zulu.2764.yfm
Pabi, Dineo, DJ Thabi nabanye ...
UNYAKA wezinguquko lona eziteshini zokusaza zaseGauteng ezingu-40. Phakathi kwalezo zinguquko ezishiye abantu bengawuvali umlomo singabala ukuqashwa koDJ abasha kwiYfm okuyizintokazi ezingu-11. Ezinye ziyizihlabani zeTV, ezimbili zingonobuhle kuzwelonke kanti ezinye azaziwa – zathola lo msebenzi ngenxa yendlela ezikhuluma ngayo, hhayi ezihamba ngayo.
Kusukela ngo-2002 lesi siteshi senza ushintsho ngokwengeza oDJ besimame abango-Unathi Nkayi noLee Kasumba.
Manje iYfm seyandise isibalo sezintokazi ezizosakaza.
Sekukhona uPabi Moloi, intokazi esiyazi kwiTV esakaza uhlelo lwasekuseni obelusakazwa yisihlabani esinguDJ Fresh.
“Kwaba yisinqumo esasingelula.U-Fresh ubenegama kanti kwathi uma ehamba eya kwi-5FM ngabona ukuthi isikhala sakhe kumele ngisivale ngomuntu onegama. UPabi yithemba lethu,” kusho uBondo Ntuli imenenja yezinhlelo.
UPabi uneminyaka engu-22 kodwa usenesikhathi esebenza kwiTV. Wazakhela igama eneminyaka engu-11, esakaza iKTV eyayibonakala kulo lonke elase-Africa. U-matric wawuphasa esakaza izinhlelo zentsha kuSABC ecula nakwiSonic Divas.
Ngonyaka odlule wayengomunye wabaphathi bohlelo kwiSA Music Awards kanti udlala eziqephwini ezintsha zeZero Tolerance. Ubeseneminyaka emibili esakaza uhlelo olwalungena ngo-4 ekuseni kwiMetro FM ngesikhathi kuvela isikhala sokusebenza kwiYfm.
“Ngangifuna ukuzakhela igama njengomsakazi kodwa iMetro yanganginiki lelo thuba. Ukungena ezicathulweni zikaFresh kwakusabisa kodwa nami bengifuna inselelo,” kusho yena.
YISITESHI ebesithandwa lesi eGauteng kusukela ekuvulweni kwaso ngo-1997, kodwa kuthusile ngonyaka odlule ukulahlekelwa kwaso abalaleli abangu 700 000.
“Sikhule nabalaleli beY kanti njengoba isineminyaka engu-10 iningi labo selilalela ezinye iziteshi. Abalaleli esibasakazelayo baneminyaka engu-16 kuya ku-25 kanti kubalulekile ukuba senze izinguquko ukuze babuye. Ithimba loDJ esinabo manje lizowenza umsebenzi esiwufunayo,” kusho uBondo.
UPabi Moloi uqale ukusebenza estudiyo sakhe ngomhlaka 1 ku-April ekhuluma ulimi olufunwa yisizukulwane seMTV edlala nomculo ozwana naso weR&B ne-soul.
Uyakwazi okumele akwenze ukuze uhlelo lwakhe lube nesasasa – uyena owayebika ngokwakwenzeka emgwaqweni ohlelweni lukaJeremy Mansfield kwiHighveld kanti kwiMetro wayebambela izingwazi ezingo-Azania noGlenn Lewis.
“Intsha ifuna ukwazi ukuthi kwenzekani kanti siyayenzela lokho. Yithina okumele siyibikele ngamarekhodi akhishwayo nangokwenzeka emakilabhini nasemakhonsathi. Siyawubheka nomgosi sibike ngawo usashisa.
“Iziteshi zeSABC zisakaza kuzwelonke – zinabalaleli abaningi, kodwa oDJ beYfm bazithola zisashisa.”
KWATHI uma iMetro FM ibona isidingo sokuqinisa ithimba labasakazi bayo, yathatha uBad Boy T kwiY ukuze asakaze uhlelo lwantambama. I-Yfm yavala isikhala esavuleka ngokuhamba kwakhe ngoDineo Ranaka oneminyaka engu-22 ongudadewabo kaManana Ranaka weStokvel.
UDineo ubonakale okokuqala kwiTV ngonyaka odlule kwiGaz’lam kanti manje udlala indawo yentatheli ebika ngenkohlakalo kwiMzansi.
Wenza ezibukwayo emsakazweni. Usakaza noChilli M kwiYfm ohlelweni lwantambama kanti banesikhathi bazana.
“Sikhulele eVosloorus kanti ngisamkhumbula efika ekhaya edayisa imikhiqizo yezobuhle. Ngamthanda zisuka nje. Kuba mnandi estudiyo uma kukhona yena. Okwethu kufana nokukaBatman noRobin,” kusho uChilli M.
Bakhona-ke nonobuhle…
Akulula ukusebenza nezintokazi esezizakhele igama kwiYfm ezinjengo-Unathi noLee, Dre noPabi. Kodwa onobuhle abangoPhuti Khomo owayenguMiss Teen 2003 noBridget Masinga owaphuma isibili kuMiss South Africa 2002, abazithambisile.
UPhuti (22) usebenza ngokuzikhandla ukuze abeke induku ebandla kwezokusakaza. UBondo Ntuli wayithanda indlela asakaza ngayo kanti manje usakaza izinhlelo zasekuseni ngempelasonto.
“Anginandaba nabantu abayizihlabani abadumile kwiTV. KwiYfm uqashwa uma kubonakala ukuthi unekhono lokusakaza. Uma wazi ukuthi wenzani, sizokuqasha abezindaba bakuqaphele,” kusho uBondo.
U-DJ THABI, osakaza ebusuku ngempelasonto uthi wayeneminyaka engu-14 ngesikhathi iYfm izwakala emoyeni kanti naye wayehlanya uma ezwa oDJ abanjengoPhat Joe, Rudeboy Paul noBad Boy T.
“Ngiyafa ngomculo kanti ngangingakaze ngizitshele ukuthi ngiyoke ngisebenze kulesi siteshi,” kusho yena.
UThabi wakhokha u-R4 000 eqeqeshelwa ukuba ngumsakazi ngonyaka odlule kanti izithelo zokufunda kwakhe zasheshe zabonakala. Manje usecija ikhono lakhe ohlelweni oluqala ngo-2 luphele ngo-6 ekuseni.
“Ngenza umsebenzi engiwuthandayo kodwa bengingeke ngizikhandle kangaka ukuba bengingenzeli indodana yami. Ngingumama ongayedwana. Uma ngisakaza ngiyakwazi ukuxhumana nabazali abasebasha njengami,” kusho yena.
U-DJ Mpho Maboi yena usakaza uhlelo lwasemini ngeSonto emva kokusebenza njengentatheli ebika ngokwenzeka emgwaqweni ngonyaka odlule ohlelweni lukaDJ Fresh.
“Ngashaya ucingo ekuseni ngolunye usuku uFresh walithanda iphimbo lami. Ngayithanda indlela ayesakaza ngayo estudiyo,” kusho le ntokazi eneminyaka engu-25.
“Kodwa manje ngishayela uhlelo lwami ngedwa. Ngiyi-tomboy kanti ngizwana ne-hip hop, kodwa manje ngiqhudelana noDJ bezinye iziteshi ngokudlala izingoma zothando. Yizona ezingishaya ngaphakathi.” [z]
BONA ZULU – July 2006
Indlela isiteshi sokusakaza esidlisa ngonobuhle ngayo
BAYASHISA, badlala umculo opholile
indaba nguDOUG GORDON
1
1. Dineo Ranaka. 2.Phuti Khomo. 3. Unathi Nkayi. 4. Pabi Moloi. 5. Bridget Masinga. 6. Mpho Maboi.
3
4
BONA ZULU – July 2006
u
2
5
6
BONA ZULU – July 2006
Uthini Umthetho
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Ngawa ebhasini
Ebhasini kwakukhona umlisa owayeshaya owesimame ngase ngilamula. Lo mlisa wayephethe ummbese wagwaza owesimame.
Umshayeli webhasi wayimisa waxosha lo mlisa. Ngachaza ukuthi laba bantu angibazi nokuthi bengizama ukusiza owesimame kodwa umshayeli wangikhipha kabuhlungu ngaze ngawela phansi ngalimala umlenze. Ngasizwa omunye owayehamba ngemoto wangiyisa esibhedlela sengephuke umlenze. Angizange ngisebenze amasonto ayisithupha. Yini okufanele ngiyenze ngemali esengayichitha kodokotela nasemithini?
GG, Soweto
lUmshayeli webhasi akanalo ilungelo lokuziphatha ngendlela aziphatha ngayo. Ukuziphatha kwakhe kuyicala. Kuningi ongamfaka icala ngakho ukhokhelwe izindleko zobuhlungu, zokulahlekelwa wumholo, ezokwelashwa ngisho nokwehliswa isithunzi. Nasenkampanini yamabhasi ungazifuna izindleko.
Kukho konke lokhu kuzodingeka uthole ummeli, ufune nofakazi ukuze kuthathwe izitatimende.
Ingxenye yenzuzo
Umngani wami nami savula i-spaza shop ngokubambisana emva kokufaka imali engu-R2 500 umuntu emunye ukuze sithenge istokwe sikhokhe nerenti. Leli bhizinisi lethu belihamba kahle kakhulu kangangoba saze sathenga indawo esasiliqhubela kuyo.
Le ndawo kwakungeyethu sobabili ngokulinganayo futhi ibhalwe emagameni ethu sobabili. Savula esinye isitolo kulo lelo bhilidi saqashisa ngaso. Konke kwahamba kahle kwaze kwaba ngiphathwa iTB ngaya esibhedlela izinyanga eziyisithupha.
Ngesikhathi ngiphuma esibhedlela, ngathola ukuthi umngani wami usenikeze umuntu omusha esimqashisile i-notice wase eqashisa omunye. Njengamanje uyenqaba ukungikhokhela ingxenye yami yenzuzo etholakale ngokuqoqwa kwerenti. Ngingenzenjani ukuze ngithole ingxenye yami yemali eqoqwe ngerenti?
JK, Port Elizabeth
lKufanele uthole ingxenye yakho yenzuzo yemali yerenti. Kodwa kufanele uqale uthole ukuthi kwakheka imali eyinzuzo engakanani. Ukuze wenze lokho kufanele ucele enibambisene naye ama-akhawunti okuqhutshwa kwebhizinisi ngesikhathi ungekho usesibhedlela.
Uyabona kungenzeka kubekhona nezindleko ezifana nokukhokhelwa kwe-bond eyarejistelwa indawo. Kungenzeka futhi kube nezindleko ezadaleka ngokunakekelwa kwebhilidi njengokulipenda nokulihlanza.
Imali esele yiyo ezokuba yinzuzo kanti wena ingxenye yakho kuzokuba wuhhafu wayo.
Uma umngani wakho engeke akunike iriphothi enemininingwane (eyaziwa ngokuthi yi-akhawunti), echaza ukuthi kwaqoqwa malini, kwasetshenziswa malini, kuphi nokuthi kusele malini, kuzofanele ummangalele ngaleyo akhawunti.
Lokhu kusho ukuthi kuzodingeka ukuba ube nommeli.[z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho ‘Uthini Umthetho’ ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
t
BAYASHISA badlala umculo opholile
