zulu.2743.health
EZEMPILO
GREAT STOCK!
BONA ZULU - March 2005
Zivuselele!
"Imizimba yethu ine-detox system engaphakathi ekhipha ubuthi," kusho uchwepheshe wezokudla uCelynn Erasmus.
"Leli yithumbu lomgudu wokudla, owomchamo nesibindi. Ukuze konke kusebenze kahle, khetha okuzozwana nawe."
Ukuzilungiselela ikhefu lePhasika, nazi izindlela ezilula ezingabizi ongazihlanza ngazo.
n Phuza i-caffeine encane notshwala.
n Phuza amanzi amaningi ne-fruit juice.
n Gwema okunosawoti namafutha.
n Idla ama-fruit nama-veg amaningi.
Yini ejabulisa izinhliziyo"
Izinhliziyo ezijabulile azithandi ukuphatheka kabi....ngoba zithanda ukuhlale zijabulile!
Kunjalo, ukuhlale ujabulile yisona sipho esingcono sempilo ongasinika inhliziyo yakho ngokusho kwabeSA Heart Foundation. Lokhu kungenxa yokuthi i-stress sikhipha amafutha amabi i-blood pressure yakho ibe phezulu iphinde isabalalise amafutha emzimbeni.
Cela usizo kwabomndeni, abangani noma udokotela wakho uma uphethwe yi-stress noma umzimba uphansi.
Vuselela impilo yakho.
Hlala uphilile ngezeluleko zikaPatricia McCracken
IQINISO:
Uketshezi oluzungeze ingane
Vula umqondo
"Emdlalweni womqhudelwano njengowebhola, umdlali ngamunye kungenzeka abhekane nezimo zokudlala cishe ezingu-140," ngokukholwa kukaTed Dumitru, owayeqeqesha iBafana Bafana kwi-African Nations Cup.
Kungakho kubalulekile ukuqeqesha umqondo nomzimba - echaza encwadini yakhe iMaximal Training (Tafelberg, R79) - nokuyilapho enabe kabanzi ngokuqeqesha umqondo.
esibelethweni luyabuyiseleka
IQINISO:
njalo emahoreni amathathu
Idla izithelo!
Uphayinaphu ngaphezu kokunambitheka, unokuningi okulungele impilo yakho ngokocwaningo lwabeState University of New York.
Nakhu ongakuzuza kuwo nomndeni wakho.
n Uno-Vitamin C, ovuselela amasosha akho omzimba uphilise amazinyo nezinsini.
n Une-bromelain, evikela ukushisa kobuhlungu futhi engasiza ekwehliseni ukuvuvukala emva kokulimala noma kokuhlinzwa.
n I-bromelain yehlisa futhi ukugula okufana ne-catarrh ne-bronchitis.[z]
Umuntu ongu-75kg udla
50 tons wokudla
impilo yakhe yonke
BONA - August 2005
