zulu.2738.lvovo
BONA ISIHLABANI
U-L'Vovo ohlala ematasa uthole isikhathi sokuxoxisana nathi ngodumo lwakhe, ifeshini, ukusinda kwakhe engozini - nangephupho lakhe elingasoze lafezeka...
Indaba Patricia McCracken, izithombe Sally Chance
U-L'Vovo unethezekile
USUKE engatho-kozile ngokuphelele uL'Vovo Derrango oyisihlabani saseThekwini seKwaito uma engena ngemoto ekhaya lakhe eliseManor Gardens. Emva kwezinyanga eziyisithupha kuphela ejoyine imboni yomculo wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi Derrango, wazithengela nemoto. Ingeyohlobo lwe-Audi A3 kanti i-numberplate yayo ithi LVOVO-ZN. Manje usezithengele umuzi. Kodwa intokozo yakhe ayiphelele ngoba ubaba wakhe obezomhalalisela ngempumelelo yakhe akasekho.
"Ubaba wami washona ngisafunda e-primary. Abafowethu nomama bazama ukungiduduza kodwa ngisamkhumbula namanje," kusho uL'Vovo onguThokozani Ndlovu. "Kukhona izinto oke ufise ukuzixoxa nobaba wakho uma uyingane yomfana.
"Ngike ngizwe abantu bekhuluma ngobaba babo ngibe nesizungu sakhe ngizibuze ukuthi mina ngaba nabhadi lini ukuthi owami angishiye.
"Ngifisa ukuthi ngabe usaphila ukuze abone ukuthi umndeni wakhe uthokoze kangakanani. Ubezoziqhenya kakhulu ngami."
USETHOLE inqwaba yabalandeli ngenxa yama-albhamu akhe amabili nokubonakala kwakhe emakhonsathini omculo, kuma-nightclub nasezinkundleni zemidlalo - abalandeli bambiza ngoTeddy Bear, igama lesihloko se-albhamu yakhe entsha.
"Abantu bangithanda ngiqala ngakho kodwa ukucula," kusho yena. "Bayamemeza, bafune ukungithinta bathathe nezithombe.
"Ngazibuza ukuthi konje ngingababonga ngani? Abantu abaningi bayayithanda i-teddy bear kanti nami ngibukeka njengayo. Ngawo ngithi 'Ngiyabonga ngokungithanda kwenu.'"
Akukho teddy bear kwi-dashboard yemoto yakhe, kodwa kukhona unodoli efasiteleni elingemuva.
"Ngihlala ngifuna ukubukeka kahle esteji," kusho yena esikhombisa ama-golf shirt akhe amibalabala akhetha kuwona azoyigqoka uma eyocula eNelspruit, eBuffalo City, Mbabane, Jozi, nakwezinye izindawo. "Asevele afana nami - ngiwagqoka u-collar ubheke phezulu."
Uvame ukuchitha izinsuku ezine esontweni esebenza kusukela ngoLwesine noma ngoLwesihlanu kuye kuMsombuluko. Uma engaculi uthanda ukuziphumulela ekhaya.
Ekhishini lakhe likanokusho upheka ipapa nenyama noma adle amasi ukuze ahlale ebukeka njengeTeddy Bear.
Uma ukhuphuka ngezitebhisi, ngaphandle kwefasitela legumbi lakhe lokulala ukhangwa yizihlahla zesundu ezimshushuzelayo uma eselele.
Kubonakala ngendlela elihlotshiswe ngayo ukuthi yikhaya lensizwa engakashadi leli. Emaqenjini ebhola aphesheya kwezilwandle uthanda i-Chelsea. Unobhazabhaza weTV engu-102cm kanye neX-box adlala kuyona ama-games akhe.
Umculo wakhe awuthandayo uwulalela emsakazweni wakhe owukhipha kahle umsindo kanti ukhonze i-jazz, classic, kwaito ne-house.
UXHUMANA nomndeni wakhe kanye nabangani ngocingo kanti umama wakhe nabangabalandeli bakhe bahlale bemshayela ucingo. Ungumagcino emndenini owawunezingane eziyisithupha - manje bathathu kuphela kubo. Odadewabo abadala oJabu Soko noLindubuhle Ndlovu bahlala eNewcastle lapho umama wakhe uThokozile Ndlovu (52) ehlala khona.
"Umama wami oyisibonelo esihle kimina ngoba wazinqoba izinkinga adlula kuzona," kusho uL'vovo. "Kuningi engakuncela kuyena.
"Wanginika konke engangikudinga ubaba engasekho - usangisiza kukho konke engikwenzayo namanje.
Uya kanye ngenyanga eNewcastle kanti ngoKhisimusi ngonyaka odlule wayeka ukuhamba isonto lonke ecula ukuze aye ekhaya emndenini wakubo ayochitha amaholidi nabo. Walithola khona igama likaLV, eqanjwa ngomculi waseMelika ocula i-rap owayedume ngaleso sikhathi.
"Kwathi lapho sengifunda esikhungweni semfundo ephakeme eThekwini, abangani bami balishintshela kwelikaL'Vovo," kusho yena.
Kwathi lapho esephothule izifundo zakhe eDurban University Of Technology, waba nguMC emicimbini ethile waqala nokucula.
"Ngangingazitsheli ukuthi ngiyoba ngumculi ngoba ngagcina ukucula ekhwayeni e-primary," kusho isihlabani somculo we-kwaito ithalente laso elabonwa nguZakhele Madida onguphrojusa. Wacela uL'vovo ukuthi akeze estudiyo akhulume embhobhweni aphawule ngomucu othile.
"Emva kwamasonto amabili wangishayela ucingo wathi, 'Mfowethu, lihle izwi lakho.' Ngangingazi ukuthi ngingacula kodwa wangethemba."
KWADINGEKA ukuba asebenze ngokuzikhandla abhale amagama e-albhamu yakhe yokuqala. Ezinye izinkampani zomculo zayinqaba - wawucula ngaleso sizathu umucu wakhe othi Bayangisukela. Ngawo wawina umklomelo weSong Of The Year kumaMetro FM Awards kodwa akekho ohlwini lwabaculi abaqokwe kumaSAMA.
Kungenzeka ukuthi badidwa yisigqi seDKM (Durban Kwaito Music) aseshintshele kusona.
"IGoli liyikhaya le-kwaito ongayifanisa ne-rock. I-kwaito yaseThekwini inesizotha. Ungayilalela ushayela uyidansele.
"I-albhamu yami yesibili ixube i-kwaito ne-house. Ikhuluma ngezinto ezenzeka ezimpilweni zethu."
Kungenzeka ukuthi kuyona iyaphathwa nendaba yokunqatshelwa kwakhe ukuba angene eDubai - ngaleyo ndlela kwabhuntsha izinhlelo zokucula eLondon neMalaika - neyamantombazane ahlale egaqele abesilisa kuma-nightclub.
Yena noZakes bayabonga njengoba lesi sikhathi sibafice besaphila.
NgoSeptember ngonyaka odlule babesuka eDelmas ngeSonto ebusuku beya e-OR Tambo International Airport ngesikhathi imoto yabo ishayisana nenye.
Kuleyo ngozi kwashona uDJ Budda nomshayeli uSello Mohlala.
UZakhele Madida noL'Vovo balimala. Kwadingeka ukuba uL'Vovo ahlinzwe engalweni.
"Sabona kufanele ukuba sikhiphe i-albhamu yesibili ayezocula kuyona naye ukuba ubesaphila.
"Ngaya estudiyo ingalo yami ingakapholi saqopha kwaphela izinyanga ezimbili."
"Ayikho enye i-albhamu esizoyikhipha kulo nyaka," kusho yena. "Kungenzeka ngikhiphe iDVD..."
I-video yakhe yawina umklomelo weBest Kwaito Video kuma-all-Africa awards eChannel O! [z]
Uyayazisa indlela abukeka ngayo - "Ngigqoka ama-golf shirt anemibala egqamile apheqwe u-collar uma ngisesteji," kusho uL'Vovo. "Ngithenga okudonsa amehlo ami uma ngise-mall."
I-Teddy Bear inethezekile ekhaya layo - ingumlandeli weChelsea.
Igama elithi "L'Vovo" kwi-Internet ngaphandle kwalona ongumculi, ngeledolobha laseRussia!
u
t
Aaah!! - uL'Vovo uyathatheka uma esecula umucu wakhe othi Amajita okwi-albhamu yakhe yokugcina.
UPHAWULA NGOTHANDO
Ukhona umuntu engibambisene naye kwezothando. Kodwa akafuni ukudalulwa. Uphila impilo yakhe engahlangene nodumo nengikwenzayo.
Kungcono kakhulu lokho ngoba besizoba nengcindezi enkulu ukuba naye ubekwezikaqedisizungu. Akadumile, akekho owazi ukuthi uhlalaphi nokuthi wenzani ngempilo yakhe.
Asisitholi isikhathi sokuba ndawonye kanti kulo msebenzi engiwenzayo kufanele uthandane nomuntu onolwazi olugcwele ngawo okwethembayo.
