zulu.2762.birnam
BONA ZULU – October 2005
Wina
IMISEBENZI ayibonwa – kodwa abakwaBirnam Business College banika abafundi ithuba lokuhloma ngamakhono ngezifundo ezigunyazwe umhlaba wonke. Kuleli kolishi kunezifundo ezenziwa ngokugcwele nokungagcwele kanti abafundisa kulona baqeqeshiwe, linezincwadi ezibhalwe emva kocwaningo olunzulu nemishini yesimanjemanje.
Zonke izifundo zama-diploma zakwaBirnam zihambisana noqeqesho lokwenza umsebenzi owufundele nokuyinto ekubeka emathubeni amahle uma usufuna umsebenzi. Ungakhetha kulezi zifundo:
Business management, computer skills, journalism, travel, fashion, marketing and design, hotel management, hairdressing, secretarial, marketing management, human resources, medical PA, public relations and beauty.
Ungayitholaphi iBirnam College
l Corlett Drive Campus:
73 Corlett Drive, Birnam.
Tel: 011-887-2540.
l Braamfontein Campus: 60 De Kort Street, Braamfontein.
Tel: 011-403-6631.
imifundaze ebiza
Umncintiswano wamaSMS umncintiswano wamaSMS umncintiswano wamaSMS
R40 000!
neminye imiklomelo!
Ungawina…
UBONA ubambisene neBirnam
Business College, Faith Evans noSABC 1, ukunika ithuba lokuwina imifundaze engu-10 nama-Oxford Dictionary, T-shirts namaCD akwa-EMI.
Bahlose ukukusiza
I-Tiisa Thuto, uhlelo olulwa nobelelesi ezikoleni oluphethwe yiBAC-SA, ihlose ukukhuthaza abafundi kanti ixhasa imfundo yangunaphakade njengendlela eyiyo yokuhlomisa intsha.
I-Tiisa Thuto, exhaswe izimboni zaseSA neminikelo yaphesheya, kokunye enako singabala izinhlelo zokulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa kuya ekufundisweni kwabafundi imidlalo efundisayo. Ukuze uthole kabanzi ngeTiisa Thuto, vakashela ku: www.bac.co.za naku-www.tiisathuto.co.za
I-CD kaFaith!
U-Faith Evans uthi ukubambelela kwakholelwa kukho nokuzinikela yikho okwamphumelelisa – kanti useyibekile induku ebandla emculweni ngenxa yalezi zinto. Abangu-10 abazowina imifundaze bazothola iCD kaFaith Evans entsha ethi The First Lady.
Imithetho: 1. Ngalo mfundaze ungafunda eBirnam Business College kuphela. 2. Imifundaze eyezifundo ezenziwa ngokugcwele kuphela. 3. Abayowina bayozikhokhela bona izindleko zokurejista. 4. Lo mfundaze awunakudluliselwa kwabanye noma ushintshwe ube ngukheshi. 5. Abasebenzi noma amalungu emindeni yabasebenzi bakwaBirnam Business College noma bakwaCaxton magazines akufanele bawungenele lo mncintiswano. 6. Abayohlungwa bayovivinywa kukhethwe abangu-10 abazothola lo mfundaze. 7. Usuku lokugcina lokuthunyelwa kwemingenelo umhlaka 31 October 2005. 8. Abayowina kumele balungele ukusebenza amahora angu-50 ngaphambi kokuthola ama-diploma. (AbakwaBirnam bazonika bonke abawine umfundaze ithuba lokusebenza beqeqeshwa.) 9. Isinqumo samajaji singujuqu ngeke kuboniswane ngaso.
Uvalwa mhlaka: 31 October 2005
BONA ZULU – October 2005
Baphuma phambili
Abakwa-Oxford University Press, abanye babashicileli abaphambili eSouth Africa bashicilela izincwadi zokufunda zikaGrade R kuya kwezamabanga emfundo aphakeme, izincwadi zabadala nabancane, ama-dictionary nama-atlas.
Indlela yokungenela
SMSsa igama elithi “Faith” nedolobha lakho ku-34430.
Uma ubalwa kwabafinyelele kowamanqamu, uzonxuswa ukuba ubhale indatshana uchaze ukuthi kungani kufanele ukuba uwine umfundaze. Abawinile bayomenyezelwa nakuSABC 1.
*I-SMS ibiza u-R2.[z]
