zulu.2741.yourceleb_cover
Udumo nokubonga
UWINNIE MASHABA nomyeni wakhe bavuka ekuseni ngovivi ngo-4:30 basuka eLimpopo balibangisa eGoli. UMam uDeborah Fraser kwakukhona lapho ayezocula khona kungekudala kodwa wazinika isikhathi salolu suku.
UNtokozo Mbambo ufika uphethwe wumkhuhlane kangangoba kufanele aphumule embhedeni, kodwa naye ufikile ukuzoxoxa nabakwaBONA.
Phezu kokuba matasa bonke laba besimame bakwazile ukubamba isikhathi sokubonana nathi kule ndawo yaseZoo Lake.
UWinnie ubukeka ezikhululekele ematekini akhe e-All-Star, eshaye isiketi esihusha phansi nejakhethi efudumele nesigqoko. UNtokozo waqhamuka efake ama-slippers antofontofo ehamba nomyeni wakhe naye oyilungu leJoyous Celebration uNqubeko Mbatha. UMam' Deborah naye wayemuhle.
Yini ngempela eyenza lezi zingqungqulu zomculo woKholo zisunduze izulu nomhlaba ukuze zibe lapha? U-August yiNyanga yabesiMame, bazimisele ngokuhlonipha abesimame abasezimpilweni zabo, abesimame baseSA nezinselelo ezibenze baba yilokhu abayikho namuhla.
Nazi izindaba zabo...
UDABA OLUPHAMBILI
Izintokazi ezintathu zakuleli ezingabaculi bomculo woKholo zisitshela ngezinselelo eziphumelele kuzo nokuthi zibahalalisela kanjani abesimame abazifake ugqozi!
NTOKOZO MBAMBO
"Ngiziqhenya ngokuba ngowesimame enginguye"
KWABANINGI, uNtokozo Mbambo (24) uyisibonelo esihle sokuthi owesimame ongumAfrica kufanele abe njani. Uziphatha ngenhlonipho nangendlela enesithunzi.
Ushade nongumqondisi wezomculo kwiJoyous Celebration futhi odlala upiyano uNqubeko Mbatha - noWinnie Mashaba waphawula ngokuthi uMrs Mbatha "usemusha kodwa indlela akhuluma ngayo kuyakhombisa ukuthi ngumuntu wesimame ozithandayo nozihloniphayo."
UWinnie wengeze ngokuthi ulitusa kakhulu ithalente likaNltokozo ngoba uma esesteji wenza okungaphezu kokuthokozisa abalandeli: "Uma ecula, kufana nokuthi uyashumayela. Unaleso siphiwo sokuphendulela abantu kuNKULUNKULU."
Uvumile ukuthi uyazithanda futhi uyazihlonipha: "ngingumuntu enginguye, ngenza engikwenzayo nokuyinto engizinikele kuyo."
Umama wangifundisa ukuthandaza nokuba ngibe ngowesimame ozihloniphayo."
Umama wakhe uNonhle Mbambo uphinde abe yimenenja yakhe yezomculo. Njengoba abazali bakhe babecula eqenjini lomculo nonguphrojusa nongumculi uMthunzi Namba, uNtokozo waba nethuba lokuba yingxenye yokucula bukhoma kukaMthunzi eseneminyaka engu-13.
Nakuba wayenamahloni esaba, kodwa umama wakhe wayehlala naye phansi amkhuthaze athi: "Mntanami, wubizo lwakho lolu. Vumela UNKULUNKULU Asebenze ngawe."
Wayeneminyaka engu-16 ngesikhathi eba yingxenye yeJoyous Celebration 6 okokuqala ngqa. Umsebenzi wakhe wokucula waqala kahle kakhulu ngesikhathi ekhipha i-albhamu yakhe ethi Bambelela nayecula yedwa kuyo ngonyaka olandelayo u-2002 - kodwa i-albhamu yakhe yesibili, ethi Keep On Believing, yaze yaphuma emva kweminyaka emihlanu ngo-2007.
"Ukulinda kwami kwaba yisikhathi esinzima njengomuntu wesimame nomculi. Kwangithatha isikhathi eside ngizifune ukuthi ngingubani nokuthi yini eyayiLindelwe WUNKULUNKULU ngami."
Washada nesithandwa sakhe uNqubeko Mbatha ngo-April ngonyaka odlule nokuyinto athi ngesinye sezinqumo ezinhle ake azithatha.
"Ngikujabulela kakhulu ukushada naye.
Sizwana kahle kakhulu, ungumuntu olungile."
Okwamanje abakabi nezingane njengoba besagxile emisebenzini yabo - kodwa uNtokozo uthi usekubheke ngabomvu ukuba ngumama.
Uma ethole indodakazi, uthi uyoyifundisa ukuzithanda njengaye hhayi ukuba idlale abantu nokungabi nokuzethemba.
Ngesikhathi esho lokhu, simbuzile
ukuthi ngabe yena
wake waba nokungazethembi noma nokuzinyeza ngenxa yobungako bomzimba wakhe.
"Ngangingakuthokozeli ubukhulu bomzimba wami njengoba ukuba mncane kuyinto enhle kwabaningi," kusho yena.
"Nsuku zonke UNKULUNKULU Uhlale Engitshela ukuthi ngimuhle. Ngiyazi ukuthi kufanele nginciphe ngizithande futhi," kusho yena.
WINNIE MASHABA
"Umama wangenza ngaba engiyikho namuhla!"
UNABALANDELI abaningi eSA nasemazweni angomakhelwane, kodwa ukube akubanga ngenxa kamama wakhe ongasekho ngabe asilibonanga ikhono likaWinnie elimangalisayo.
Ngesikhathi omama abaningi babekhuthaza izingane zabo ukuba zibe ngothisha nabahlengikazi, umama kaWinnie u-Enicah Mashaba wamnika ithuba lokuthola udumo.
"Umkhulu wami uJudas Mashaba nguyena owokuqala ukuqaphela ikhono lami lomculo. Wayelokhu ethi kubantu 'le ngane iyoya kude njengoBrenda Fassie'," kusho uWinnie ehleka. "Kodwa umama wami nguye owakwenza konke kwafezeka".
"Ngamtshela ukuthi ngelinye ilanga ngifuna ukucula esteji. Esikhundleni sokungishumayeza ngesikole, ngasese wangifunela umuntu owayezongisiza ngifeze iphupho lami."
Umama kaWinnie wathola inombolo yomculi uSolly Moholo wamtshela ngendodakazi yakhe enekhono.
Ngelinye ilanga uSolly washaya ucingo esho ukuthi uzokube eseGaPhasha eSteelpoort eLimpopo lapho uWinnie nomama wakhe babehlala khona ngaleso sikhathi.
"Wayedlala kwenye indawo kodwa wazinika isikhathi sokuza ekhaya wangicela ukuba ngicule - ngavele ngaculela phezulu".
Emva kokujoyina inkampani yokuqopha kaSolly - iSolly Moholo Productions, waqopha i-albhamu yakhe yokuqala i-Exoda 20, eyakhishwa ngo-2000. Yathengisa yafinyelela ezingeni legolide ithengisa amakhophi angaphezu kuka-30 000.
I-albhamu yakhe ka-2006 ethi Thola Ngoaneso, yathengisa ngaphezu kwamakhophi angu-150 000. Waqokelwa umklomelo weKora ngo-2005 nowamaSAMA ngo-2007 kanti kulo nyaka uqokelwe oweBest African Traditional Gospel.
Kafushane, uWinnie (28) ngomunye wabaculi besimame bakuleli bomculo woKholo abahlonishwayo namuhla - kodwa akafuni ukuthatha lonke lolo dumo.
"Umama wami nguyena muntu wesimame obaluleke ukubedlula bonke empilweni yami," kusho yena.
"Wayeyimenenja emakhazeni ezidumbu, engumholi woPhiko lwabesiMame kwi-ANC endaweni yangakithi.
Kwabanye besimame abamkhuthaza singabala abaculi uYvonne Chaka Chaka, Mam' Ebony (oshade nomculi kamaskandi uHash' elimhlophe) nonguNgqongqoshe wezangaPhandle uMaite Nkoana-Mashabane.
"Ngiyayithanda indlela abaqine ngayo empilweni. Bayabahlonipha abayeni babo nemindeni yabo kanti bangisiza ukuze ngibe ngowesimame ongcono bangenza nganeqholo lokuba ngowesimame wakuleli."
UWinnie naye wethemba ukuthi uzoqhuba ngale ndlela ekhaya lakhe. Washada ngo-2007 kanti umndeni wakhe ubandakanya indodana yomyeni wakhe eneminyaka engu-8 nodadewabo kaWinnie omncane (14) nomfowabo (11).
UWinnie akumkhathazi ukungabi nezingane zakhe njengamanje. "Ngazitshela ukuthi yonke into inesikhathi sayo. Ngingumuntu namuhla ngenxa yokuba ngumama kulezi zingane. KuluHlelo lukaNKULUNKULU - kungakho ngingafuni ukuzikhathaza ngezinye izinto," kusho yena.
I-albhamu yakhe yakamumva iJoang Kapa Joang ekhishwe ngoFebruary kulo nyaka, kumanje ukuthengiswa kwayo sekubange ezingeni le-platinum.
DEBORAH FRASER
"Ngabhukula ngalwa!"
UMCULI womculo woKholo uDeborah Fraser ukhonze ukuncokola, ukufaka ubucwebe, kanti futhi unendlela yakhe ehlukile yokugqoka.
Impilo yakhe ingaphendulwa ibe yiziqephu zempilo engubukhazikhazi yomdlalo iGenerations.
Izingane ezimbili azithola engakashadi nobuhlungu bokudivosa - phezu kwakho konke lokho, usabahlanyisa abalandeli bakhe.
Lo mculi uyagcizelela ukuthi naye ungumuntu nokuthi uKholo alusho ukuba msulwa.
Yikho lokho okuchazwa yingoma yakhe Abafundisi Abarongo kwi-albhamu yakhe yakamumva ethi Umsamariya.
"Angazi ukuthi kungani kubekhona abantu abazibiza ngabefundisi kodwa izenzo zabo zixosha abanye abantu emasontweni. Labo yibona bantu UNKULUNKULU Abafunayo. UJesu wafela izono zethu. Sonke siyefana emehlweni Akhe."
UDeborah Fraser (42) maduze nje uzobonakala emdlalweni weTV othi Hola Mpintshi.
Ngo-1996 washonelwa yindodana yakhe yokuqala ebeletha. Izwi lakhe livele lishone phansi uma ekhumbula ukuthi wayethokoze kanjani ezokuba ngumama. "Emva kokuziphatha kahle isikhathi eside, ngangicabanga ukuthi sekuyisikhathi esifanele, kodwa kwangaba njalo," kusho yena ngobuhlungu adlule kubona.
Ekugcineni wabeletha uNkosana (oneminyaka engu-9 manje) no-Aaliyah (onengu-7 manje), kodwa kuyena uDeborah, impilo ayimhambelanga kalula.
"Ngikhumbula kahle, ngathola u-Aaliyah ngonyaka engakhipha ngawo i-albhamu yami yokuqala. Ngangimatasa ngingenalo nethuba lokukhulisa izingane zami, kodwa isikhathi esincane engangisithola ngangisichitha nazo ngizama ukuzifundisa konke engingazifundisa kona."
NgoMusa kaNKULUNKULU, izingane zakhe zakhula kahle kanti njengamanje sezihlala naye. Usethathe nendodana kamshana wakhe enguNoah wazohlala nayo futhi uyakuthanda ukuba ngumama - nakuba "ngisiqinisa isandla ngingazwani nento engasile," kusho yena.
Ngo-2007 uDeborah wayecabanga ukuthi useyitholile intokozo nobaba wezingane zakhe ngesikhathi ehlangana nomfundisi waseNigeria uSockey Okeke.
Uthando lwabo lwajika lwaba nokuhlukumeza kwaphetha ngokuba uDeborah adivose u-Okeke.
Ukholwa wukuthi iNyanga yabesiMame yisikhathi esihle sokucobelelana nabanye besimame ngezinto adlula kuzo aphinde abeluleke.
"Ngingumculi womculo woKholo, abantu bayangazi futhi bayangithanda - balindele lukhulu kimina kodwa futhi nami ngingumuntu," kusho yena.
"Ubuhlungu buya enhliziyweni kimina njengoba kwenzeka noma kubani."
Ngomshado wakhe uthe: "kwakuyisikhathi esibuhlungu nesokukhathazeka kodwa engikuthandayo wukuthi ngacela UNKULUNKULU ukuba Abambe isandla sami Ahambe nami.
"Isizathu esenza ngikhulume ngokuvuleleka ngomshado wami wukuthi ngiyazi kunabantu abamthandayo uDeborah abazongilandela ngisho ngabe sekunjani. Ngisho ngabe ngenza into ephambene, bacabange ukuthi iyiyo. Angikufuni lokho. Okunye okubaluleke kakhulu, ngifuna nabanye besifazane bazi ukuthi akufanele bahlalele ukuhlukunyezwa emakhaya belokhu bezitshela ukuthi kuzolunga!
"Uma umuntu ekuncinza, nawe ungamncinza noma uvele uhlale phansi ukhale. Mina-ke angisiyo ingane elokhu ikhala, ngalwa ngokuba ngiye endaweni engangingeke ngizwe ubuhlungu kuyo."
Engomeni ethi, Bengithi Ngizo Bekezela (I Thought I Would Endure) usitshela ngokuthi wayecabanga ukuthi kunethemba lomshado wakhe, kodwa lingekho nokuthi uthando lweqiniso aluhlukumezi.
Siyethemba abesimame bakuleli bazokhuthazeka kule ndaba enzima yale ntokazi.[z]
INDAWO ONGABA KUYO
Ukugubha iNyanga yabesiMame ngendlela yesitayela sama-Afrika, uBONA wahlela ukuthwebula izithombe zekhava ka-August eMoyo Restaurant eZoo Lake eGoli.
Ukudidiyelwa kwayo ngendlela yase-Africa namasiko amadala afana nokupendwa kobuso, ukugezwa kwezandla nokuxoxwa kwezindaba. Le ndawo iqhakambisa ubuhle bakwelase-Africa nokuzihlonipha kwezihlabani zethu ezisekhaveni - uDeborah Fraser, Winnie Mashaba noNtokozo Mbambo. Ukuze ubhuke, shayela kule nombolo: 011-646-0058
Indaba: Ntokozo Maseko
Izithombe: Shaun Smith
Izinwele neziphaqulo: Vuyo
Isitayela: Thato-ya-Ona Lerefolo
Indawo okwenziwe kuyo konke Moyo Restaurant, Zoo Lake
UDeborah ugqoke:Ingubo e-pink yaphesheya iGrecian Pallu.
UWinnie ugqoke:
Ibhantshi eli-grey elinombalo omnyama, Foschini.
Isikhafu esibomvu, Truworths.
UNtokozo ugqoke:
Ibhantshi elibomvu, Donna Claire @ Foschini.
Isiketi esimnyama esishaya
emadolweni nebhande
elimnyama nokumhlophe,
Donna Claire @ Foschini.
