zulu.2754.legaljul
INKINGA: Ngesikhathi ngijoyina umbutho wabeSANDF, ngacela umngani wami ukuba angifunele umuntu ozothenga isithuthuthu sami. Ngamnika amaphepha aso nelayisensi. Sathengwa nganikeza umngani wami imali yokumbonga.
Emva kwalokho owasithenga wangibopha ekhala ngokuthi owamdayisela isithuthuthu wathi kwakungesika-2002 wangasho ukuthi esika-1999.
Icala langilahla kwadingeka ukuba ngikhokhe inhlawulo ka-R2 300 nezindleko zecala.
Angingabazi ukuthi umngani wami akamtshelanga iqiniso umthengi. Ngifuna ukuba ayikhokhe le mali okwadingeka ukuba ngiyikhokhe ngaleli cala umngani wami abuyise naleyo engambonga ngayo. Ngabe ngingamvulela icala-
ISELULEKO SOFEZELA:
Ngokomthetho, kusobala ukuthi waqoka umngani wakho njengomuntu ozokudayisela isithuthuthu sakho.
Njengoba umngani wakho athi isithuthuthu esika-2002 kumthengi, kusho ukuthi wayeqamba amanga.
Uma uthola ikhophi yerekhodi lecala owavulelwa lona, njengoba kufanele ukuba kube njalo, kuzocaca ebufakazini obabuchitha wena ukuthi awumgunyazanga umdayisi ukuba akhulume amanga nokuthi wawungazi ukuthi ngeke asidayise ngokwethembeka isithuthuthu sakho.
Kuzobuye kucace nokuthi umthengi wazitshela ukuthi umdayisi umtshela iqiniso.
Uma usumvulela icala uzokwazi ukukhipha ubufakazi bokuthi akwenza wakwenza enolwazi lokuthi kungamanga kanti ngenxa yalokho umthengi wabona kungcono ukuba aluyise enkantolo lolu daba.
Kufanele ubuye ube nekhophi yencwadi owavulelwa ngayo icala ozoyethula enkantolo ukuze ube nobufakazi bezindleko okwadingeka ukuba uzikhokhe. Uma wasebenzisa ummeli ngesikhathi secala, kuzodingeka ukuba umngani wakho akhokhe nalezo zindleko owazikhokhela lowo mmeli.
Thola ikhophi yezindleko zommeli egunyaziwe noma umcele ukuba azofakaza ngemali owamkhokhela yona.
Uzomdinga ummeli kuleli cala. Uma akugculisa owamsebenzisa ecaleni lokuqala, cela ukuba akumele nakuleli. Kodwa uma unenkinga yokumthola sicela uxhumane nehhovisi loFezela eliseduze nawe ukuze sikusize sikutholele ozokumela.[z]
Umngani ongenaqiniso
uthini umthetho
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
