zulu.2730.JandJ
UWINE
Nakekela ingane yakho
BONA ZULU - September 2007
Kukhuthazwa kubongwa omama abanakekelayo
R10 000!
imiklomelo ka-
NGE-JOHNSON'S® Baby Healthy Baby Initiative kuhloswe ukuba kukhuthazwe kubongwe omama abenza umsebenzi omkhulu wokukhulisa isizukulwane sezingane zaseSouth Africa eziphila kahle, ezithokozile neziphumelelayo, ngokusho kukaFawzia Desai oyisekela likamqondisi weChild Health eWestern Cape.
"Abazali nabanakekela izingane banomthwalo wokugcina izingane ziphila kahle. Enye yezinhloso zeHealthy Baby Initiative wukukusiza kulo msebenzi owenzayo."
Imincintiswano yeHealthy Baby Initiative yayingo-August emitholampilo ehlukahlukene eGauteng, eCape Town naseThekwini. Abafinyelele kowamanqamu bakhethwe kulandelwa umgomo wezempilo wokunakekela. Izingane ezizowina nomama bazo zizobamba iqhaza emicimbini yamanqamu eyobanjelwa ezweni lonkana ekuqaleni kukaSeptember. Bheka abawinile nomcimbi oshicilelweni lukaBONA kaNovember.
Abayowina bayothola imiklomelo nama-campcots, izihlalo nama-prams kwaka-Ackermans kanye namahampa eJOHNSON'S® Baby.
U-Karen Hansen, oyiProfessional Marketing Manager yakwaJohnson & Johnson uthi, "Umklomelo omkhulu kunayo yonke wukwazi ukuthi wenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ingane yakho ithokozile iphilile.
"Sikhuthaza bonke omama abanezingane ukuba baye emitholampilo lapho bezothola khona abahlengikazi abazobheka ukuthi ingane ikhula kanjani."
Uyigcina kanjani ingane yakho ithokozile iphilile?
n Iyise emtholampilo njalo.
n Abahlengikazi bazokunikeza ikhadi leRoad To Health elizogcwaliswa njalo uma ingane ikalwa kubhekwa ukuthi ikhula kanjani.
n Abahlengikazi bazokusiza uma unenkinga.
n Ikhadi leRoad To Health libhalwe nemigomo edingekayo kubhalwe nezinsuku ingane egonywa ngazo. Qiniseka ukuthi ingane iyithola yonke imigomo ukuze iphephe ezifweni.
Izeluleko zezempilo
USikhonjiwe Masilela, onguMqondisi kwiMaternal and Child Health and Nutrition eMnyangweni wezeMpilo eGauteng uthi:
Okunomsoco: "Ukudla okunomsoco kungaphucula impilo yengane yakho. Ukudla okungenamsoco eminyakeni emibili yokuqala ingane izelwe kungenza ukuba umqondo wayo ungakhaliphi ingakhuli kahle. Ingane eyondliwa ngendlela efanele ihlala ithokozile!"
Ubisi lwebele: "Ubisi lwebele luvikela ingane ezifweni eziyingozi lwakhe ubudlelwane phakathi kukamama nengane. Ubisi lwebele lugayeka kalula kanti lwenza ukuba ingane ikhule kahle."
Ukukalwa kwesisindo: "Isisindo sengane kufanele sikalwe nyanga zonke kusukela izelwe ize ibe neminyaka emibili. Uhudo nokuphalaza kungaba yingozi ngoba ingane iphelelwa amanzi emzimbeni. Thola usizo ngokushesha uma ingane igula."
Imigomo efanele
Funda lolu luhlu uthole ukuthi ingane yakho iyitholile yini le migomo.
n Ezelwe: Umjovo weBCG (umgomo weTB), umgomo wovendle uba ngamaconsi aconsiselwa emlomeni.
n Enamasonto ayisithupha izelwe: Amaconsi ovendle.
Umjovo wokubola komphimbo, umhlathi ngqi nokukhwehlela.
n Umjovo we-haemophilus influenza type B. Umjovo weHepatitis B.
n Enamasonto angu-10 izelwe: Phinda yonke imigomo eyenziwe inamasonto ayisithupha izelwe.
n Enamasonto angu-14: Phinda yonke imigomo eyenziwe inamasonto ayisithupha izelwe.
n Enezinyanga ezingu-9: Umjovo wokuqubuka.
n Enezinyanga ezingu-18: Amaconsi ovendle.
Umjovo wokubola komphimbo nokukhwehlela, nowokuqubuka. n Eneminyaka emihlanu: Amaconsi ovendle. Umjovo womhlathi ngqi nokubola komphimbo. [z]
Kumenywa omama abanezingane ezinezinyanga eziphakathi kuka-0 no-6 7 no-12 13 no-18
BONA ZULU - September 2007
