zulu.2729.dyslexia
Ngabe ingane yakho ine-dyslexia"
Lesi simo sizobambezela ingane yakho esikoleni kodwa futhi singanqobeka, nayo ikwazi ukuphila impilo efana neyabanye...
ESIKOLENI uDumisani (7) kwadingeka ukuba azabalaze ukuze akwazi ukumelana nezingane afunda nazo. Wayenenkinga ekufundeni kanti nakubhalayo kwakungafundeki. Abazali bakhe nothisha babedidekile ngalokhu.
Ngesikhathi eseneminyaka engu-9, uDumisani base bemthatha njengomfundi ongasheshi ukubamba ezifundweni futhi ongahlakaniphile.
Okubuhlungu wukuthi abanye bozakwabo ayefunda nabo ekilasini base bemgcona ngokuthi uyisi "domu."
Ngenhlanhla omunye wothisha bakhe owayemusha, waqaphela ukuthi uDumisani unenkinga yokungasheshi abambe ezifundweni nokuyinkinga eyaziwa ngokuthi yi-dyslexia. Ngosizo lwaloyo thisha bakwazi ukuba bayibone inkinga kaDumisani.
Kwathi lapho eselutholile usizo lochwepheshe, wakwazi ukuxazulula ubunzima ekufundeni.
Isebenza kanjani
"Uma i-dyslexia ingazange itholakale ukuze ilungiswe, ikhathaza lowo muntu impilo yakhe yonke," kusho u-Marj Arslanian wakwa-Audiblox, okuluhlelo oluyisipesheli lwemfundo olusetshenziswa umhlaba wonke ukuze kulungiswe izinkinga zobunzima ekufundeni.
Abaningi banenkinga ekufundeni nasekubhaleni, ekubeni ezimweni ezedlulele kuyenzeka bangakwazi kwanhlobo ukufunda nokubhala. Iningi lalaba bantu abaphethwe yi-dyslexia linenkinga nasesifundweni se-maths.
Uma uqaphela ingane ene-dyslexia noma umuntu omdala ungabona into efana nalena...
Amagama alula afana noRAT angaphambana abukeke njengoTAR. Noma u-WON ubukeke njengo-NOW.
Umusho ungaxoveka unganiki mqondo njengokuthi: The tactas on ethtam (the cat sat on the mat).
Ezinye izinhlamvu zamagama ziyaphanjaniswa. Ukwenza isibonelo, u-b no-d, uze uthole ukuthi igama elithi BAT selingelithi DAT kanjalo namanye amaningi.
Izinkomba nezimpawu
Ezinye izimpawu ezijwayelekile noma izinkomba ezichaza ukuthi ingane ine-dyslexia idinga usizo:
t Ukungabi nasiqiniseko ngesokunxele nesokudla nokugcina kunomphumela wokuxova izinhlamvu zamagama, amagama wonke noma izinombolo.
t Abantu abane-dyslexia banenkinga ngokulandelanisa izinto ngokuyikho. Ukwenza isibonelo: 1-2-3-4-5, noma uMsombuluko, uLwesibili, uLwesithathu. Kungenzeka bangakwazi ukuqonda noma ukukhumbula indlela lezi zinsuku ezilandelana ngayo.
t Ukufunda nokubhala ngendlela engajwayelekile kukhomba ukwedlulela kwesimo se-dyslexia nokubonakala ngokuba uwacabangisise amagama ungabi nasiqiniseko ngawo.
t Ukukhuluma emva kwesikhathi noma ukukhuluma okungavuthiwe. Ucwaningo lukhomba ukuthi kunokukhulu ukuxhumana phakathi kokungakhulumi kahle nokungakwazi ukufunda kahle.
t Ukufunda kancane okuhambisana nokungabaza.
t Ubunzima ekubhaleni.
Yini ongayenza
Uma usola ukuthi ingane yakho ine-dyslexia kubalulekile ukuba ukhulume nothisha wayo.[z]
BONA ZULU - March 2008
EZITHINTAIMPILO
indaba nguGRACE KHUZWAYO isithombe ngabeGREAT STOCK!
I-Dyslexia ingakhubaza ukuqhuba kahle kwengane yakho esikoleni.
