziwe kuleli, ibhizinisi lakhe libe neBEE. I-Nedlac neDTI yibona abaxhase iPSA kanti amabhizinisi amancane angaxhumana nalezi zinhlangano. Wachaza nokuthi iPSA ayikwazi ukuxhasa ngezimali. Bakuxhasa ngokukwazisa kwezinye izinkampani, bakunike ulwazi oludingayo, bakuyalele nabantu abangakusiza ngezimali.
Ngokuba yilungu lePSA ibhizinisi lakho lithola ukwaziwa. U-SARS ubambisene nabePSA. Wabuye wachaza ngokubaluleka kokubhalisela iVAT ukuze kube lula ukuthola amathenda. AbePSA bayakwazi nokuwabhalisela ukukhokha iVAT amalungu abo!
U-Lemmy Mdluli oseMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela watshela amalungu ukuthi umnyango wakhe wenza umsebenzi wokuxhasa amabhizinisi amancane uwasize ukuze axhaswe ngemali.
“Ama-spaza shop ayingxenye yezokuvakasha okusho ukuthi abaniniwo kumele baqiniseke ukuthi bayayigcina imithetho ababekelwe yona.”
Ngo-2004 umnyango wakhe wenza ucwaningo okwatholakala kulona ukuthi angu-80 amabhizinisi angayigcini imithetho.
Wakhuthaza abantu ukuba bavule amabhizinisi abo. “IMpumalanga iyikhaya lakwaSASOL kanti inezimboni zokuvakasha nezikashukela okusho ukuthi inawo amathuba emisebenzi okumele siwasebenzise,” kuqhuba yena.
Waphawula nokuthi osomabhizinisi bakulesi sifundazwe bangathola uxhaso kwiSA Micro Apex Fund engabasiza ngemali esuka ku-R50 kuye ku-R10 000 wathi ama-spaza abalwa kulawo mabhizinisi abawasizayo.
Wachaza nangoMsobomvu Youth Fund, osiza intsha yaseMpumalanga ngokuxhasa amabhizinisi ayo ngo-R700 kuya ku-R10 000.
Abantu kumele bakhuthalele ukuzitholela ngokwabo ulwazi bangabheki ukuluthola ezinhlanganweni ezinjenge- Empowerment Club.
(Indlela yokuxhumana nabo: Lemmy Mdluli, Acting Chief Director for the Department of Economic Development and Planning.
Tel: 013-766-4469. Fax: 013-766- 4614. E-mail: lemmy@nel.mpu.gov.za)
U-George Mushaike ongumdidiyeli kwiSMME wakhulumela iWholesale And Retail SETA.
U-George wathi amaSETA asungulwa ngo-2000, kanti angaphansi koMnyango wezemiSebenzi. Axhaswa nguhulumeni ngaphansi kweSkills Development Act ukuze aphucule amakhono abantu kwezamabhizinisi.
“Ama-spaza shop angaphansi kophiko lwethu. Ungakufisi ukuba ngumqashwa impilo yakho yonke. Uma ukwazi ukusebenzela umqashi wakho, ungahlulwa yini ukuzisebenza ngokwakho?” kubuza yena.
Inkulu imali efakwa ekuqeqesheni abantu. I-SETA ikuhlomisa ngolwazi lwezemisebenzi kodwa buza ukuthi bangakusiza kanjani.
U-George wathi amaSETA ahlomisa abantu ukuze babone ukuthi yini abangayenza ukuze bathole inzuzo. Wathi oqeqeshweni olunikwa amaSETA uthola nokululekwa kubhekwe nezinga lwalolo qeqesho.
Izinkampani ezenza imali engaphansi kuka-R500 000 ngonyaka zingabhalisa kwiSETA ngaphandle kokukhokha intela ka-1 percent. Kodwa kumele zibhalise kwaReceiver Of Revenue. Landela yonke imithetho okumele uyigcine uma unebhizinisi ukuze uliqhube ukhululekile.
Iyini i-learnership? I-learnership wuhlelo lwemfundo nokuqeqeshwa othola kulona isitifiketi emva kokuqeqeshwa. Kuyona uyafunda wenze nomsebenzi wezandla owufundelayo uthole isitifiketi esigunyazwe yiNational Qualifications Framework (NQF).
Uma ufuna ukubhalisela i-learnership shayela uMnuz Ignatius Mpe, oyiRegional Manager, noma uLebogang Khoza, oyiRegional Co-ordinator ucingo kule nombolo ethi 012-676-9000, inombolo ye-fax ithi 012-665-2559.
U-Adriaan Taljaard wakwaProudly South African.
BONA ZULU – June 2006
Abawina imiklomelo eWitbank kwiBONA Empowerment Club... (kusuka kwesobunxele) Joanah Malibe, Selina Mnyakeni, Elizabeth Mkhatshwa, Eldah Mahlangu noPaulina Nkosi.
u
t
BONA ZULU – June 2006
Bake and Cook for Profit
N GALOLO suku kwakwenziwa amaTea Scones neMageu Chocolate Cake. Sasithi yikhekhe lika-chocolate elizodla ubhedu kodwa kwaba amaTea Scones. Zizamele le resiphi!
Tea Scones
240g i-cake flour
10ml u-baking powder
2ml usawoti
50g imajarini
2 amaqanda
125ml ubisi
50ml Illovo Sugar
U-Lemmy Mdluli, oyiBamba likaMqondisi oMkhulu eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela.
Indlela yokwenza
1. Gcoba ithini elingu-33cm x 45cm.
2. Shisisa uhhavini ngo-220oC.
3. Sefela endishini i-cake flour, i-baking powder nosawoti. Cubuzela imajarini engxubeni kafulawa.
4. Kujeke, shaya iqanda elilodwa, ubisi noshukela. Faka engxubeni kafulawa. Thululela inhlama ebhodini elivuvuzelwa ngofulawa. Qoba ama-scones nge-cookie-cutter ubeke epanini lokubhaka.
5. Shaya iqanda lesibili. Brasha kwi-scone ngasinye.
6. Bhaka imizuzu engu-10-12. [z]
U-Vicky ekhombisa indlela yokwenza amaTea Scones.
Ingxenye yababehambele i-workshop yeBake and Cook for Profit eWitbank.
