zulu.1225.yourbackpage_last
Ukugcina kwami ukuthwala isicoco...
Ngagcina ngosuku olulandela olokuthwala esokuba nguMiss South Africa ngo-1996. Kwaba yisibusiso ukuba nguMiss SA ngoba kwashintsha impilo yami.
Ukugcina kwami ukuhleka...
Ngihleka nsuku zonke ngoba ukuhleka kungukudla komphefumulo.
Isikhathi engagcina ngaso ukwenza umqombothi...
NgoKhisimusi ekhaya eNewcastle. Kuyingxenye yosiko lwethu kanti umama wasifundisa sisakhula ukwenza lezi zinto.
Incwadi yokugcina engayifunda...
EkaBarack Obama ethi Audacity of Hope - emva kokuba ngiqede iDreams From My Father nayo eyabhalwa nguye. Angikaze ngiyifunde incwadi ebhalwe ngusopolitiki evuselela ngaloluya hlobo. Nokuphila kwakhe emihlabeni emibili ehlukene - eMelika nase-Africa - kusho lukhulu kimina.
Ukugcina kwami ukwesaba...
Izolo ebusuku. Ngiyesaba uma ngingena endlini emnyama - kodwa ukuhlwa angikwesabi. Iyamangalisa le nto, kodwa ngangivele ngesaba kusukela ngisemncane.
Umuntu engigcine ukuthandana naye...
Ngumama wami. Uthando lwakhe luyigugu kimina ngoba uthando lukamama lwehlukile. Engiyikona ngiyikho ngenxa yakhe. Wayengumsizi wasezindlini owayezihlupha ngezingane zakhe. Akukho ayengangenzeli kona ngesikhathi ngisafunda e-boarding school.
Ukugcina kwami ukuzivocavoca...
Izolo. Ngiya ejimini kane ngesonto ngigijime ngempelasonto. Ngaqala ukugijima ngo-2004 ngiseseLondon.
Isifundo sokugcina engisifundile...
Wukumela okholelwa kukona. Lesi sifundo ngasifunda ngisenguMiss SA. Uma usemusha awuswabuluki, kodwa kuningi ongakwenza uma ufuna ukukhula njengomuntu nokuba abantu baneliswe yilokho oyikona.
Ukugcina kwami ukuthenga i-make-up...
Ezinyangeni ezintathu ezedlule. Ngisathanda ukucwalwa, kodwa sezadlula lezo nsuku zokufaka i-make-up ebusweni bonke ngisengunobuhle.
Imoto engigcine ukuyilangazelela...
Yi-Audi Q7 - ngoba amandla ayo, ukubukeka kwayo nokuphepha kwayo kungangifikisa kahle ekhaya kuMama!
Iqhawe lokugcina engilitholile...
NguMadiba! Uhlala eyisibonelo esihle kimina - kwakuthi uma ngimbuka ngifikelwe yilo mcabango: "Yini engangivimba" Uma ekwazile ukwenza lokhu, nami ngingakwenza okumele ngikwenze." Nginenhlanhla ngoba wangihlomisa kusukela ngisenguMiss SA.
Iculo engigcine ukulicula...
YiPraise And Worship kaHlengiwe Mhlaba. Ngiyidlala njalo ekuseni emotweni uma ngiya emsebenzini.
Iseluleko engigcine ukusikhipha...
"Zethembe uziqhenye ngoyikona." Vuselela ukuzethemba kwakho uyeke ukugxeka izimo odlule kuzona uma ungakutholi okufunayo. Baningi abaholi abazakhele igama bekhulele ebuphofini. Ikusasa lakho lisezandleni zakho.
Ukugcina kwami ukuvalelisa...
NgoDecember 2006 - ngangivalelisa kubangani nakozakwethu eLondon. Ngahlala khona iminyaka eyisikhombisa emva kokuba uBaba uMandela engikhuthaze ukuba ngiyokwenza
iziqu e-University Of Manchester wangitholela nomfundaze kwa-Investec. Ngaqhubeka ngenza iMSc kwi-Economics, ngasebenza kwa-Investec eLondon iminyaka embalwa. [z]
Sihlanganiselwe nguPatricia McCracken
IKHASI LOKUGCINA
U-Peggy Sue Khumalo owayenguzime waseSA osesebenza ebhange manje uxoxisane nathi, esidalulela ukuthi yini emculisayo nemsabisayo
