zulu.2756.NEW BEAUTY 1
Indlela yokuqeda
Kujwayelekile ukuba nezinduna ezimbalwa ikakhulu uma usemusha. Kodwa uma zivumbuka ebusweni bonke futhi zijwayele ukukuhlasela, kungenzeka ukuthi seziyisifo... indaba nguCharis Dawson
BANINGI abakholwa wukuthi izinduna zidalwa wukungcola kodwa akunjalo. Yi-keratin, i-protein ekhiqizwa umzimba eyenza ukuba izinduna zibe nombala onsundu. I-keratin nezinhlobo ezihlukene zowoyela besikhumba ivala iziqu zoboya isikhumba sibe nezinduna.
Kujwayelekile ukubonakala kwezinduna ebusweni kodwa uma sezijwayele ukuvembuka njalo, kungenzeka ukuthi seziyisifo.
Yintsha evame ukuhlushwa yizinduna kanti lokho kwenzeka uma ama-hormones engasebenzi kahle, ama-cells esikhumba egqilazeka kuze kuvaleke iziqu zoboya. Uma abazali bakho babenenkinga yokuhlushwa yizinduna, nawe uba nazo.
I-stress naso sibuye senze ube nezinduna. Amaqhubu aba mandla kakhulu ebusweni nasemqaleni, kodwa nasesifubeni nasemahlombe ayaba khona.
Zimbili izinhlobo zezinduna...
Yizinduna ezivuvukele
Lezi zimbi kakhulu. Amaqhubu aba bomvu noma agqwale ngoku-purple kube nezigaxa ebusweni.
Bonana nodokotela wesikhumba uma unalolu hlobo lwezinduna ngoba imithi ethengwayo ngeke ikusize.
Izinduna ezingavuvukele
Azizimbi kakhulu. Amaqhubu aba nokumnyama nokumhlophe.
Cela usokhemisi akuyalele ongakusebenzisa uqiniseke ukuthi kuthakwe ngamanzi futhi ngeke kuxabane nesikhumba. Landela imithetho yokukusebenzisa ukuze kusebenze kahle.
Izinduna ziyaphela uma usuneminyaka eko-20. Kuningi ongakwenza ukuze wehlise izinga lezinduna.
Nazi izindlela zokulwa nezinduna ngokwemvelo.
Yidla amakinati! Yidla okusanhlamvu namakinati uma ungakudli. Zama ukudla iBrazil nuts nezintanga ngoba kunowoyela ne-zinc odingwa yisikhumba sakho.
Phuza amanzi! Qiniseka ukuthi uphuza amanzi. Phuza amalitha amabili ngosuku ngoba uma isikhumba siphelelwa amanzi iziqu zoboya ziyavaleka uqubuke kakhulu.
Qeda izinduna ngokwemvelo. Qiniseka ukuthi usebenzisa imikhiqizo yemvelo esikhumbeni. Amakhemikhali aqeda uwoyela wemvelo esikhumbeni isikhumba sibe namafutha ngesikhathi sizama ukubuyisela alahlekile.
Hlukana ne-caffeine. I-caffeine ikhuphula izinga lengcindezi emzimbeni. Ingcindezi iyaqubukisa, ngakhoke gwema itiye eline-caffeine, ikhofi, ushokoledi neziphuzo ezihlohlozayo.
Hogela iphunga lezimbali. Kumqoka ukuthola ilanga nomoya efreshi ngoba kuqeda ingcindezi kufake i-oxygen esikhumbeni. Hamba okungenani imizuzu engu-10 ngosuku.
Ukuthi izinduna azidalwa wukungcola akusho ukuthi ukugeza ubuso akusizi.
Ukugeza ubuso kuqeda ukumbondelana kowoyela abenza ube namaqhubu. Kuqeda nokucwebezela okwenziwa uwoyela.
Kodwa uma unezinduna, gwema ukusebenzisa okokukhuhla ubuso, ama-mask noma okunye okungona isikhumba ngaphandle uma kuyinto oyiyalelwe wudokotela.
Ungayipitshizi, uyinwaye, noma uyihlikihle induna. Lokho kungenza ube nezilonda namabala amabi. [z]
IZINDUNA
BONA ZULU November 2008
EZOBUHLE
"Uma abazali bake baba nezinduna nawe uba nazo"
ASHO UKUTHINI
Kunamatemu amaningi esayensi asetshenziswa uma kukhulunywa ngezinduna, kodwa wonke la magama anencazelo elula...
Whitehead: Yinduna encane emhlophe ene-keratin.
Blackhead: Yinduna emnyama ewuhlobo lwe-whitehead. Nayo ine-keratin, kuyenzeka ibe nombala ophuzi.
Nodule: Yiqhubu elikhulu elinobovu elingena lijule esikhumbeni kune-black noma i-whitehead. Livame ukuba nombala obomvu.
Keratin: I-keratin yi-protein etholakala ngaphakathi kuma-cells esikhumba. Ibuye ibe yisithako esisezinweleni nasezinziphweni.
Hypoallergenic: Yizithako ezingasiphathi kabi isikhumba.
Dermatologist: Udokotela owelapha izinkinga eziphathelene nesikhumba.
