zulu.2735.jonathan
NGESIKHATHI uJonathan Butler eseyingane ehlanyisa abaningi lapho ayedlala khona kweloMzansi wakwelase-Africa, ukhumbula eqondwa ngowesimame kwenye yama-nightclub eThekwini ethi kuye, wena ngelinye ilanga ngiyokubona eCarnegie Hall, nokuyindawo ephezulu yezomculo eMelika.
"Ngangingenalwazi lokuthi usho ukuthini ngeCarnegie Hall," kusho uButler okumanje uneminyaka engu-47. "Ngesikhathi ngidlala eCarnegie Hall ngakucabanga sengise-stage lokho okwashiwo yilowo wesimame ngesikhathi ngiseneminyaka engu-7.
Kwakuyiminyaka yo-1970 ngezinsuku zebhendi iGolden City Dixies nemiklomelo yeSarie esasingayifanisa namaGrammy akuleli - kodwa futhi kwakuyisikhathi sobunzima, sobubha nengcindezi yokuba ngondle umndeni wakithi omkhulu ngisemncane."
Lo mculi ongumbhali wezingoma nomdlali wesiginci, umculo wakhe uwudlala ngezindlela eziningi njengeR&B, jazz fusion kanjalo nowoKholo. Isingili yakhe yokuqala kwaba ngeyokuqala ngqa yomuntu omnyama ukuba idlalwe yisiteshi sokusakaza sabamhlophe ngesikhathi sobandlululo lapha eSA nokuyiyo eyamtholela umklomelo weSarie.
Emva kwalokho kwalandela ukuqokelwa amaGrammy amabili.
Usuka kude
"Ngiphuma emndenini omncane lapho wawungekho ugesi, engekho amanzi, isitofu singaphandle," kusho uButler owayemncane kunazo zonke izingane ezingu-12.
"Ngisakhula emndenini wami, kwakukhona ubunzima ngoba kwakunezinsuku lapho kwakungekho khona ukudla imimoya iphezulu ngenxa yendlala."
Kusukela eneminyaka eyisithupha, wayesebenza njengelungu leqembu lomculo iGolden City Dixies, nokwakuyibhendi eyayihambela ezindaweni eziningi imtholisa imali ayeyinika umama wakhe ukuze ondle umndeni wakubo.
"Namanje ngisabondla," kusho yena.
Ikhono likaButler labonwa nguphrojusa waseBrithani uClive Caulder nokwathi lapho esemncane wasayiniswa ngaphansi kweJive Records, nokwadingeka ukuba ahambe aye eLondon ayohlala khona iminyaka engu-17 ngaphambi kokuyohlala eMelika lapho esehlala khona nonkosikazi wakhe nezingane zabo ezintathu.
Ukuzethemba
Ukuzethemba kwakhe kuyabonakala ngesikhathi exoxa ngama-shows akhe amabili abe nawo e-Artscape theatre eCape Town ngomhlaka 2 kulo February - emva kweminyaka engu-18 kusukela owayengumongameli wakuleli uFW de Klerk amemezela ukuqeda ubandlululo.
"Kwathokozisa kakhulu. Angikaze ngikubone ukuthokoza nokujabula abantu ababenakho bememeza becula bedumisa."
Hhayi ukuDumisa yena kodwa uNKULUNKULU.
Ukubuyela kwakhe eCape Town kwakuhambisana nezinto eziyizinkinga ezithinta isikhathi sakhe esedlule.
Ukuza kwakhe ukuzodlala kuleli ukuchaza njengento okwakuyinhloso acabanga ukuthi uNKULUNKULU kukhona Ayelindele ukuMbulela kona.
"Ngakolunye uhlangothi, ukubhekana nesimo somndeni wami. Ngaleyo ndlela kwadingeka ukuba ngibhekane kahle nalezi zimo zonke ngokulinganayo," kusho yena.
UButler ukholwa wukuthi abaculi abaqhamuka emphakathini ohluphekayo babhekene nobunzima bengcindezi yokungakwazi ukumelana nodumo.
"Yilo oluholela ekuweni kwabaningi, nakimina indlela yami ngisemncane yayihamba lapho," kusho yena.
Uthi kulokho wasizwa ikakhulu wukholo lwakhe eNkosini.
Isipho esiyigugu
Ngezikhathi zobandlululo uthi okwamvula amehlo yingesikhathi eya kwelinye isonto eGoli nokuyilapho kwakukhona abantu bezinhlanga ezehlukene bekhonza ndawonye.
"Lokho kwayishintsha inhliziyo yami - yingakho ngingenanzondo noma ukucasuka," kusho yena.
Umculo yisipho esiyisimangaliso uNKULUNKULU Amnika sona ukuze asebenze ezinhliziyweni nasezingqondweni zabantu. Njengoba esedayise ngaphezu kwamakhophi amarekhodi ayisigidi, uButler wakhipha ama-albhamu amabili ngo-2007 iBrand New Day neLive In South Africa, ukwengeza kwangu-13 edlule kusukela kwethi 7th Avenue, ayikhipha ngo-1977.
Nakuba udumo lwalumthokozisa esemncane kodwa uthi ulujabulela kakhulu manje ngoba luya luba ngcono usuku nosuku.
"Lamukeleni kancane kancane ukuze nikwazi ukulilawula kangcono kungafani nokulithola lonke ngasikhathi sinye," kusho yena eluleka abaculi abasebancane."[z]
UJonathan ubuyile!
Ngesikhathi ekuleli ezokuba nama-shows ambalwa maduze-nje, uJonathan Butler wasilandisa ngodumo, umculo, uNKULUNKULU nokukhulela kwakhe ekuhluphekeni...
indaba nguPATRICK BURNETT IZITHOMBE NGABEPICTURENET
UMCULOWE-POP
u
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Akanalo iqiniso
INKINGA: Ngangisebenza epulazini ngaxoshwa emva kokuba umnini-pulazi ethe ngintshontshile ngajoyinisa nabasebenzi bakhe inyunyana epulazini lakhe. Angiwazi wonke lawa macala angethwesa wona.
Ngesikhathi engixosha akanginikanga i-unemployment card kodwa wangiholela imali yezinyanga ezintathu.
Izinkomo zakhe uzelusela emhlabeni wakithi kanti wathi akayifuni imfuyo yakithi epulazini lakhe. Ngicela usizo.
ISELULEKO SOFEZELA:
Umbuzo wokuqala esithanda ukuwubuza uthi: ngabe umqashi wakho wakunika incwadi yokukwethwesa icala wakubizela nasesigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe"
Uma engakwenzanga lokho, akaqhubanga ngokuyikho. Ngaphandle kokungabaza, abeCCMA bazokunika igunya lokuba umethwese icala ngalokho.
Icala ongamethwesa lona elokukuxoshela ukuba yilungu lenyunyana. Uma kunjalo, wenza okungafanele ukuba akwenze njengomqashi kanti neCCMA ingathokoza ukuzwa ukuphawula kwakho kulokho ngoba uma waxoshwa kungafanele, umqashwa uzojeziswa kabuhlungu yiCCMA.
Udaba lwekhadi lakho le-unemployment kumele ulubike kwi-Unemployment Office.
Isiphathimandla sakhona sizokusiza ukuze uyithole.
Mayelana nodaba lomhlaba wakini nezinsongo zomlimi, singakweluleka ngokuthi iya kummeli.
Uma ufuna ukuthola ukuthi yimaphi amalungelo akho mayelana nalolu daba kufanele usizwe wumuntu onolwazi olunzulu ngomthetho kanti wummeli kuphela ongakwenza lokho.
Uma ungesilo ilungu lombutho woFezela ungenawo namandla okufuna ummeli, xhumana nabeLegal Aid Board abaseduze ukuze bakutholele usizo lommeli.
Uma leli hhovisi likunikeza usizo, ibhodi lizokukhokhela izindleko zommeli.
Asikwazi ukukukhiphela uhlu lwamakheli amaLegal Aid Boards kuBONA kodwa uma uya eNkantolo kaMantshi eseduze nawe, uMabhalane weNkantolo angakusiza ngekheli leLegal Aid Board eseduze. [z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
IZELULEKOZOMTHETHO
t
