ZULU.2750.muthi
nguFORCE KHASHANE
OMUNYE wabafundi bethu ungibhalele wathi: "Amakhasimende avele azidlulele ebhizinisini lami angangeni. Ngabe ukhona umuthi engingawusebenzisa, ukwenza ibhizinisi lami lingingenisele imali""
Akusiye kuphela ohlangabezana nale nkinga. "Ngidayisa izingubo zokugqoka nobhulankethi kodwa ibhizinisi lami alinginiki nzuzo, kunalokho ngiyalahlekelwa," kubhala enye intokazi yaseCape Town ethi kumanje isezikweletini futhi ibhekene nezinkinga zokuqoqa izimali kwabayikweletayo.
Ukhona umuthi ozokusiza ebhizinisini lakho ukuba liqhube kahle - iwoza-woza.
Leli gama liyazichaza, kanti ibhizinisi liyaphumelela uma amakhasimende engena njalo kulona.
Ukuphatha ibhizinisi akubandakanyi nje kuphela i-business plan enhle, kodwa kufanele futhi libe sendaweni enhle ekhangayo lidayiseke kahle emphakathini.
Kufanele futhi indawo ekulo uyiqinise ngomuthi ukuze uvikele imimoya emibi njengotikoloshe, impundulu nokunye okungakulethela isichitho noma amashwa.
Ngamanye amazwi, kufanele ulivikele ibhizinisi lakho nawe ngokunjalo.
Uma umuntu egula, asikho isikhathi esichithwayo kodwa uphuthunyiswa kodokotela noma ezinyangeni. Lena iyonanto okufanele yenzeke nasebhizinisini lakho.
Kufanele uzinike isikhathi sokuthola inyanga noma isangoma esizoliqinisa" - nokuyinto okufanele uyivuselele minyaka yonke noma lapho kudingeka.
Uma ukhohlwa yilokhu newoza-woza, ibhizinisi lakho lizoba senkingeni.
Ngisho iwoza-woza ngokwayo ayanele - izokulethela amakhasimende kodwa ngeke ikuvikele emimoyeni emibi okuqondwe ngayo ukukudicilela phansi.
Ukwenza isibonelo, uma udayisa emgwaqweni kufanele uvikele itafula lakho bese usebenzisa iwoza-woza.
Kuhle futhi ukushisa ibaso endaweni odayisela kuyona - ibaso elenziwe ngamafutha embuzi. (Kungakho izimbuzi sezibiza kangaka namuhla. Abantu sebeyawabona amandla azo).
Ungasebenzisi amafutha emvu ukwenza ibaso ngoba leso yisilwane esithule kakhulu.
Ungalokothi ucabange ukwenza ibaso ngamafutha omuntu.
Abanye abantu bafa ngenxa yomqondo ongekho wemimoya emibi - wokuthi uceba ngokushesha ngezicubu zomzimba womuntu.
Imikhuba emibi lena eyaziwa ngokuthwala ngesiZulu kanti ngesiVenda yaziwa ngokuthi yiho via okusho ukubulala umuntu ngemizamo yezinhlanhla.
Lokhu kungukubulala okuyinto engenandawo osikweni lethu.
Lolu hlobo lwe-woza-woza aluphumeleli.
UNkulunkulu namadlozi Bayawaqeda amandla alezo zangoma ezinegazi labantu ngenxa yokuthakatha.
Lezi ngezinye zezinto ezimbi ezinika ukwelapha kwesintu igama elibi.
Ngakhula ngizwa izinto ezingesilo iqiniso nezingakholakali ngokusetshenziswa kwewoza-woza ezindaweni ezifana nasemajoyintini - lapho kwakuthiwa umnini wejoyinti ugeza ngomqombothi osazodayiselwa abantu.
Okunye okwakushiwo wukuthi izinkawu ezifuyiwe zisetshenziselwa ukugaya utshwala.
Kwakuthiwa futhi utshwala obugovuzwe yizandla zenkawu budonsa amakhasimende.
Izinkawu njalo zihlale zimataniswa nezenzo zokuthakatha.
Iqiniso wukuthi izinkawu azazi lutho ngokuthakatha. Umuntu omubi yilowo ofuya isilwane ngenhloso yokusenzisa izinto ezimbi.
Okufanele ukwenze, wukuthola umuthi oyiwo wokuheha amakhasimende ebhizinisini lakho. [z]
34 BONA ZULU - April 2006
Ezemithi yesintu
Bhajethela iwoza-woza!
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
